Ungakwazi Yini Ukuthola Ukwaneliseka?
“Ukwaneliseka kwenza ompofu acebe; ukunganeliseki kwenza ocebile abe mpofu.”—UBenjamin Franklin.
NGOKUVUMELANA nala mazwi, abantu abaningi baye bafunda ukuthi ukwaneliseka akunakuthengwa. Yingakho kunzima ukuthola ukwaneliseka kuleli zwe eligqugquzela isifiso sokuba nensada yezinto ezibonakalayo nelikhuthaza ukufinyelela izinto ezinkulu, noma ukuphila ntofontofo njengabanye abantu! Sikhona yini isici kulezi ezibalwe ngezansi esiye sakuthonya?
• Abakhangisi bathi ungathola ukwaneliseka uma uthenga izinto eziningi.
• Ukuncintisana emsebenzini nasesikoleni kwenza ucabange ukuthi ubaluleke kakhulu uma udlula abanye.
• Abantu abakwazisi lokho obenzela khona.
• Abangane bakho bakwenza ube nomona ngalokho abanakho.
• Imibuzo ebalulekile onayo ngokuphila ayikaphenduleki.
Ungakwazi ngempela yini ukuthola ukwaneliseka uma ubhekene nalezi zinselele? Umphostoli uPawulu wakhuluma ‘ngemfihlo yokwaneliseka.’ Wayazi ukuthi kunjani ukuba nensada nokuswela. Abangane bakhe babemthanda, kodwa abanye abantu babehlekisa ngaye. Noma kunjalo, wathi ‘wafunda ukwaneliseka kungakhathaliseki ukuthi wayekuziphi izimo.’—Filipi 4:11, 12.
Ukwaneliseka kuyimfihlo kulabo abangakaze bathathe izinyathelo zokukuthola, kodwa njengoba uPawulu asho, kungafundwa. Manje sicela ufunde ngezindlela ezinhlanu zokuthola ukwaneliseka ezitholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.