Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 10/15 kk. 16-20
  • Ingabe Uyahola Ekuboniseni Okholwa Nabo Udumo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyahola Ekuboniseni Okholwa Nabo Udumo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inhlonipho Nodumo
  • Dumisa Labo Abadalwe “Ngomfanekiso KaNkulunkulu”
  • Singamalungu Omkhaya Owodwa
  • Kungani Kubaluleke Kakhulu?
  • Isabelo Esiqondile Sethu Sonke
  • Dumisa “Abathobekileyo”
  • Ukubonisa Udumo Ngokunika Abanye Isikhathi Sethu
  • Zimisele Ukuhola
  • Dumisa Abantu Bazo Zonke Izinhlobo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ingabe Uyahola Ekuboniseni Udumo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Nikeza Udumo Kulowo Olumfanele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Dumisa UJehova—Ngani Futhi Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 10/15 kk. 16-20

Ingabe Uyahola Ekuboniseni Okholwa Nabo Udumo?

“Othandweni lobuzalwane thandanani omunye nomunye. Ekubonisaneni udumo nihole.”—ROMA 12:10.

1, 2. (a) Isiphi iseluleko uPawulu asinikezayo encwadini ayibhalela amaRoma? (b) Imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

ENCWADINI ayibhalela abaseRoma, umphostoli uPawulu ugcizelela ukuthi kubalulekile kithi njengamaKristu ukubonisana uthando ebandleni. Usikhumbuza ukuthi uthando lwethu kufanele “lungabi nabuzenzisi.” Ukhuluma ‘nangothando lobuzalwane’ futhi uthi lolo thando kufanele silubonise ngokuthandana ngokusuka ‘enhliziyweni.’—Roma 12:9, 10a, iBhayibheli lesiZulu elivamile.

2 Yiqiniso, ukuba nothando lobuzalwane kuhilela okungaphezu kokuba nemizwa yokubathanda abanye. Leyo mizwa kudingeka iboniswe ngezenzo. Kakade, akekho oyokwazi ukuthi siyamthanda ngaphandle kokuba simbonise ngandlela-thile. Ngakho, uPawulu unezela lesi seluleko: “Ekubonisaneni udumo nihole.” (Roma 12:10b) Yini ehilelekile ekuboniseni udumo? Kungani kubalulekile ukuba sihole ekuboniseni esikholwa nabo udumo? Singakwenza kanjani lokhu?

Inhlonipho Nodumo

3. Igama elithi “udumo” linayiphi incazelo ezilimini zokuqala zeBhayibheli?

3 Igama eliyinhloko lesiHebheru elisho “udumo” ngokwezwi nezwi lisho “isisindo.” Umuntu oboniswa udumo ubhekwa njengonesisindo noma owutho. Ngokuvamile lona leli gama lesiHebheru emiBhalweni lihunyushwa nangokuthi “inkazimulo,” elibuye libonise inhlonipho enkulu ngalowo odunyiswayo. (Gen. 45:13) EBhayibhelini, igama lesiGreki elihunyushwa ngokuthi “udumo” linomqondo wokuhlonishwa, ukwaziswa nokuba yigugu. (Luka 14:10) Yebo, abantu esibadumisayo bayigugu kithi futhi siyabazisa.

4, 5. Ukubonisa udumo kuhlobene kanjani nokuba nenhlonipho? Bonisa.

4 Kuhilelani ukubonisa abanye udumo? Kuqala ngenhlonipho. Empeleni, igama elithi “udumo” nelithi “inhlonipho” avame ukusetshenziswa ndawonye ngoba ahlobene eduze. Udumo luwukubonakalisa inhlonipho obala. Ngamanye amazwi, inhlonipho ngokuyinhloko ibhekisela endleleni esimbheka ngayo umfowethu kanti udumo lubhekisela endleleni esimphatha ngayo.

5 UmKristu angababonisa kanjani akholwa nabo udumo oluqotho uma engenayo inhlonipho esuka enhliziyweni ngabo? (3 Joh. 9, 10) Njengoba nje isitshalo sikhula kahle futhi siphile isikhathi eside kuphela uma simile enhlabathini enhle, ngokufanayo nodumo lungaba qotho futhi luhlale isikhathi eside kuphela uma lushukunyiswa inhlonipho esuka enhliziyweni. Ngenxa yokuthi udumo lobuzenzisi alushukunyiswa inhlonipho yangempela, luphela kungakabiphi. Yingakho uPawulu andulelisa iseluleko sakhe sokubonisa udumo ngala mazwi acacile: “Uthando lwenu malungabi nabuzenzisi.”—Roma 12:9; funda eyoku-1 Petru 1:22.

Dumisa Labo Abadalwe “Ngomfanekiso KaNkulunkulu”

6, 7. Kungani kudingeka sibahloniphe abanye?

6 Njengoba ukuba nenhlonipho esuka enhliziyweni kuyisihluthulelo sokubonisa udumo, akufanele nanini sikhohlwe izizathu ezingokomBhalo esinazo zokubonisa bonke abafowethu inhlonipho. Ngakho-ke, ake sixoxe ngezimbili zalezo zizathu.

7 Ngokungafani nezinye izidalwa ezisemhlabeni, abantu badalwa “ngomfanekiso kaNkulunkulu.” (Jak. 3:9) Ngakho, sinezimfanelo ezifana nezikaNkulunkulu ezinjengothando, ukuhlakanipha nobulungisa. Phawula okunye uMdali wethu asinike kona. Umhubi uthi: “O Jehova . . . , wena osithunzi sakho kulandiswa ngaso ngaphezu kwamazulu! . . . Wamenza [umuntu] waba ngaphansana kunabanjengonkulunkulu, wabe usumthwesa umqhele wenkazimulo nobukhazikhazi [udumo].” (IHu. 8:1, 4, 5; 104:1)a UNkulunkulu uthwese abantu bebonke umqhele noma ubahlobise ngesithunzi, inkazimulo nangodumo. Ngakho, lapho sinikeza omunye umuntu isithunzi, empeleni sisuke siqaphela uMthombo wesithunzi sabantu, uJehova. Manje-ke, uma sinezizathu ezizwakalayo zokubonisa inhlonipho kubo bonke abantu, yeka ukuthi kufanele sibahloniphe kangakanani esikholwa nabo!—Joh. 3:16; Gal. 6:10.

Singamalungu Omkhaya Owodwa

8, 9. Isiphi isizathu sokuhlonipha esikholwa nabo uPawulu asinikezayo?

8 UPawulu uphawula esinye isizathu sokuba sibonisane inhlonipho. Ngaphambi nje kokuba anikeze iseluleko sokubonisana udumo, uthi: “Othandweni lobuzalwane thandanani omunye nomunye.” Igama lesiGreki elisetshenziswe lapha, eBhayibhelini lesiZulu elivamile elihunyushwe ngokuthi “thandanani ngenhliziyo,” libhekisela esibophweni esiqinile esihlanganisa umkhaya othandanayo nosekelanayo. Ngakho, ngokusebenzisa le nkulumo, uPawulu ugcizelela ukuthi ubuhlobo bethu nabasebandleni kufanele buqine futhi bube nothando njengokungathi siwumkhaya osondelene. (Roma 12:5) Ngaphezu kwalokho, masikhumbule ukuthi la mazwi uPawulu wayewabhalela amaKristu agcotshiwe, wonke ayengabantwana bokutholwa kuYise oyedwa, uJehova. Ngakho, ngomqondo obaluleke kakhulu, ayewumkhaya owodwa osondelene. Ngenxa yalokho, amaKristu agcotshiwe ngosuku lukaPawulu ayenesizathu esinamandla sokuhloniphana. Kungokufanayo nangabagcotshiweyo namuhla.

9 Kuthiwani ngalabo ‘bezinye izimvu’? (Joh. 10:16) Nakuba bengakabi abantwana bakaNkulunkulu bokutholwa, bangabizana kufanele ngokuthi mfowethu nangokuthi dadewethu ngoba bakha umkhaya owodwa ohlangene wamaKristu womhlaba wonke. (1 Pet. 2:17; 5:9) Ngakho, uma labo bezinye izimvu bekuqonda ngokugcwele abakushoyo lapho bebizana ngokuthi “mfowethu” noma “dadewethu,” nabo banesizathu esinamandla sokubahlonipha ngokusuka enhliziyweni abakholwa nabo.—Funda eyoku-1 Petru 3:8.

Kungani Kubaluleke Kakhulu?

10, 11. Kungani kubaluleke kakhulu ukubonisa inhlonipho nodumo?

10 Kungani inhlonipho nokubonisa udumo kubaluleke kakhulu? Kungenxa yokuthi: Ngokubonisa abafowethu nodadewethu udumo, siba nengxenye enkulu enhlalakahleni nasebunyeni balo lonke ibandla.

11 Yiqiniso, siyaqaphela ukuthi ukuba nobuhlobo obuhle noJehova nokusekelwa umoya wakhe kuyizinto eziwumthombo omkhulu wamandla esinawo njengamaKristu eqiniso. (IHu. 36:7; Joh. 14:26) Ngesikhathi esifanayo, lapho amanye amaKristu ebonisa ukuthi ayasazisa, siyakhuthazeka. (IzAga 25:11) Amazwi okwazisa nenhlonipho asenza sizizwe sikhuthazekile. Kusenza sibe namandla okuqhubeka sihamba kule ndlela eya ekuphileni ngenjabulo nangokuzimisela. Akungabazeki ukuthi nawe wake wazizwa ngaleyo ndlela.

12. Ngamunye wethu angaba kanjani nesandla ukuze kube nomoya wothando nemfudumalo ebandleni?

12 Njengoba uJehova esazi isidingo sethu esizalwa naso sokuhlonishwa, usinxusa ngeZwi lakhe ukuba ‘sikulangazelele ukubonisana inhlonipho.’ (Roma 12:10, Today’s English Version; funda uMathewu 7:12.) Wonke amaKristu athatha lesi seluleko esingaphelelwa isikhathi ngokungathí sina aba nesandla emfudumalweni nasothandweni olusebuzalwaneni bobuKristu. Ngakho, senza kahle ngokuma kancane sizibuze, ‘Ngigcine nini ukubonisa umfowethu noma udadewethu ebandleni inhlonipho esuka enhliziyweni ngamazwi nangezenzo?’—Roma 13:8.

Isabelo Esiqondile Sethu Sonke

13. (a) Obani okufanele bahole ekuboniseni udumo? (b) Abonisani amazwi kaPawulu akumaRoma 1:7?

13 Obani okufanele bahole ekuboniseni udumo? Encwadini yakhe ayibhalela amaHebheru, uPawulu uchaza abadala abangamaKristu ‘njengabaholayo phakathi kwawo.’ (Heb. 13:17) Yiqiniso, abadala bahola emisebenzini eminingana. Noma kunjalo, njengabelusi bomhlambi, ngokuqinisekile kudingeka bahole ekuboniseni amanye amaKristu udumo—kuhlanganise nabanye abadala. Ngokwesibonelo, lapho abadala behlangana ukuze baxoxe ngezidingo ezingokomoya zebandla, bayadumisana ngokulalela ngokucophelela okushiwo yinoma imuphi umdala. Ngaphezu kwalokho, babonisana udumo ngokucabangela imibono nokushiwo yibo bonke abadala lapho benza isinqumo. (IzE. 15:6-15) Nokho, kufanele sikhumbule ukuthi incwadi uPawulu ayibhalela abaseRoma yayingaqondisiwe kubadala kuphela kodwa kulo lonke ibandla. (Roma 1:7) Ngakho, ngomqondo obanzi, lesi seluleko sokuhola ekuboniseni udumo sisebenza kithi sonke namuhla.

14. (a) Bonisa umahluko phakathi kokubonisa udumo nokuhola ekuboniseni udumo. (b) Imuphi umbuzo esingase sizibuze wona?

14 Phawula nalesi sici seseluleko sikaPawulu. Wanxusa akholwa nabo eRoma ukuba bangamane babonise udumo kodwa bahole ekubonisaneni udumo. Kungani lokhu kwenza umehluko? Cabanga ngalesi sibonelo. Ingabe uthisha angakhuthaza iqembu labafundi abakwaziyo ukufunda ukuba bafunde ukufunda? Cha. Sebeyakwazi ukufunda. Kunalokho, uthisha angasiza laba bafundi ukuba bathuthuke endleleni abafunda ngayo. Ngokufanayo, ukuthandana okusishukumisela ukuba sibonisane udumo, kakade kuwuphawu olubonakalisa amaKristu eqiniso. (Joh. 13:35) Nokho, njengoba nje abafundi abakwaziyo ukufunda bengathuthukisa ikhono labo lokufunda, nathi singathuthuka ngokuhola ekuboniseni udumo. (1 Thes. 4:9, 10) Leso sabelo esiqondile singesethu sonke. Singase sizibuze, ‘Ngiyakwenza yini lokho—ukuthatha isinyathelo kuqala sokubonisa abanye udumo ebandleni?’

Dumisa “Abathobekileyo”

15, 16. (a) Lapho sibonisa udumo, obani okungafanele singabanaki, futhi ngani? (b) Yini engase yembule ukuthi sinenhlonipho esuka enhliziyweni ngabo bonke abafowethu nodadewethu?

15 Lapho sibonisa udumo, obani ebandleni okungafanele singabanaki? IZwi likaNkulunkulu lithi: “Ombonisa umusa ophansi uboleka uJehova, futhi Yena uyombuyisela ngempatho yakhe.” (IzAga 19:17) Kufanele sisithinte kanjani isimiso esikula mazwi njengoba sizama ukuhola ekuboniseni udumo?

16 Uzovuma ukuthi abantu abaningi bayakwazi ukubonisa udumo kubantu abasezikhundleni eziphakeme, kodwa bona labo bantu bangase bangabahloniphi nhlobo noma bababonise inhlonipho encane labo abababheka njengabaphansi kunabo. Nokho, uJehova akanjalo. Uthi: “Labo abangidumisayo ngiyobadumisa.” (1 Sam. 2:30; IHu. 113:5-7) UJehova ubabonisa udumo bonke abantu abamkhonzayo nabamdumisayo. Uyabanaka “abathobekileyo.” (Funda u-Isaya 57:15; 2 IziKr. 16:9) Yiqiniso, sifisa ukulingisa uJehova. Ngakho, uma sifuna ukubona ukuthi senza kanjani endabeni yokubonisa udumo lwangempela, senza kahle ngokuzibuza, ‘Ngibaphatha kanjani labo abangenasikhundla esivelele noma somthwalo wemfanelo ebandleni?’ (Joh. 13:14, 15) Impendulo yalowo mbuzo yembula okukhulu ngezinga lenhlonipho esuka enhliziyweni esinayo ngabanye.—Funda eyabaseFilipi 2:3, 4.

Ukubonisa Udumo Ngokunika Abanye Isikhathi Sethu

17. Iyiphi indlela evelele esingahola ngayo ekuboniseni udumo, futhi kungani kunjalo?

17 Iyiphi indlela evelele esingahola ngayo ekuboniseni udumo kubo bonke ebandleni? Ukubanika isikhathi sethu. Kungani kunjalo? NjengamaKristu, ukuphila kwethu kumatasa futhi ukufeza imisebenzi eminingi yebandla ebalulekile kudinga isikhathi sethu esiningi. Ngakho-ke, akumangazi ukuthi sibheka isikhathi njengesiyigugu. Siyaqaphela nokuthi akufanele sifune isikhathi sabafowethu nodadewethu esiningi ngokweqile. Ngokufanayo, siyakwazisa lapho abanye ebandleni beqonda ukuthi akufanele bafune isikhathi sethu ngokungacabangeli.

18. Njengoba kuboniswe esithombeni esisekhasini 18, singabonisa kanjani ukuthi sizimisele ukunikeza amanye amaKristu isikhathi sethu?

18 Noma kunjalo, siyaqaphela (ikakhulu thina esikhonza njengabelusi ebandleni) nokuthi lapho sizimisela ukuyeka esikwenzayo ukuze sinike esikholwa nabo isikhathi, kubonisa ukuthi siyabahlonipha. Kanjani? Uma siyeka esikwenzayo ukuze sinike abafowethu isikhathi esithile, kunjengokungathi sithi kubo, ‘Uyigugu kakhulu kimi kangangokuba kubaluleke kakhulu ukukunika isikhathi sami kunokuba ngiqhubeke nengikwenzayo.’ (Marku 6:30-34) Sisuke sisho okuhlukile kulokhu nalapho siba madolonzima ukuyeka imisebenzi yethu ukuze sinike umfowethu isikhathi. Singase simenze azizwe engabalulekile kithi. Yebo, kuyaqondakala ukuthi kunezikhathi lapho udaba oluphuthumayo lungenakuphazanyiswa khona. Noma kunjalo, ukuzimisela kwethu—noma ukuba madolonzima—ukunika abanye isikhathi sethu ngempela kwembula okukhulu ngokujula kwenhlonipho esinayo ngabafowethu nodadewethu ezinhliziyweni zethu.—1 Kor. 10:24.

Zimisele Ukuhola

19. Ngaphandle kokubanika isikhathi sethu, singababonisa kanjani abafowethu udumo?

19 Kunezinye izindlela ezibalulekile esingabonisa ngazo esikholwa nabo udumo. Ngokwesibonelo, lapho sibanika isikhathi sethu kufanele futhi sibanake. UJehova usibekela isibonelo nakulokhu. Umhubi uDavide uthi: “Amehlo kaJehova akwabalungile, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.” (IHu. 34:15) Silwela ukulingisa uJehova ngokubabheka nangokubalalela—sibanake ngokugcwele—abafowethu, ikakhulu labo abeza kithi bezocela usizo. Uma senza kanjalo, sisuke sibabonisa udumo.

20. Iziphi izikhumbuzo ngokubonisa udumo esifuna ukuhlale sizikhumbula?

20 Njengoba sesixoxile, sifuna ukuba kukhanye bha ezingqondweni zethu ukuthi kungani kufanele sibahloniphe ngokusuka enhliziyweni esikholwa nabo. Ngaphezu kwalokho, sifuna amathuba okuba abokuqala ekuboniseni udumo kubo bonke, kuhlanganise nakubantu abaphansi. Ngokuthatha lezi zinyathelo, siyoqinisa isibopho sothando lobuzalwane nobunye ebandleni. Ngakho-ke, kwangathi sonke singegcine ngokubonisana udumo kodwa ikakhulu kwangathi singaqhubeka sihola ekwenzeni kanjalo. Ingabe yilokho kanye ozimisele ukukwenza?

[Umbhalo waphansi]

a Amazwi kaDavide akumaHubo, isahluko 8 abuye abe isiprofetho esibhekisele kumuntu ophelele uJesu Kristu.—Heb. 2:6-9.

Uyakhumbula?

• Udumo nenhlonipho kuhlobene kanjani?

• Iziphi izizathu esinazo zokubonisa esikholwa nabo udumo?

• Kungani kubalulekile ukubonisana udumo?

• Iziphi izindlela esingabonisa ngazo esikholwa nabo udumo?

[Isithombe ekhasini 18]

Singababonisa kanjani esikholwa nabo udumo?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela