Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 11/15 kk. 17-19
  • UJehova Uyakulalela Ukukhala Kophansi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Uyakulalela Ukukhala Kophansi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Izwi Ngesikhathi Salo Esifanele’
  • Usizo Ngemihlangano YobuKristu
  • “Thandazani Ningaphezi”
  • Induduzo Kwabaphuke Izinhliziyo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • UJehova ‘Uyinqaba Yethu Ngezikhathi Zokucindezeleka’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Thembela KuJehova, ‘UNkulunkulu Wenduduzo Yonke’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Usizo Oluvela ‘KuNkulunkulu Wenduduzo’
    I-Phaphama!—2009
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 11/15 kk. 17-19

UJehova Uyakulalela Ukukhala Kophansi

NJENGOBA kwaphawula inkosi ehlakaniphile yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni, ‘isikhathi nesenzakalo esingalindelekile sisehlela sonke.’ (UmSh. 9:11) Inhlekelele noma isenzakalo esibuhlungu singayiphazamisa kakhulu impilo yethu. Ngokwesibonelo, ukufa kwelungu lomkhaya kungalindelekile kungakhungathekisa ngokomzwelo. Umuntu oshonelwe angagajwa usizi nokuphelelwa ithemba amasonto nezinyanga ezilandela leso senzakalo. Angadideka aze acabange nokuthi akalutho ukuba angathandaza kuJehova.

Kuleso simo, lowo muntu udinga isikhuthazo, ukucatshangelwa nothando. Umhubi uDavide wahlabelela ingoma esiqinisekisayo: “UJehova usekela bonke abawayo, futhi uvusa bonke abakhotheme.” (IHu. 145:14) IBhayibheli lisitshela ukuthi “Amehlo [kaJehova] aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.” (2 IziKr. 16:9) ‘Uba nalowo ochotshoziwe onomoya othobekile, ukuze avuselele umoya wabathobekileyo futhi avuselele inhliziyo yabachotshozwayo.’ (Isaya 57:15) UJehova umsekela futhi amduduze kanjani umuntu ochotshoziwe futhi onomoya othobekile?

‘Izwi Ngesikhathi Salo Esifanele’

Enye indlela uJehova asinikeza ngayo usizo ngesikhathi esifanele ubuzalwane bobuKristu. AmaKristu ayalwa ukuba “[akhulume] ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile.” (1 Thes. 5:14) Amazwi abonisa ukukhathalela nothando avela kwesikholwa nabo abazwelana nathi angasiqinisa esikhathini sokucindezeleka nosizi. Ngisho namazwi ambalwa aduduzayo ashiwo engxoxweni emfushane angenza lukhulu ekuvuseleleni umoya wocindezelekile. Lawo mazwi abonisa ukucabangela angase avele kumuntu oye wakhuthazelela ukucindezeleka kwengqondo nobuhlungu obungokomzwelo obufanayo. Noma angase avele kumngane onokuhlangenwe nakho okuningi ekuphileni. Ngalezi zindlela ezingokoqobo, uJehova angavuselela umuntu omoya wakhe uphansi.

Cabanga ngendaba yomdala ongumKristu owayesanda kushada, u-Alex, owashonelwa umkakhe isigubhukane ngenxa yesifo esingelapheki. Umbonisi ojikelezayo othile onozwela waqinisekisa ukuthi uyamduduza u-Alex. Naye wayeke washonelwa umkakhe kodwa wabuye washada. Lo mbonisi ojikelezayo wachaza indlela imizwa yakhe ebuthaka eyamgabha ngayo. Wayezizwa engcono lapho enabanye ensimini nasemihlanganweni yebandla. Nokho, wayethi angangena endlini avale umnyango, isizungu sisho ukumqeda. U-Alex uthi: “Yeka ukuthi kwakuba impumuzo kanjani ukwazi ukuthi indlela engizizwa ngayo yayingokwemvelo nokuthi nabanye bake bazizwa ngaleyo ndlela!” Ngokuqinisekile, ‘izwi ngesikhathi salo esifanele’ lingakududuza futhi likusekele lapho ucindezelekile.—IzAga 15:23.

Omunye umdala ongumKristu owayejwayelene nabantu abaningana abashonelwa abangane babo bomshado, naye washukumiseleka ukuba axoxe ngokududuzayo no-Alex. Ngozwela, wambonisa ukuthi uJehova uyazi ukuthi sizizwa kanjani nokuthi sidingani. Wathi: “Uma ngemva kwezinyanga noma iminyaka uzwa ukuthi udinga umngane womshado, likuvulekele ilungiselelo likaJehova lothando lokushada futhi.” Yiqiniso akubona bonke abantu abashonelwe abafuna ukuphinde bashade izimo ezibavumelayo. Lapho ecabanga ngamazwi alo mzalwane u-Alex wathi, “Ukukhunjuzwa ukuthi leli ilungiselelo likaJehova kuyakukhulula emicabangweni ephambene yokuthi uyobe awuthembekile kumngane wakho noma elungiselelweni likaJehova lomshado uma ubuye ushada esikhathini esizayo.”—1 Kor. 7:8, 9, 39.

Umhubi uDavide, owabhekana nezilingo nobunzima, waqaphela lokhu: “Amehlo kaJehova akwabalungile, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.” (IHu. 34:15) Ngokuqinisekile, uJehova angaphendula ukukhala kophansi ngesikhathi esifanele ngamazwi anokuqonda nawozwela avela kumaKristu avuthiwe akanye nawo. Lelo lungiselelo liyigugu futhi liwusizo.

Usizo Ngemihlangano YobuKristu

Umuntu ochobozekile uthambekele ekubeni nemicabango engakhi engambangela ukuba azehlukanise. Nokho, izAga 18:1 ziyaxwayisa: “Ozihlukanisayo uyozifunela isifiso sobugovu; uyophulukundlela aphambane nakho konke ukuhlakanipha okusebenzayo.” U-Alex wavuma: “Lapho ushonelwa umngane womshado, ingqondo yakho ivele igcwale imicabango engakhi.” Ukhumbula ezibuza: “‘Ingabe ngenze konke ebengingakwenza? Ingabe bekufanele ngibe ocabangelayo noqonda kakhudlwana?’ Ngangingafuni ukuba ngedwa. Ngangingafuni ukuba ongashadile. Kunzima kakhulu ukuyeka ukucabanga lezi zinto ngoba nsuku zonke uphoqeleka ukuba ukhumbule ukuthi uwedwa.”

Umuntu ochobozekile emoyeni udinga ubudlelwane obakhayo kunanini ngaphambili. Buyatholakala emihlanganweni yobuKristu. Uma silapho, sivula izingqondo zethu ukuze samukele imicabango kaNkulunkulu eyakhayo neqinisayo.

Imihlangano yobuKristu isisiza ukuba sibe nombono olinganiselayo ngesimo esibhekene naso. Njengoba silalele futhi sizindla ngezingxenye ezithile eziseBhayibhelini, sigxilisa imicabango yethu ezintweni ezibaluleke ngempela—ukulwelwa kobukhosi bukaJehova nokungcweliswa kwegama lakhe—hhayi ezinhluphekweni zethu. Ngaphezu kwalokho, ngalezo zikhathi lapho sithola imfundo engokomoya, siyaqiniswa ngokwazi ukuthi nakuba abanye bengase bangaqapheli ukuthi sicindezelekile noma bengaqondi ukuthi sizizwa kanjani, ngokuqinisekile uJehova uyaqonda. Uyazi ukuthi “ngenxa yobuhlungu benhliziyo kuba khona umoya omunyu.” (IzAga 15:13) UNkulunkulu weqiniso ufuna ukusisiza futhi lokhu kusinika isikhuthazo namandla okuqhubekela phambili.—IHu. 27:14.

Lapho icindezelwe kakhulu izitha zayo, iNkosi uDavide yakhala kuNkulunkulu: “Umoya wami ufikelwa isinxi ngaphakathi kimi; ngaphakathi kimi inhliziyo yami izibonakalisa indikindiki.” (IHu. 143:4) Ubunzima buvame ukuthena umuntu amandla engqondo nawomzwelo, buze benze inhliziyo ibe ndikindiki. Ukuhlupheka kungabangelwa ukugula noma ubuthaka obungokomzimba obuthatha isikhathi eside. Singaqiniseka ngokuthi uJehova uyosisiza ukuba sikhuthazele. (IHu. 41:1-3) Nakuba uNkulunkulu engaphulukisi muntu ngokuyisimangaliso namuhla, uyamnika lowo ohluphekayo ukuhlakanipha namandla awadingayo ukuze abhekane naleso simo. Khumbula ukuthi lapho ecindezelwe izilingo, uDavide waphendukela kuJehova. Wahlabelela: “Ngikhumbulé izinsuku zakudala; ngizindlé ngawo wonke umsebenzi wakho; ngokuzithandela ngizigcine ngiwukhathalela umsebenzi wezandla zakho.”—IHu. 143:5.

Ukulotshwa kwale mizwa ephefumulelwe eZwini likaNkulunkulu kubonisa ukuthi uJehova uyayiqonda indlela esizizwa ngayo. Amazwi anjengalawa ayisiqinisekiso sokuthi uyazilalela izicelo zethu. Uma samukela usizo lukaJehova, ‘uyosisekela.’—IHu. 55:22.

“Thandazani Ningaphezi”

UJakobe 4:8 uthi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” Enye indlela yokusondela kuNkulunkulu ukuthandaza. Umphostoli uPawulu usiyala ukuba ‘sithandaze singaphezi.’ (1 Thes. 5:17) Ngisho noma sikuthola kunzima ukusho indlela esizizwa ngayo, “umoya ngokwawo uyasincengela ngokububula okungaphinyiselwe.” (Roma 8:26, 27) Ngokuqinisekile uJehova uyayiqonda indlela esizizwa ngayo.

UMonika, onobuhlobo obunjalo noJehova uthi: “Ngomthandazo, ukufunda iBhayibheli nangesifundo somuntu siqu, ngiye ngezwa ukuthi uJehova usenguMngane wami omkhulu. Useye waba ngokoqobo kangangokuthi ngihlale ngimbona njalo engisiza ekuphileni kwami. Kuyaduduza ukwazi ukuthi ngisho nalapho ngingakwazi ukuchaza indlela engizizwa ngayo, uyangiqonda. Ngiyazi ukuthi umusa wakhe nesibusiso akupheli.”

Ngakho-ke, masamukele amazwi othando aduduzayo avela kumaKristu esikanye nawo, sisebenzise iseluleko somusa nezikhumbuzo eziqinisa ukholo esizithola emihlanganweni yobuKristu, futhi sithululele inhliziyo yethu kuJehova ngomthandazo. La malungiselelo afika ngesikhathi ayizindlela uJehova abonisa ngazo ukuthi uyasikhathalela. Kulokhu abhekana nakho, u-Alex uthi, “Uma senza ingxenye yethu ekusebenziseni konke lokho uJehova uNkulunkulu asinikeza kona ukuze sihlale siqinile ngokomoya, siyoba ‘namandla angaphezu kwavamile’ okukhuthazelela noma iluphi uvivinyo esingase sibhekane nalo.”—2 Kor. 4:7.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 18]

Induduzo Kumuntu Ophansi

Amahubo acebe ngezinkulumo eziveza imizwelo yabantu kanye neziqinisekiso eziphindaphindiwe ezibonisa ukuthi uJehova uyakulalela ukukhala kophansi ogajwe ukucindezeleka ngokomzwelo. Cabanga ngala mavesi alandelayo:

“Ngaqhubeka ngimbiza uJehova ekucindezelekeni kwami, futhi ngaqhubeka ngikhalela usizo kuNkulunkulu wami. Walizwa izwi lami esethempelini lakhe, ukukhalela kwami usizo phambi kwakhe kwafika ezindlebeni zakhe.”—IHu. 18:6.

“UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.”—IHu. 34:18.

“[UJehova] uphulukisa abanenhliziyo eyaphukile, abophe izindawo zabo ezibuhlungu.”—IHu. 147:3.

[Isithombe ekhasini 17]

Yeka indlela ‘izwi elishiwo ngesikhathi salo esifanele’ elingaba induduzo ngayo ngosuku lokucindezeleka!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela