Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/09 kk. 6-9
  • Usizo Oluvela ‘KuNkulunkulu Wenduduzo’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Usizo Oluvela ‘KuNkulunkulu Wenduduzo’
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngeke Kuphinde Kube Khona Ukucindezeleka!
  • Induduzo Ngabacindezelekile
    Induduzo Ngabacindezelekile
  • Bafuna Ukusiza
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • “Nithokozise Abadanileyo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Uma Ngicindezelekile?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 7/09 kk. 6-9

Usizo Oluvela ‘KuNkulunkulu Wenduduzo’

INKOSI UDAVIDE yabhekana nosizi olukhulu ‘nemicabango eminingi eyayincisha ukuthula.’ Kodwa, ayizange ikungabaze ukuthi uMdali usiqonda ngazo zonke izindlela. Yabhala: “O Jehova, ungihlolisisile, futhi uyangazi. Wena ngokwakho usuyakwazi ukuhlala kwami phansi nokusukuma kwami. Ucabangelé umcabango wami ukude. Ngoba akukabikho zwi olimini lwami, kodwa, bheka! Jehova, usulazi lonke kakade.”—IHubo 139:1, 2, 4, 23.

Nathi singaqiniseka ukuthi uMdali wethu uyasiqonda thina kuhlanganise nemiphumela ethena amandla ebangelwa ukucindezeleka ezingqondweni nasemizimbeni yethu engaphelele. Uyazi ukuthi yini ebangela ukucindezeleka nokuthi singabhekana kanjani nakho ngokuphumelelayo njengamanje. Ngaphezu kwalokho, wembulile ukuthi uyokwelapha kanjani ukucindezeleka kuze kube phakade. Akekho omunye ebesingafisa ukuba asisize ngaphandle “kukaNkulunkulu wethu onesihawu oduduza labo abacindezelekile.”—2 Korinte 7:6, The Amplified Bible.

Kodwa abacindezelekile bangase bazibuze ukuthi uNkulunkulu angabasiza kanjani lapho bebhekana nemizwa ecindezelayo.

Ingabe uNkulunkulu uyatholakala kwabacindezelekile?

UNkulunkulu usondelene kakhulu nezikhonzi zakhe ezicindezelekile kuze kube sengathi uhlala ‘nalabo abachotshoziwe abanomoya othobekile, ukuze avuselele umoya wabathobekileyo futhi avuselele inhliziyo yabachotshozwayo.’ (Isaya 57:15) Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi “uJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile”!—IHubo 34:18.

Bangayithola Kanjani Induduzo KuNkulunkulu Abacindezelekile?

Nganoma yisiphi isikhathi sosuku, abakhulekeli bakaNkulunkulu bangakwazi ukukhuluma ‘noMuzwi womthandazo,’ ongasisiza ukuba sibhekane nemizwa nezimo ezicindezelayo. (IHubo 65:2) IBhayibheli lisinxusa ukuba sithulule izifuba zethu kuNkulunkulu: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.

Kuthiwani uma imizwa yethu yokuzinyeza isenza sicabange ukuthi imithandazo yethu akayilaleli?

Ukucindezeleka, kungabangela ukuba siphethe ngokuthi imizamo yethu yokujabulisa uNkulunkulu ayanele. Kodwa, uBaba wethu osezulwini uyiqonda kahle imizwa yethu ebuthaka, “ekhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:14) Ngisho noma ‘izinhliziyo zethu zisilahla,’ kodwa ‘singaziqinisekisa ukuthi uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.’ (1 Johane 3:19, 20) Ngakho-ke, emithandazweni yakho ungawasebenzisa amazwi owathathe eBhayibhelini njengasencwadini yeHubo 9:9, 10; 10:12, 14, 17; no-25:17.

Kuthiwani uma sicindezeleke kakhulu singakwazi ukuveza imizwa yethu?

Lapho ucindezeleke kakhulu ungasakwazi nokukhuluma kahle, ungadikibali! Qhubeka usondela ‘kuYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke,’ wazi ukuthi uyayiqonda imizwa nezidingo zakho. (2 Korinte 1:3) UMaria, okukhulunywe ngaye ekuqaleni kulolu chungechunge lwezihloko, uthi: “Ngezinye izikhathi lapho ngidideke kakhulu, ngivele ngingazi ukuthi ngithandaze ngithini. Kodwa ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uyangiqonda futhi uyangisiza.”

Uyiphendula kanjani uNkulunkulu imithandazo yethu?

IBhayibheli alisho ukuthi uNkulunkulu ususa zonke izinkinga zethu manje. Kodwa, uyasinikeza amandla okubhekana nazo “zonke izinto”—kuhlanganise nokucindezeleka. (Filipi 4:13) UMartina uyavuma: “Lapho ngiqala ukuphathwa ukucindezeleka, ngathandaza kuNkulunkulu ngamcela ukuba angelaphe ngokushesha, ngoba ngangicabanga ukuthi ngeke ngisakwazi ukukubekezelela. Manje nganelisekile ngokuthandazela amandla usuku nosuku.”

ImiBhalo iwumthombo obalulekile wamandla angokomoya okusiza abagulayo ukuba babhekane nokucindezeleka. USara osekuphele iminyaka engu-35 enokucindezeleka, wazibonela ngokwakhe ukubaluleka kokufunda iBhayibheli nsuku zonke. Uyalandisa: “Ngikwazisa kakhulu lokho ochwepheshe bezokwelapha abangenzele khona. Kodwa, ngaphezu kwakho konke, ngiyakuqaphela ukubaluleka kosizo olungokomoya lokufunda iZwi likaNkulunkulu. Ngikwenze umkhuba ukulifunda.”

Ngeke Kuphinde Kube Khona Ukucindezeleka!

Lapho uJesu esemhlabeni, wabonisa amandla ayewanikezwe uNkulunkulu okwelapha izifo ezibuhlungu. UJesu wayemagange ukuletha impumuzo kubantu ababephethwe yizifo ezimbi kakhulu. Ngaphezu kwalokho, yena ngokwakhe uyabazi ubuhlungu obubangelwa imizwa yokucindezeleka. Ngobusuku obandulela ukubulawa kwakhe okubuhlungu, “[uKristu] wenza ukunxusa nezicelo kuLowo owayekwazi ukumsindisa ekufeni, ngokukhala okukhulu nangezinyembezi.” (Hebheru 5:7) Nakuba kwakucindezela kuJesu lokho ngaleso sikhathi, siyazuza manje ngenxa yokuthi “uyakwazi ukusiza labo abavivinywayo.”—Hebheru 2:18; 1 Johane 2:1, 2.

IBhayibheli lembula ukuthi injongo kaNkulunkulu iwukususa zonke izimo ezibangela ukucindezeleka. IBhayibheli liyethembisa: “Ngidala amazulu amasha nomhlaba omusha; izinto zangaphambili ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni. Kodwa yethabani, nijabule kuze kube phakade ngalokho engikudalayo.” (Isaya 65:17, 18) “Amazulu amasha,” uMbuso kaNkulunkulu, ayobuyisela “umhlaba omusha,” umphakathi wabantu abalungile emhlabeni, ekupheleleni ngokomzimba, ngokomzwelo nangokomoya. Konke ukugula ngeke kusaba khona kuze kube phakade.

“O Jehova, ngimemezé igama lakho ngisemgodini wohlobo oluphansi impela. Izwi lami kumelwe ulizwe. Ungayifihli indlebe yakho ekungiphumuzeni, ekukhaleleni kwami usizo. Usondelile ngosuku engaqhubeka ngikubiza ngalo. Wathi: ‘Ungesabi.’”—IsiLilo 3:55-57

‘NIKHULUME NGOKUDUDUZAYO NABACINDEZELEKILE’

Lapho imizwa yokucindezeleka kaBarbara isingaphezu kwamandla akhe, yena nomyeni wakhe bashayela uGerard ucingo, umngane wabo ongumdala ongumKristu. Ulalela ngesineke lapho uBarbara edinda isililo futhi esho izinto ezimcindezelayo aseke wazisho ngaphambili.

UGerard usefunde ukulalela ngaphandle kokwahlulela, ukuphikisa noma ukusola. (Jakobe 1:19) Njengoba nje iBhayibheli leluleka, wafunda ‘nokukhuluma ngokududuzayo nabacindezelekile.’ (1 Thesalonika 5:14) Ngesineke uye amqinisekise uBarbara ukuthi uyigugu kuJehova Nkulunkulu, emkhayeni wakhe nakubangane bakhe. Uvame ukufunda ivesi elilodwa noma amabili eBhayibhelini nakuba amanye esuke esewaphinda. Bese ecela ukuthandaza naye nomyeni wakhe ocingweni, okuyinto ehlala njalo ibaduduza.—Jakobe 5:14, 15.

UGerard wazi kahle ukuthi akayena udokotela futhi akazami ukuba udokotela kuBarbara. Nokho, umane nje anezele emithini yokwelapha ngokuthile odokotela abangenakumnika khona—imiBhalo nemithandazo ezomduduza.

‘Ukukhuluma ngokududuzayo nabacindezelekile’

Ungase uthi: “Ngifuna wazi ukuthi bengikucabanga. Ngiyazi ukuthi ungumuntu obuthaka. Usunjani kodwa?”

Khumbula: Khuluma ngobuqotho futhi ulalele ngozwela ngisho noma ocindezelekile ephinda izinto ezifanayo.

Ungase uthi: Kuyangimangaza ukuthi ukwazi ukufeza okuningi kangaka nakuba ugula (noma “Ngiyazithanda izimfanelo zobuKristu ozibonisayo”). Ngisho noma ufisa ukwenza okwengeziwe, uJehova uyakuthanda futhi uyakwazisa, nathi ngokunjalo.”

Khumbula: Yiba nesihawu nomusa.

Ungase uthi: “Uyazi ngithole nanku umbhalo okhuthazayo.” Noma “Ngicabange ngawe ngesikhathi ngifunda leli vesi engilithandayo.” Yibe usulifunda noma ulisho.

Khumbula: Khuluma ngendlela enesizotha.

Induduzo Evela EmiBhalweni

ULorraine ukhuthazwa yisithembiso sikaJehova esitholakala ku-Isaya 41:10: “Ungesabi, ngoba nginawe. Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza. Impela ngizoqhubeka ngikubambé ngokuqinile ngesandla sami sokunene sokulunga.”

U-Álvaro uthi avame ukumduduza amazwi eHubo 34:4, 6: “Ngambuza uJehova, wangiphendula, wangikhulula kukho konke ukwethuka kwami. Lona ohluphekile wabiza, uJehova wezwa. Futhi Yena wamsindisa kuzo zonke izingcindezi zakhe.”

UNaoya uthi kumkhuthaza njalo ukufunda iHubo 40:1, 2: “Ngathemba uJehova ngobuqotho, ngakho wathambekisela indlebe yakhe kimi wakuzwa ukukhalela kwami usizo. . . . Wazimisa zaqina izinyathelo zami.”

IHubo 147:3 liqinisekisa uNaoko ngokuthi uJehova “uphulukisa abanenhliziyo eyaphukile, abophe izindawo zabo ezibuhlungu.”

Amazwi kaJesu akuLuka 12:6, 7 asiza u-Eliz ukuba athembele kuJehova: “Ondlunkulu abahlanu bathengiswa ngezinhlamvu zemali ezimbili zenani elincane, akunjalo? Nokho akukho nowodwa kubo olibalekayo phambi kukaNkulunkulu. Kodwa ngisho nezinwele zamakhanda enu zibaliwe zonke. Ningesabi; nina nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi.”

Amanye amavesi eBhayibheli:

  • IHubo 39:12: “Yizwa umthandazo wami, ubeke indlebe ekukhaleleni kwami usizo. Ungathuli lapho ubona izinyembezi zami.”

  • Eyesi-2 Korinte 7:6: UNkulunkulu “ududuza abacindezelekile.”—New American Standard Bible.

  • Eyoku-1 Petru 5:7: “Kuyilapho niphonsa zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe [uNkulunkulu], ngoba uyanikhathalela.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela