Nikeza Udumo Kulowo Olumfanele
“KuLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube isibusiso nodumo nenkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade.”—ISAM. 5:13.
1. Kungani abanye abantu bengase bakufanelekele ukudunyiswa futhi manje sizoxoxa ngani?
UKUNIKEZA othile udumo kusho ukumnaka ngokukhethekile nokumhlonipha. Ngokungangabazeki, singalindela ukuba umuntu ofanelwe ukunakwa nokuhlonishwa ngaleyo ndlela uye wenza okuthile okumenza akufanelekele ukudunyiswa noma usesikhundleni esithile esikhethekile. Ngakho singazibuza kufanele, Ubani okufanele simnike udumo futhi kungani?
2, 3. (a) Kungani uJehova ekufanelekela ngokukhethekile ukudunyiswa? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Encwadini yesAmbulo 5:13, lingubani iWundlu futhi kungani likufanelekela ukudunyiswa?
2 Njengoba isAmbulo 5:13 sibonisa, ngokuqinisekile ‘Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi neWundlu’ bayakufanelekela ukudunyiswa. Esahlukweni sesine sale ncwadi yeBhayibheli siphawula esinye isizathu esenza uJehova akufanelekele ukudunyiswa. Ngokukhamuluka, izingelosi zidumisa uJehova zithi: “Lowo ophila kuze kube phakade naphakade.” Zithi: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.”—IsAm. 4:9-11.
3 UJesu Kristu uyiWundlu, “iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe.” (Joh. 1:29) IBhayibheli lisitshela ukuthi uphakeme kakhulu kunawo wonke amakhosi ake aba khona, nakhona manje. Lithi: “Yena oyiNkosi yalabo ababusa njengamakhosi noMbusi walabo ababusa njengababusi, okunguye yedwa onokungafi, ohlala ekukhanyeni ongenakusondela kuko, okungekho noyedwa umuntu ombonile noma ongambona.” (1 Thim. 6:14-16) Ngempela, iyiphi enye inkosi eyafa ngokuzithandela ukuze kuhlengwe izono zethu? Awuzizwa yini ushukumiseleka ukuba uhlanganyele nezigidi zezingelosi ezulwini ezithi ngazwi linye: “IWundlu elahlatshwa liyakufanelekela ukwamukela amandla nengcebo nokuhlakanipha namandla nodumo nenkazimulo nesibusiso.”—IsAm. 5:12.
4. Kungani kuyimfuneko ukudumisa uJehova noKristu?
4 Ukunikeza uJehova noKristu udumo kuyimfuneko. Ukuphila kwethu okuphakade kuxhomeke ekwenzeni lokho kanye. Amazwi kaJesu esiwafunda kuJohane 5:22, 23 asisiza sibone lokho ngokucacile: “UYise akahluleli muntu nhlobo, kodwa ukuphathise iNdodana konke ukwahlulela, ukuze bonke badumise iNdodana njengoba nje bedumisa uYise. Lowo ongayidumisi iNdodana akamdumisi uYise oyithumileyo.”—Funda iHubo 2:11, 12.
5. Kungani kufanele sidumise futhi sihloniphe bonke abantu ngokwezinga elithile?
5 Abantu badalwa “ngomfanekiso kaNkulunkulu.” (Gen. 1:27) Ngenxa yalokho, iningi labo libonisa izimfanelo zikaNkulunkulu ngamazinga angafani. Abantu bayakwazi ukubonisana uthando, umusa nozwela. Njengoba abantu badalwa benonembeza, ngokuvamile banomuzwa wangaphakathi—ngezinye izikhathi onganembile—obaqaphelisa ngokulungile noma okungalungile, okuyiqiniso nokungamanga, okufanelekayo nokungafaneleki. (Roma 2:14, 15) Abantu abaningi bakhangwa izinto ezihlanzekile nezinhle. Ngokuvamile, bafuna ukuhlala ngokuthula nabanye. Kungakhathaliseki ukuthi bayaqaphela noma abaqapheli, ngokwezinga elithile babonisa inkazimulo kaJehova futhi ngenxa yalesi sizathu bayakufanelekela ukudunyiswa nokuhlonishwa ngezinga elithile.—IHu. 8:5.
UKULINGANISELA OKUFANELE EKUNIKENI ABANYE UDUMO
6, 7. Endabeni yokubonisa abantu udumo, oFakazi BakaJehova bahluke kanjani kwabaningi?
6 Kudingeka ukulinganisela lapho unquma ukuthi uhlobo olunjani lodumo okufanele ulunike abanye abantu futhi ngezinga elingakanani. Abantu abaningi abangaphelele bathonywe kakhulu umoya wezwe likaSathane. Yingakho bevame ukukhonza amadoda nabesifazane abathile kunokuba babanike udumo nenhlonipho efanele. Badumisa abaholi benkolo nabezombusazwe, osaziwayo bezemidlalo nabezokuzijabulisa nezinye izihlabani ngokuvamile bebabheka njengonkulunkulu. Ngenxa yalokho, abancane nabadala bafuna ukufana nabo, mhlawumbe balingise indlela abenza ngayo izinto, abagqoka ngayo nabaziphatha ngayo.
7 AmaKristu eqiniso ayakugwema ukuba nombono oyiphutha ngokunikeza abantu udumo olunjalo. UKristu ukuphela komuntu owake waphila esingafuna ukufana naye. (1 Pet. 2:21) UNkulunkulu ngeke ajabule lapho sibonisa abantu udumo olungaphezu kwalolo olubafanele. Kudingeka sihlale silikhumbula leli qiniso: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Ngempela, akekho umuntu okufanele akhulekelwe.
8, 9. (a) OFakazi BakaJehova bazibheka kanjani iziphathimandla zikahulumeni? (b) Kufanele sizisekele ngezinga elingakanani iziphathimandla?
8 Ekuphileni okuvamile, abanye abantu basezikhundleni eziphakeme. Iziphathimandla zikahulumeni kulindeleke ukuba zigcine umthetho nokuhleleka futhi zinakekele izidingo zezakhamuzi. Lokhu kuzuzisa wonke umuntu. Yingakho umphostoli uPawulu ayala amaKristu ukuba abheke iziphathimandla zikahulumeni ‘njengamagunya aphakeme’ amaKristu okufanele azithobe kuwo. Wawayala: “Nikani bonke okubafaneleyo, lowo ofuna intela, intela; . . . lowo ofuna udumo, udumo olunjalo.”—Roma 13:1, 7.
9 Ngokuzithandela oFakazi BakaJehova banikeza iziphathimandla udumo, njengoba kulindelekile noma kuyisiko ukwenza kanjalo ezweni abahlala kulo. Sibambisana nazo njengoba zenza imisebenzi yazo. Nokho, udumo nokusekela esibanika kona kulinganiselwe ngokomBhalo. Ngeke size sifike eqophelweni lokungamlaleli uNkulunkulu noma sithathe uhlangothi kwezombusazwe.—Funda eyoku-1 Petru 2:13-17.
10. Izinceku zikaJehova zasendulo zasibeka kanjani isibonelo ekusebenzelaneni nawohulumeni neziphathimandla?
10 Izinceku zikaJehova zasendulo zasibekela isibonelo ekusebenzelaneni nawohulumeni neziphathimandla. Lapho uMbuso waseRoma ubiza abantu ukuba bazobalwa, uJosefa noMariya balalela. Bathatha uhambo oluya eBhetlehema ngisho noma uMariya wayesezobeletha ingane yakhe yokuqala. (Luka 2:1-5) Kamuva lapho uPawulu emangalelwa ngokona, wazivikela ngenhlonipho futhi wanikeza iNkosi uHerode Agripha noFestu, umbusi waseJudiya—okuyisifundazwe saseRoma—udumo olubafanele.—IzE. 25:1-12; 26:1-3.
11, 12. (a) Kungani udumo esilunika iziphathimandla zikahulumeni lungafani nalolo esilunika abaholi benkolo? (b) Kwaba namiphi imiphumela emihle lapho uFakazi wase-Austria enikeza usombusazwe udumo?
11 OFakazi BakaJehova bayakugwema ukunikeza abaholi bezenkolo udumo olungaphezu koluvamile, ngisho noma labo baholi bengase bakulindele. Inkolo yamanga immelela kabi uNkulunkulu futhi isonta izimfundiso zeZwi lakhe. Ngakho, abaholi benkolo sibaphatha njengabantu abavamile, asibaniki udumo olukhethekile. Siyakhumbula ukuthi uJesu wawalahla amadoda anjalo angosuku lwakhe njengabazenzisi nabaholi abayizimpumputhe. (Math. 23:23, 24) Ngokuphambene nalokho, ukubonisa kwethu iziphathimandla zikahulumeni inhlonipho nodumo ngezinye izikhathi kungaba nemiphumela emihle, ngisho nesingayilindele.
12 ULeopold Engleitner wayenguFakazi oshisekayo e-Austria, waboshwa amaNazi wabe esethunyelwa ngesitimela ekamu lokuhlushwa eBuchenwald. UDkt. Heinrich Gleissner naye wayeyisiboshwa esitimeleni esifanayo. Wayengusombusazwe e-Austria. Nokho, amaNazi ayengasamfuni. Endleleni eya ekamu, uMfoweth’ uEngleitner ngenhlonipho wachazela uGleissner ngezinkolelo zakhe futhi uGleissner wamlalelisisa. Ngemva kwempi yezwe yesibili, ngokuphindaphindiwe uGleissner wasebenzisa ithonya lakhe ukuze asize oFakazi e-Austria. Ungase ukhumbule ezinye izibonelo eziba nemphumela emihle lapho oFakazi bebonisa iziphathimandla inhlonipho efanele, bezinika udumo iBhayibheli elithi amaKristu kufanele alunikeze.
ABANYE ABAFANELWE UDUMO
13. Obani abakufanelekela ngokukhethekile ukuhlonishwa nokunikwa udumo futhi kungani?
13 Labo esikholwa nabo ngokuqinisekile bayakufanelekela ukuthola udumo nenhlonipho. Lokhu kuyiqiniso ngempela uma kuziwa kubadala abaholayo ebandleni. (Funda eyoku-1 Thimothewu 5:17.) Laba bafowethu sibanikeza udumo kungakhathaliseki ukuthi abaluphi uhlanga, bafunde kangakanani, basebenza kuphi noma banemali engakanani. IBhayibheli lithi ‘bayizipho ezingabantu’ futhi bafeza indima eyinhloko elungiselelweni likaNkulunkulu ukuze kunakekelwe izidingo zabantu bakhe. (Efe. 4:8) Cabanga ngabadala bebandla, ababonisi besigodi, amalungu eKomiti Yegatsha kanye namalungu eNdikimba Ebusayo. Abafowethu nodadewethu bangekhulu lokuqala babebahlonipha abaholayo futhi nathi sizizwa ngendlela efanayo namuhla. Asibakhonzi abameleli bebandla lobuKristu abaziwayo noma senze sengathi sibona izingelosi uma sinabo. Noma kunjalo, siyabahlonipha futhi sibanika udumo laba bafowethu ngokuzikhandla nokuthobeka kwabo.—Funda eyesi-2 Korinte 1:24; isAmbulo 19:10.
14, 15. Veza umehluko phakathi kwabelusi beqiniso abangamaKristu nalabo abakusho nje ngomlomo.
14 Abadala abanjalo baziwa njengabelusi abathobekile abangokomoya. Bayakwenqaba ukuphathwa njengosaziwayo, okufakazela ukuthi bathobekile. Lokhu kubenza behluke kubaholi abaningi bezenkolo banamuhla nabangekhulu lokuqala uJesu athi ngabo: “Bathanda indawo evelele kunazo zonke ezidlweni zakusihlwa nezihlalo ezingaphambili emasinagogeni, nokubingelelwa ezigcawini.”—Math. 23:6, 7.
15 Ngokuthobeka, abelusi bamaKristu beqiniso balalela amazwi kaJesu: “Maningabizwa ngokuthi Rabi, ngoba munye ongumfundisi wenu, kanti nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye. Ngaphezu kwalokho, ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo, ngoba munye onguYihlo, yiLowo osezulwini. Ningabizwa futhi ngokuthi ‘abaholi,’ ngoba munye onguMholi wenu, uKristu. Kodwa omkhulu kakhulu phakathi kwenu kumelwe abe yisikhonzi senu. Noma ubani oziphakamisayo uyothotshiswa, futhi noma ubani ozithobayo uyophakanyiswa.” (Math. 23:8-12) Ngakho kusobala ukuthi kungani abadala bamabandla emhlabeni wonke bethandwa, behlonishwa futhi bethola udumo koFakazi abakanye nabo.
Njengoba bekhonza ngokuthobeka, abadala bayathandwa, bahlonishwe futhi banikezwe udumo(Bheka izigaba 13-15)
16. Kungani kufanele uqhubeke uzama ukuqonda nokusebenzisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngokunikeza udumo?
16 Kuyavunywa, kungase kusithathe isikhathi ukukwazi ukulinganisela endleleni esibonisa ngayo udumo nokunquma ukuthi ubani esimbonisa udumo. Kwakunjalo nakumaKristu angekhulu lokuqala. (IzE. 10:22-26; 3 Joh. 9, 10) Kodwa kuwufanele ngempela umzamo ukwenza lokho iBhayibheli elikushoyo ngokunikeza abanye udumo. Ukukwazi ukulinganisela ngendlela efanele kunezinzuzo eziningi.
IZINZUZO ZOKUNIKEZA UDUMO OLUFANELE
17. Yiziphi ezinye zezinzuzo zokunikeza iziphathimandla udumo olufanele?
17 Njengoba sibonisa inhlonipho futhi sinikeza iziphathimandla udumo, maningi amathuba okuthi ziyolivikela ilungelo lethu lokushumayela ngaphandle kweziphazamiso. Ngokuvamile, umphumela uba wukuthi umsebenzi wethu ubhekwa njengento enhle. Eminyakeni eminingana edlule uBirgit, iphayona laseJalimane, waya emcimbini wokuthweswa iziqu wendodakazi yakhe. Othisha batshela uBirgit ukuthi bakujabulele kakhulu ukusebenzelana nezingane zoFakazi kule minyaka edlule. Bathi kungaba kubi ukungabibikho kwezingane zoFakazi esikoleni sabo. UBirgit wachaza, “Izingane zethu zifundiswa ukuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha futhi lokho kuhlanganisa ukuhlonipha othisha nokubanikeza udumo.” Omunye uthisha wathi: “Uma zonke izingane zingaba njengezingane zenu, bekuyobamnandi ngempela ukufundisa.” Emasontweni ambalwa alandela, omunye wothisha weza emhlanganweni owawuseLeipzig.
18, 19. Yini okufanele siyikhumbule lapho sinikeza abadala udumo?
18 Yiqiniso, ukunikeza abadala bebandla udumo olufanele kumelwe kuqondiswe izimiso eziphelele nezihlakaniphile eziseZwini likaNkulunkulu. (Funda eyamaHebheru 13:7, 17.) Singakwazi, futhi kufanele sibancome ngokuzikhandla kwabo futhi silwele ukuhambisana neziqondiso abazikhiphayo. Ukwenza kanjalo kungabasiza baqhubeke nokwenza imisebenzi yabo ngenjabulo. Kodwa lokhu akusho ukuthi kufanele sizame ukulingisa indlela umdala “ovelele” agqoka nazilungisa ngayo, indlela abeka ngayo izinkulumo noma ngisho nendlela akhuluma ngayo. Ukwenza kanjalo kungadlulisela umbono ongeyiwo. Akufanele sikhohlwe ukuthi naye ungumuntu ongaphelele. Umuntu okufanele simlandele futhi simlingise uKristu.
19 Lapho abadala singabaphathi njengosaziwayo kodwa sibanikeza udumo nenhlonipho efanele, sisuke sibasiza. Sibasiza ukuba bagweme ukuzikhukhumeza, ukuzizwa bebakhulu noma ukuzibona belungile emehlweni abo.
20. Ukunikeza abanye udumo kusisiza kanjani?
20 Ukunikeza udumo kulabo olubafanele kusivikela ekubeni nobugovu. Kusisiza sigweme ukuzikhukhumeza lapho sinconywa. Kusisiza sihlale sihambisana nenhlangano kaJehova, ekugwemayo ukunikeza abantu udumo ngokweqile noma olungabafanele—kungakhathaliseki ukuthi bangamakholwa noma abawona. Kuwukuhlakanipha ukwenza kanjalo ngoba kusisiza sigweme ukukhubeka lapho umuntu esimnike udumo esiphoxa.
21. Iyiphi inzuzo ebaluleke kunazo zonke yokunikeza udumo kulabo olubafanele?
21 Inzuzo ebaluleke kunazo zonke yokunikeza udumo kulabo olubafanele ukuthi sijabulisa uNkulunkulu. Senza lokho akufunayo ngaleyo ndlela silondoloze ubuqotho kuye. Lokhu kuyasiza ekuphenduleni noma ubani ongazama ukumklolodela. (IzAga 27:11) Izwe ligcwele abantu abanombono osontekile mayelana nendlela efanele yokubonisa udumo. Ave sijabula ngokuthi siyazi ukuthi singalubonisa kanjani udumo ngokwendlela kaJehova.