Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 5/15 kk. 3-5
  • Ingabe Ulijabulela Ngempela IZwi LikaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ulijabulela Ngempela IZwi LikaNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imigomo Nezindlela Ongazisebenzisa
  • Isikhathi Esisetshenziswe Kahle
  • Ukuzuza Ekufundeni IBhayibheli Nsuku Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Jabulela IZwi LikaNkulunkulu
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ukufunda IBhayibheli—Kuyazuzisa Futhi Kumnandi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Funda Ngokuzimisela
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 5/15 kk. 3-5

Ingabe Ulijabulela Ngempela IZwi LikaNkulunkulu?

“LAPHO ngisaqala ukulifunda njalo iBhayibheli, ngakuthola kuwumsebenzi kunokuba kujabulise,” kusho uLorraine. “Kwakunzima ukuliqonda, ngakho ngangivame ukuthola ingqondo yami isizulazula.”

Abanye bayavuma ukuthi nabo lapho beqala ukufunda iBhayibheli babengakujabuleli. Nokho, baphikelela ngoba babazi ukuthi ukufunda imiBhalo Engcwele kuyinto efanele. UMarc uthi: “Kulula ukuvumela iziphazamiso ziphazamise isimiso sokufundwa kweBhayibheli nesesifundo somuntu siqu. Kwadingeka ngithandaze futhi ngizikhandle kakhulu ukuze ngenze ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kube ingxenye yesimiso sami.”

Yini ongayenza ukuze uhlakulele ukwazisa okwengeziwe ngeZwi likaNkulunkulu elilotshiwe, iBhayibheli? Ungakujabulela kanjani ukulifunda? Cabangela ukusikisela okulandelayo.

Imigomo Nezindlela Ongazisebenzisa

Thandaza futhi ugxilise ingqondo lapho ufunda iBhayibheli. Cela uJehova akusize wakhe ukulangazelela ukutadisha iZwi lakhe. Mnxuse ukuba avule ingqondo nenhliziyo yakho ukuze iqonde ukuhlakanipha kwakhe ngokugcwele. (IHu. 119:34) Uma singakwenzi lokhu, ukutadisha iBhayibheli kungasheshe kube into oyenza nje ngoba kuyisibopho futhi ungase uphelelwe isifiso sokuqhubeka. ULynn uthi: “Ngezinye izikhathi ngiyashesha lapho ngifunda bese ngingawatholi nhlobo amaphuzu athakazelisayo aseceleni. Kuvamile nokuba ngingayiqondi ngokugcwele imiqondo eyinhloko. Nokho, ngithandazela ukuzithiba futhi lokhu kuyangisiza ekugcineni ingqondo yami ingazuli.”

Kwazise lokho okufundayo. Khumbula ukuthi ukuqonda nokusebenzisa amaqiniso eBhayibheli kusho ukuphila kwakho. Ngakho, yenza umzamo oqotho wokuthola amaphuzu awusizo bese uwasebenzisa. UChris uthi: “Ngibheka izinto ezingisiza ukuba ngibone izimo zengqondo nezisusa ezingalungile kimi. Kuyaqabula ukubona indlela iBhayibheli nezincwadi zethu eziningi eziqukethe ngayo ukwaziswa okuzuzisa mina ngokuqondile, yize ababhali bazo bengangazi nhlobo.”

Zibekele imigomo efinyelelekayo. Zama ukufunda okuthile okusha ngabantu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini. Ungathola amaqiniso athakazelisayo ngabaningi babo lapho ubheka i-Insight on the Scriptures noma i-Watch Tower Publications Index. Njengoba uqala ukwazi amadoda nabesifazane abaseBhayibhelini njengabantu bangempela abanobuntu nemizwa, bayophila engqondweni yakho.

Funa izindlela ezintsha zokubonisana nabanye ngemiBhalo. (IzE. 17:2, 3) USophia ucabanga ngaleli phuzu lapho etadisha. Uthi: “Isifiso sami siwukufunda nokuhlakulela izindlela ezintsha zokubonisana nabantu engizozisebenzisa enkonzweni yami nangezinye izikhathi, ukuze ngikwazi ukuwethula ngokucacile amaqiniso eBhayibheli. INqabayokulinda iyithuluzi elihle kakhulu lokufinyelela lokhu.”—2 Thim. 2:15.

Kubone ngeso lengqondo ukulandisa okuseBhayibhelini. AmaHebheru 4:12 athi: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila.” Njengoba ufunda imiBhalo, vumela isigijimi sikaNkulunkulu siphile engqondweni yakho ngokubona ngeso lengqondo lokho abantu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini ababekubona. Zama ukuzwa lokho ababekuzwa futhi uzame ukuzizwa ngendlela ababezizwa ngayo. Hlobanisa izinto ezabehlela nezimo ezithile zokuphila kwakho. Funda endleleni abasingatha ngayo izimo. Lokhu kuyothuthukisa ukuqonda nekhono lakho lokukhumbula izindaba eziseBhayibhelini.

Zinike isikhathi sokucwaninga imiBhalo elukhuni nezincazelo zayo ukuze uyiqonde ngokucacile. Zinike isikhathi esanele njalo lapho utadisha. Ungase uhlangane nemibuzo ethakazelisayo engase idinge uyicwaninge kakhudlwana. Bheka incazelo yamagama angajwayelekile, cabangela imibhalo yaphansi bese uhlola izikhombo ezisemavesini eBhayibheli. Lapho ukuqonda ngokwengeziwe okufundayo futhi ukusebenzisa, uyokujabulela kakhudlwana ukufunda iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe. Ngaleyo ndlela nawe uyokwazi ukusho njengomhubi: “Ngithathé izikhumbuzo zakho [Jehova] njengefa kuze kube nini nanini, ngoba ziwukwethaba kwenhliziyo yami.”—IHu. 119:111.

Gwema ukushesha lapho ufunda. Sicabangele kahle isikhathi osisebenzisela isifundo somuntu siqu. Linganisela phakathi kwaso nesokulungiselela imihlangano yebandla. URaquel uthi: “Ngivame ukuzizwa ngicindezeleke kakhulu kangangokuthi angikwazi ukugxilisa ingqondo. Ngakho kuyangisiza ukutadisha izikhathi ezimfushane. Kungisiza ukuba ngizuze kakhulu lapho ngitadisha.” UChris uyavuma: “Uma ngishesha lapho ngifunda, unembeza wami uyangihlupha ngoba kuba kuncane kakhulu engikukhumbulayo. Ngokuvamile lokho engikufundayo akuyifinyeleli inhliziyo yami.” Ngakho-ke, zinike isikhathi esanele.

Yakha ukulilangazelela kakhudlwana iZwi likaNkulunkulu. Umphostoli uPetru wathi: “Njengezinsana ezisanda kuzalwa, yakhani ukulangazelela ubisi olungonakalisiwe olungolwezwi, ukuze ngalo nikhulele ensindisweni.” (1 Pet. 2:2) Izinsana akudingeki zikuhlakulele ukulangazelela ubisi. Lowo muzwa ungokwemvelo. Kodwa imiBhalo iyavuma ukuthi thina kudingeka sikwakhe ukulangazelela iZwi likaNkulunkulu. Uma ungafunda ikhasi elilodwa leBhayibheli njalo ngosuku, kuyosheshe kwakheke lokho kulilangazelela. Lokho okungase kubonakale kunzima ekuqaleni kuyosheshe kube okujabulisayo.

Zindla ngamavesi eBhayibheli. Kuyazuzisa kakhulu futhi nokuzindla ngalokho okufundayo. Kuyokusiza ukuba ukwazi ukuhlobanisa izindaba ezingokomoya oye wazicwaninga. Ngokushesha uyobe usunamaparele amaningi okuhlakanipha okungokomoya—ifa elijabulisayo ngempela.—IHu. 19:14; IzAga 3:3.

Isikhathi Esisetshenziswe Kahle

Kudinga umzamo ukunamathela emikhubeni emihle yokutadisha, kodwa izibusiso zako azinakuqhathaniswa. Ngaleyo ndlela ukuqonda kwakho okungokomoya kuyothuthuka. (Heb. 5:12-14) Ukuqonda nokuhlakanipha okuthola emiBhalweni ephefumulelwe kuletha injabulo, intokozo nokuthula. Ukuhlakanipha okutholakala eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe “kungumuthi wokuphila” kulabo abakubambayo futhi bakusebenzise.—IzAga 3:13-18.

Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu ngokujulile kungakwenza ube nenhliziyo enokuqonda. (IzAga 15:14) Lokhu kuyokusiza ukuba unikeze iseluleko esiqotho esisekelwe ngokuqinile eBhayibhelini. Uma uvumela izinqumo zakho ukuba ziqondiswe yilokho okufunda emiBhalweni nasezincwadini ezikhishwa “inceku ethembekileyo neqondayo,” uyozwa amandla ethonya eliqabulayo neliqinisayo leZwi likaJehova eliphefumulelwe. (Math. 24:45) Uyoba umuntu onombono oqondile nonethemba lokuhle futhi ongokomoya ngokwengeziwe. Ngaphezu kwalokho, yonke into oyenzayo ethinta ubuhlobo bakho noNkulunkulu iyophumelela.—IHu. 1:2, 3.

Inhliziyo echichima uthando ngoNkulunkulu iyokushukumisela ukuba ukhulume nabanye ngokholo lwakho. Nalokhu kungaba nomvuzo omkhulu. USophia ulwela ukukhumbula nokusebenzisa imiBhalo ehlukahlukene ukuze abambe isithakazelo sabaninikhaya futhi enze inkonzo yakhe yobuKristu iphumelele, ithakazelise. Uthi: “Ukubona indlela abantu abasabela ngayo kulokho okushiwo iBhayibheli kujabulisa ngempela.”

Nokho, inzuzo enkulu kunazo zonke yokujabulela iZwi likaNkulunkulu iwukuba nobuhlobo obuseduze noJehova. Isifundo seBhayibheli sikusiza ukuba wazi izindinganiso zakhe futhi wazise uthando, indlela aphana ngayo kanye nobulungisa bakhe. Akukho lutho olubaluleke noluzuzisa ngaphezu kwalokhu. Gxila ekutadisheni iZwi likaNkulunkulu. Ukwenza kanjalo kuwukusisebenzisa kahle ngempela isikhathi.—IHu. 19:7-11.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 5]

UKUFUNDA IZWI LIKANKULUNKULU: IMIGOMO NEZINDLELA ONGAZISEBENZISA

▪ Thandaza futhi ugxilise ingqondo lapho ufunda iBhayibheli.

▪ Kwazise lokho okufundayo.

▪ Zibekele imigomo efinyelelekayo.

▪ Funa izindlela ezintsha zokubonisana nabanye ngemiBhalo.

▪ Kubone ngeso lengqondo ukulandisa okuseBhayibhelini.

▪ Zinike isikhathi sokucwaninga imiBhalo elukhuni nezincazelo zayo ukuze uyiqonde ngokucacile.

▪ Gwema ukushesha lapho ufunda.

▪ Yakha ukulilangazelela kakhudlwana iZwi likaNkulunkulu.

▪ Zindla ngamavesi eBhayibheli.

[Isithombe ekhasini 4]

Lapho ufunda ukulandisa okuseBhayibhelini, zibone ngeso lengqondo usesimweni esifanayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela