Dumisa UJehova—Ngani Futhi Kanjani?
“Abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.”—1 SAMUWELI 2:30.
1. Obani abanikwa imiklomelo kaNobel edumile emhlabeni wonke, futhi abaningi bayibheka kanjani lemiklomelo?
UNYAKA ngamunye izinhlangano ezine zaseScandinavia zinikeza ‘abaye bazuzisa isintu ngaphezu kwabo bonke phakathi nonyaka owandulelayo’ imiklomelo kaNobel. Lemiklomelo inikezwa ngenxa yokufinyelela okuthile emikhakheni eyisithupha ehlukahlukene yomsebenzi. Umklomelo kaNobel abaningi bawubheka njengodumo olukhulu kunalo lonke olunganikwa noma yimuphi umuntu.
2. Ubani abakhiphi bemiklomelo kaNobel abangamnaki, futhi kungani efanelwe udumo ngokukhethekile?
2 Nakuba kungekho lutho olungalungile ekunikezeni udumo kubantu abalufanelekele, ingabe labo abanikeza lolodumo bake bakucabange ukudumisa uMzuzisi wesintu omkhulu kunabo bonke? LowoMzuzisi yilowo oye wanikeza isintu izinzuzo ezingenakubalwa kusukela ekudaleni kwakhe owesilisa nowesifazane wokuqala eminyakeni ecishe ibe u-6 000 edlule. Ukwehluleka njalo ukumdumisa kungasikhumbuza amazwi kaElihu, umngane kaJobe wasendulo, owaphawula: “Kepha akakho othi: Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami, ozwakalisa amahubo ebusuku.” (Jobe 35:10) UMzuzisi wethu omkhulu uyaqhubeka enza ‘okuhle, enikeza imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo ngokuhle nangokujabula.’ (IzEnzo 14:16, 17; Mathewu 5:45) UJehova ngempela unguMniki wazo ‘zonke izipho ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo.’—Jakobe 1:17.
Okushiwo Ukunika Udumo
3. Yimaphi amagama ayinhloko esiHeberu nesiGreki ahunyushwe ngokuthi “udumo,” futhi asho ukuthini?
3 Igama eliyinhloko lesiHeberu elisho udumo, elithi ka·vohdhʹ, ngokwezwi nezwi lisho “ukwesinda.” Ngakho umuntu odunyiswayo ubhekwa njengobalulekile, onesithunzi, noma owutho. Ngokuyinhloko, leligama lesiHeberu, elithi ka·vohdhʹ, ngokuvamile emiBhalweni lihunyushwa nangokuthi “inkazimulo,” okubonisa ngokwengeziwe indlela lowo odunyiswayo abhekwa ngayo njengonesithunzi noma obalulekile. Elinye igama lesiHeberu elithi yeqarʹ, elihunyushwa ngokuthi “udumo” emiBhalweni, lihunyushwa futhi ngokuthi “igugu” nangokuthi “izinto eziyigugu.” Ngakho emiBhalweni YesiHeberu, igama elithi udumo lihlobene nenkazimulo kanye nokuba yigugu. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “udumo” eBhayibhelini lithi ti·meʹ, futhi nalo linikeza umqondo wenhlonipho, ukubaluleka nowokuba yigugu.
4, 5. (a) Kusho ukuthini ukunikeza umuntu udumo? (b) Yisiphi isimo esilandiswe kuEsteri 6:1-9 esibonisa lokho okuhilelekile ekunikezeni udumo?
4 Ngakho umuntu udumisa omunye ngokumbonisa inhlonipho ejulile. Ngokwesibonelo, cabangela isimo esilandiswe eBhayibhelini ngokuqondene nomJuda othembekile uMoridekayi. Kwesinye isehlakalo uMoridekayi wadalula icebo lokubulala iNkosi yasePheresiya lasendulo uAhashiveroshi. Kamuva, phakathi nobusuku inkosi eyayiqwashe ngabo, isenzo sikaMoridekayi salethwa ekunakekeleni kwenkosi. Ngakho yabuza izinduna zayo: “Ludumo luni nobukhulu buni okwenzelwe uMoridekayi ngalokho na?” Zaphendula: “Akenzelwanga-lutho.” Yeka ukuthi kudabukisa kanjani! UMoridekayi wayesindise ukuphila kwenkosi, nokho inkosi yayihlulekile ukubonisa ukwazisa.—Esteri 6:1-3.
5 Ngakho-ke, ngesikhathi esifanele, uAhashiveroshi wabuza undunankulu wakhe, uHamani, ukuthi iyiphi indlela engcono kakhulu yokudumisa lowo inkosi eye yamjabulela. Ngokushesha uHamani wacabanga lokhu enhliziyweni yakhe: “Ngubani inkosi ebiyakuthanda ukumenzela udumo ngaphandle kwami na?” Ngakho uHamani wathi lowomuntu kufanele agqokiswe “isambatho sobukhosi” futhi akhwele ‘ihhashi inkosi ekade ikhwela kulo.’ Waphetha: “Zimkhwelise ehashini esigcawini somuzi, zimemeze phambi kwakhe ngokuthi: Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.” (Esteri 6:4-9) Umuntu odunyiswa kanjalo wayeyohlonishwa kakhulu yibo bonke abantu.
Isizathu Sokuba UJehova Afanelwe Udumo
6. (a) Ubani ofanelwe ukuba simdumise ngaphezu kwabo bonke? (b) Kungani igama elithi “omkhulu” limchaza ngokufanele uJehova?
6 Kuwo wonke umlando abantu baye banikezwa udumo, ngokuvamile lungabafanele. (IzEnzo 12:21-23) Kodwa ubani ofanelwe udumo ngaphezu kwabo bonke? Phela, ngokuqinisekile uJehova uNkulunkulu! Ufanelwe ukuba simdumise ngoba mkhulu ngempela. Ngokuvamile igama elithi “mkhulu” lisetshenziswa kuye. UngoMkhulu, uMenzi Omkhulu, uMdali Omkhulu, iNkosi Enkulu, uMfundisi Omkhulu, iNgcweti Enkulu. (IHubo 48:2; UmShumayeli 12:1; Isaya 30:20; 42:5; 54:5; Hoseya 12:14, qhathanisa neNW.) Umuntu omkhulu unesithunzi, uphakeme, uvelele ngobukhulu futhi uyesabeka. UJehova akanakuqhathaniswa, akalingani namuntu, uphezu kwakho konke. Yena ngokwakhe uyalifakazela leliqiniso, ethi: “Niyakungifanisa, ningilinganise nobani, ningiqhathanise nobani ukuba sifanane na?”—Isaya 46:5.
7. Okungenani, zingaki izindlela ezihlukahlukene okungashiwo ngazo ukuthi uJehova uvelele, futhi kungani kungashiwo ukuthi igunya lakhe alinakuqhathaniswa?
7 UJehova uNkulunkulu ungongenakuqhathaniswa okungenani ngezindlela eziyisikhombisa ezivelele, ezinikeza izizathu ezikhethekile zokumdumisa. Okokuqala, uJehova uNkulunkulu ufanelwe udumo olukhulu kunalo lonke ngoba igunya lakhe alinakuqhathaniswa. INkosi uJehova inguMbusi Wendawo Yonke—iphakeme. UnguMahluleli wethu, uMniki-mthetho neNkosi yethu. Bonke abantu ezulwini nasemhlabeni kumelwe balandise kuYe; kodwa yena akukho muntu okumelwe alandise kuye. Uchazwe kahle ngokuthi ‘mkhulu, unamandla futhi uyesabeka.’—Duteronomi 10:17; Isaya 33:22; Daniyeli 4:35.
8. Kungani kungathiwa uJehova akanakuqhathaniswa ngokuqondene (a) nesikhundla sakhe? (b) nobukhona bakhe baphakade?
8 Okwesibili, uJehova uNkulunkulu ufanelwe udumo olukhulu kunalo lonke ngoba isikhundla sakhe asinakuqhathaniswa. ‘UngoPhakeme noPhezulu,’ oPhezukonke. Uphakeme ngokungaqondakali ngaphezu kwazo zonke izidalwa zakhe zasemhlabeni! (Isaya 40:15; 57:15; IHubo 83:18) Okwesithathu, uJehova uNkulunkulu kumelwe adunyiswe ngaphezu kwabo bonke ngoba ubukhona bakhe baphakade abunakuqhathaniswa. Uyena yedwa ongazange abe nesiqalo, engowaphakade kuze kube phakade.—IHubo 90:2; 1 Thimothewu 1:17.
9. Kungayiphi indlela uJehova engenakuqhathaniswa ngokuqondene (a) nenkazimulo yakhe? (b) nezimfanelo zakhe eziyisisekelo?
9 Okwesine, uJehova uNkulunkulu ufanelwe udumo olukhulu kunalo lonke ngenxa yobukhulu benkazimulo yakhe. ‘UnguYise wokukhanya [kwasezulwini].’ Umzimba wakhe ukhazimula kangangokuthi akukho muntu ongambona abuye aphile. Uyesabeka ngempela. (Jakobe 1:17; Eksodusi 33:22; IHubo 24:10) Okwesihlanu, sikweleta uJehova uNkulunkulu udumo olukhulu kunalo lonke ngenxa yezimfanelo zakhe ezimangalisayo. Unamandla onke, amandla angenakuphela; unakho konke ukuqonda, ukuhlakanipha okungenakuphela; uphelele ekwahluleleni ngokulunga; futhi uyilo kanye uthando olwenziwe samuntu.—Jobe 37:23; IzAga 3:19; Daniyeli 4:37; 1 Johane 4:8.
10. Kungayiphi indlela uNkulunkulu engenakuqhathaniswa ngokuqondene (a) nemisebenzi yakhe yendalo nezinto ezingezakhe? (b) negama lakhe nodumo?
10 Okwesithupha, uJehova uNkulunkulu ufanelwe udumo olukhulu kunalo lonke angalunikezwa ngenxa yemisebenzi yakhe emikhulu yendalo. Njengoba enguMdali wazo zonke izinto emazulwini nasemhlabeni, ngesikhathi esifanayo unguMnikazi Omkhulu wakho konke. KumaHubo 89:11 siyafunda: “Ngelakho izulu, ngowakho umhlaba.” Okwesikhombisa, uJehova uNkulunkulu wethu ufanelwe udumo ngaphezu kwabo bonke ngenxa yegama lakhe nodumo okungenakuqhathaniswa. Uyena yedwa onegama elithi Jehova, elisho ukuthi “Obangela Kube Khona.”—Bheka umbhalo waphansi kaGenesise 2:4, kuyiNW.
Indlela Yokudumisa UJehova
11. (a) Yiziphi ezinye izindlela esingadumisa ngazo uJehova? (b) Singabonisa kanjani ukuthi siyamdumisa ngempela uJehova ngokumethemba?
11 Uma sicabangela zonke izimfanelo zikaJehova, singamdumisa kanjani? Njengoba sizobona, singamdumisa ngokumbonisa ukwesaba nenhlonipho, ngokumlalela, ngokumqaphela kuzo zonke izindlela zethu, ngokuphana ngezipho, ngokumlingisa, nangokumnxusa. Singamdumisa futhi ngokuba nokholo kuye, ngokumethemba kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Siyanxuswa: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho.” Ngakho sidumisa uJehova uNkulunkulu ngokwenza konke akushoyo. Ngokwesibonelo, uthi: “Ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla [ngokwesaba], ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza.” (IzAga 3:5; Isaya 41:10) Ukwehluleka ukumethemba ngokuphelele bekuyoba ukumhlambalaza.
12. Ukulalela nokwesaba kunayiphi indima ekudumiseni uJehova?
12 Indlela ehlobene kakhulu nalezi esimdumisa ngayo uJehova uNkulunkulu iwukumlalela. Futhi ekulaleleni kudingeka ukwesaba uNkulunkulu, yebo, ukwesaba ukumdumaza. Amazwi kaJehova lapho ekhuluma noAbrahama ngemva kokuba uAbrahama ngokulalela ezame ukwenza umhlatshelo ngoIsaka, indodana yakhe, abonisa ubuhlobo phakathi kokwesaba nokulalela. “Ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu,” kusho uJehova. (Genesise 22:12) Lapho exoxa ngalokho abantwana abakukweleta abazali babo, umphostoli uPawulu wabonisa futhi ukuthi ukulalela nokudumisa kuyahambisana. (Efesu 6:1-3) Ngakho ngokulalela imiyalo kaNkulunkulu, engenzima, sidumisa uJehova. Ngokungangabazeki, ukungamlaleli uJehova uNkulunkulu bekuyoba ukumhlambalaza.—1 Johane 5:3.
13. Ukudumisa uNkulunkulu kuyosibangela ukuba sibe nasiphi isimo sengqondo ngokuqondene nemisebenzi yethu nesihlela ukukwenza?
13 Ngaphezu kwalokho, singaletha udumo olufanele kuJehova uNkulunkulu ngokulalela iseluleko esikuzAga 3:6: “Mazise yena ezindleleni zakho zonke [yebo, umqaphele], uyakuqondisa imikhondo yakho.” Umfundi uJakobe usinikeza iseluleko esihle ngalokhu. Esikhundleni sokuqhubeka sizethemba nsuku zonke, sithembela emakhonweni ethu siqu, kumelwe sithi: “Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.” (Jakobe 4:15) Eminyakeni edlule abaFundi beBhayibheli beZizwe Zonke babevame ukuthi kunoma iyiphi inkulumo ehlobene nekusasa banezele isifushaniso uD.V., esimelela ukuthi Deo volente, esisho ukuthi “Uma uNkulunkulu ethanda.”
14. (a) Yisiphi isimo sengqondo esihlobene nemizamo yethu okumelwe sibe naso ukuze sidumise uNkulunkulu? (b) Yisiphi isimo sengqondo esibonakaliswayo ngokuqondene nokunyatheliswa kwezincwadi zeWatch Tower Society?
14 Siyamdumisa futhi uJehova uNkulunkulu ngokubonakalisa isimo sengqondo sokuthobeka, sithi noma iyiphi impumelelo esiyijabulelayo ibangelwe uNkulunkulu. Umphostoli uPawulu waphawula ngokufanele ngokuqondene nenkonzo yakhe: “Mina ngatshala, uApholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa. Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo.” (1 Korinte 3:6, 7) Yiqiniso, uPawulu wayekukhathalela ukuletha udumo olufanele kuNkulunkulu, hhayi kuye ngokwakhe noma komunye umuntu. Ngakho-ke, namuhla, izincwadi zeWatch Tower Society azibonisi ukuthi obani abazibhalayo, futhi ababhali bazo bayakugwema ukwazisa abanye ngalokho abaye banikela ngakho. Ngalendlela, ukunakekela kugxiliswa ekwazisweni, okuklanyelwe ukudumisa uJehova, futhi akugxiliswa kunoma yimuphi umuntu.
15. Yikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa ubunzima abanye abantu abanabo ekuqondeni ukuthobeka koFakazi BakaJehova?
15 Lesimiso sokugxilisa ukunakekela kuJehova, kanjalo edunyiswa, siyabamangalisa abanye. Eminyakeni embalwa edlule, lapho belungisa isimiso somsindo esasizosetshenziselwa inkulumo yeningi eCentral Park yaseNew York, oFakazi babedlala elinye lamakhasethi amaKingdom Melodies ukuze babone ukuthi isimiso somsindo siyasebenza yini. Umbhangqwana ogqoke kahle wabuza omunye woFakazi ukuthi yimuphi lomculo owawudlala. Ecabanga ukuthi lombhangqwana wawungoFakazi, waphendula: “IKingdom Melodies No. 4.” “Yebo, kodwa ubani oqambe lowomculo?” ubuza. LoFakazi waphedula: “Oh, umqambi akaziwa.” Lombhangqwana waphendula: “Abantu abaqamba lolohlobo lomculo akwenzeki bangaziwa.” UFakazi waphendula: “Kodwa oFakazi BakaJehova bayakwenza.” Yebo, lokhu bakwenzela ukuba lonke udumo luye kuJehova uNkulunkulu!
16. Yiziphi izindlela ezihlukahlukene esingasebenzisa ngazo amaphimbo ethu ukuze silethe udumo kuJehova uNkulunkulu?
16 Enye indlela yokudumisa uJehova ingokusebenzisa izindebe zethu ukuba sifakaze ngaye. Uma sikukhathalela ngempela ukuletha udumo kuye, khona-ke siyoba ngabacophelelayo ekusakazeni izindaba ezinhle zoMbuso. Lokhu singakwenza ngokuya endlini ngendlu nanganoma yiziphi ezinye izindlela esingakwazi ngazo, kuyilapho singawadebeseleli amathuba okufakaza ngokwethukela. (Johane 4:6-26; IzEnzo 5:42; 20:20) Ngaphezu kwalokho, sinamathuba okudumisa uNkulunkulu wethu ngamaphimbo ethu emihlanganweni yethu yebandla, ngokuphendula nangokuhlanganyela ekuhlabeleleni ngokusuka enhliziyweni izingoma zethu zoMbuso. (Heberu 2:12; 10:24, 25) Engxoxweni yethu yansuku zonke, singamdumisa uJehova uNkulunkulu ngezindebe zethu. Ngomzamo omncane nje, singakwazi ukuguqula ingxoxo yethu ukuba ibe ngeyakhayo ngokomoya, futhi lokhu kuyophumela ekuletheni udumo kuJehova uNkulunkulu.—IHubo 145:2.
17. (a) Ukuziphatha okufanele kuhlobene kanjani nokudumisa kwethu uJehova? (b) Imuphi umphumela ukuziphatha okungalungile okunawo?
17 Njengoba nje kukuhle ukudumisa uJehova uNkulunkulu ngezindebe zethu, kudingekile futhi ukuba simdumise ngokuziphatha kwethu. UJesu wabalahla labo, okwakuthi bedumisa uNkulunkulu ngezindebe zabo, babe benezinhliziyo ezidediselwe kude naYe. (Marku 7:6) Ukuziphatha okungalungile nakanjani kuyoletha isihlamba kuJehova uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, kumaRoma 2:23, 24, siyafunda: “Wena ozibonga ngomthetho udumaza uNkulunkulu ngokweqa umthetho na? Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu.” Eminyakeni yamuva izinkulungwane eziningi ziye zasuswa ekuhlanganyeleni emabandleni abantu bakaJehova. Ngokunokwenzeka, amanani amakhulu nangokwengeziwe aye ahlanganyela ekuziphatheni okuyihlazo awazange asuswe ekuhlanganyeleni ngoba eye abonakalisa isimo sokuphenduka ngempela. Bonke labantu bebedumisa uJehova ngezindebe zabo, kodwa bahluleka ukwenza kanjalo ngokuziphatha kwabo.
18. (a) Yini labo abanelungelo elikhulu okufanele bayikhathalele ukuze babonise udumo olufanele kuJehova? (b) Isimo sabanye abapristi osukwini lukaMalaki sisibonisa kanjani isidingo sokukukhathalela lokhu?
18 Labo abamatasatasa ezicini ezihlukahlukene zenkonzo yesikhathi esigcwele—kungaba seBethel, emsebenzini wokujikeleza noma wobuthunywa bevangeli, noma njengamaphayona—banelungelo elikhulu ngokuba namathuba okuba nengxenye ekudumiseni uJehova. Banesibopho sokwenza konke okusemandleni abo kunoma yimuphi umsebenzi abawabelwe, ‘bethembeka kokuncane nakokukhulu.’ (Luka 16:10) Ngezindlela ezithile isikhundla sabo esidumisekile sasiboniswa abapristi namaLevi kwaIsrayeli wasendulo, nakuba babengasifanekiseli. Nokho, ngenxa yokudebesela kwabanye abapristi osukwini lukaMalaki, uJehova wathi kubo: “Uma nginguyise, kuphi ukudunyiswa kwami? Uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami?” (Malaki 1:6) Labobapristi babedelela igama likaNkulunkulu ngokunikela ngezilwane eziyizimpumputhe, eziyizishosha, nezigulayo njengemihlatshelo bengajeziswa. Uma labo abanalamalungelo akhethekile enkonzo namuhla bengalweli ukwenza konke okusemandleni abo, bangasifanelekela ngokukhethekile isahlulelo uJehova uNkulunkulu asinikeza labobapristi. Bayobe abayifinyeleli indinganiso yokudumisa uNkulunkulu.
19. (a) Njengoba kuphawulwe kuzAga 3:9, iyiphi enye indlela yokudumisa uJehova? (b) Iyiphi enye indlela ebalulekile yokudumisa uJehova?
19 Enye indlela esingamdumisa ngayo uJehova uNkulunkulu iwukunikela ngezimali emsebenzini wokushumayela emhlabeni wonke ogunyazwe nguye. Siyanxuswa: “Dumisa uJehova ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.” (IzAga 3:9) Ilungelo lokwenza iminikelo enjalo liyithuba lokudumisa uJehova uNkulunkulu okungafanele kube khona olidebeselayo. Singamdumisa futhi uJehova uNkulunkulu emithandazweni yethu, simdumisa futhi simbonga. (1 IziKronike 29:10-13) Eqinisweni, ngenxa yokuthi siza kuye ngokuzithoba nangenhlonipho ejulile, ukuza kwethu kuNkulunkulu ngokwakho ngomthandazo kumnika udumo.
20. (a) Ngokuvamile obani abadunyiswa abantu bezwe, futhi kanjani? (b) Singaqhubeka sidumisa uJehova ngokulalela muphi umyalo?
20 Namuhla abantu abaningi, ikakhulukazi intsha, badumisa labo ababathandayo ngokubalingisa—ngokukhuluma njengabo nangokwenza njengabo. Ngokuvamile abantu ababalingisayo bangompetha kwezemidlalo noma emkhakheni wezokuzijabulisa. Ngokuphambene, njengamaKristu, kufanele sidumise uJehova uNkulunkulu ngokuzama ukumlingisa. Umphostoli uPawulu wanxusa ukuba senze njalo, ebhala: “Yibani-ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo, nihambe othandweni.” (Efesu 5:1, 2) Yebo, ngokulwela ukulingisa uJehova, siyamdumisa.
21. (a) Yini eyosihlomisela ukunikeza uJehova inkazimulo nodumo? (b) Yimiphi imivuzo uJehova ayinika labo abamdumisayo?
21 Yiqiniso, ziningi izindlela esingamnika futhi okufanele sinike ngazo uNkulunkulu inkazimulo nodumo. Masingalokothi sikhohlwe ukuthi ngokuzondla njalo ngeZwi lakhe nangokujwayelana naye kangcono ngokuqhubekayo, siyokwazi nangokwengeziwe ukumdumisa. Iyini imivuzo yokwenza kanjalo? “Abangidumisayo,” kusho uJehova, “ngiyakubadumisa.” (1 Samuweli 2:30) Ekugcineni uJehova uyodumisa abakhulekeli bakhe ngokubanika ukuphila okuphakade ngenjabulo, ezulwini njengababusi kanye neNdodana yakhe, uJesu Kristu, noma emhlabeni oyiPharadesi.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Ngokuvamile abantu badumisa obani, futhi ubani ngokuvamile abadebeselayo ukumdumisa?
◻ Kusho ukuthini ukudumisa umuntu othile, futhi yiziphi izindlela okungenziwa ngazo?
◻ Yiziphi ezinye zezizathu eziyisisekelo ezenza uJehova uNkulunkulu afanelwe udumo?
◻ Yiziphi ezinye zezindlela esingamdumisa ngazo uJehova?
◻ Yiziphi ezinye izindlela uJehova avuza ngazo labo abamdumisayo?