Izindaba Ezinhle Kwabampofu
IZWI LIKANKULUNKULU liyasiqinisekisa: “Ompofu ngeke alibaleke ngaso sonke isikhathi.” (IHubo 9:18) Liphinde lithi ngoMdali wethu: “Uvula isandla sakho wanelise isifiso sayo yonke into ephilayo.” (IHubo 145:16) Leli themba eliseZwini likaNkulunkulu alilona nje iphupho. UNkulunkulu uMninimandla onke angakwazi ukusinika esikudingayo ukuze aqede ubumpofu. Badingani abampofu?
Isazi sezomnotho esidabuka e-Afrika sathi into edingwa amazwe ampofu “umbusi onomusa.” Lokhu kusho ukuthi ukuze kuqedwe ubumpofu, kudingeka umuntu onegunya ongathatha izinyathelo ezinqala nonenhliziyo enhle. Umbusi ongaqeda ubumpofu kungadingeka nokuba abe umbusi ongabusa umhlaba wonke ngoba ngokuvamile ubumpofu obedlulele bubangelwa ukuthi amanye amazwe acebile kuyilapho amanye ehlupheka. Ngaphezu kwalokho, kungadingeka enze okuthile ngembangela yobumpofu—ukuthambekela kwethu ekwenzeni izinto ngobugovu. Angatholwaphi umbusi onjalo?
UNkulunkulu wathumela uJesu nezindaba ezinhle kwabampofu. Lapho uJesu esukuma ukuze afunde umthetho kaNkulunkulu, wathi: “Umoya kaJehova uphezu kwami, ngoba ungigcobile ukuba ngimemezele izindaba ezinhle kwabampofu.”—Luka 4:16-18.
Ziyini Izindaba Ezinhle?
UNkulunkulu ubeke uJesu ukuba abe yiNkosi. Lezi izindaba ezinhle ngempela. Uyakufanelekela ukuba uMbusi ongaqeda ubumpofu ngoba (1) uzobusa bonke abantu futhi unamandla okuthatha isinyathelo; (2) ubaphatha ngozwela abampofu futhi ufundisa abalandeli bakhe ukuba babanakekele; futhi (3) angayiqeda imbangela yobumpofu—ukuthambekela kwethu ekwenzeni izinto ngobugovu esakuzuza ngefa. Ake sihlole lezi zici ezintathu zezindaba ezinhle.
1. Igunya likaJesu phezu kwazo zonke izizwe IZwi likaNkulunkulu lithi ngoJesu: “Wanikwa ububusi . . . ukuze zonke izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi zimkhonze.” (Daniyeli 7:14) Ucabanga ukuthi ziyini izinzuzo zokuba nohulumeni oyedwa obusa bonke abantu? Ngeke zibe khona izingxabano nokubangisana ngemikhiqizo yomhlaba. Wonke umuntu uyozuza ngokulinganayo. UJesu ngokwakhe wanikeza isiqinisekiso sokuthi uyoba uMbusi womhlaba wonke onegunya. Wathi: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.”—Mathewu 28:18.
2. Uzwela lukaJesu ngabampofu Phakathi nayo yonke inkonzo yakhe emhlabeni, uJesu wabaphatha ngozwela abampofu. Ngokwesibonelo, owesifazane owayesesebenzise yonke imali yakhe ukuze akhokhele ukwelashwa kwakhe wathinta ingubo kaJesu, enethemba lokuthi uzophulukiswa. Kwase kuyiminyaka engu-12 enomopho futhi akungabazeki ukuthi wayengasenawo amandla ngenxa yokulahlekelwa igazi eliningi. NgokoMthetho, noma ubani amthintayo wayengaba ongcolile. Kodwa uJesu wamphatha ngomusa. Wathi: “Ndodakazi, ukholo lwakho lukuphilisile. Hamba ngokuthula, uphile kahle ekuguleni kwakho okubi.”—Marku 5:25-34.
Izimfundiso zikaJesu zinamandla okushintsha isimo sengqondo sabantu nabo babe nozwela. Ngokwesibonelo, cabanga ngempendulo kaJesu endodeni eyayifuna ukwazi ukuthi ingamjabulisa kanjani uNkulunkulu. Le ndoda yayazi ukuthi uNkulunkulu ufuna sithande omakhelwane bethu, kodwa yabuza uJesu: “Ubani ngempela umakhelwane wami?”
UJesu wayiphendula ngokulandisa umfanekiso odumile womuntu owayesuka eJerusalema eya eJeriko owaphangwa izigebengu futhi washiywa “kusele umndondo.” Umpristi owayehla ngalowo mgwaqo wadlula ngakolunye uhlangothi nomLevi wenza okufanayo. “Kodwa umSamariya othile owayehamba ngaleyo ndlela wafika kuye, lapho embona, waba nesihawu.” Wamgeza amanxeba, wamthatha wamyisa endlini yezihambi, wabe esekhokhela umgcini wendlu yezihambi ukuba amnakekele. UJesu wabuza: ‘Ubani owazenza umakhelwane walo muntu owazithela kubaphangi?’ Impendulo yathi: “Yilowo owenza isenzo sesihe.” UJesu wabe esethi: ‘Yenza okufanayo nawe.’—Luka 10:25-37.
Abantu ababa oFakazi BakaJehova bafunda izimfundiso zikaJesu ezifana nalezi bese beshintsha isimo sabo sengqondo ngokusiza labo abadinga usizo. Ngokwesibonelo, encwadini yakhe ethi Women in Soviet Prisons, umbhali waseLatvia wabhala ngesifo asithola ngenkathi esebenza ePotma ekamu lokujezisa maphakathi nawo-1960. Uthi: “Ngesikhathi ngigula [oFakazi] banginakekela kahle kakhulu bangakhathala.” Wanezela: “OFakazi BakaJehova bakubheka njengomthwalo wabo ukusiza bonke abantu, kungakhathaliseki ukuthi bangabaluphi uhlanga noma inkolo.”
Lapho ukuwa kwezimo zomnotho kushiya abanye oFakazi BakaJehova e-Ancon, e-Ecuador, bengasebenzi futhi bengenamali, abanye oFakazi beza neqhinga lokuthola imali; bapheka ukudla ababezokudayisela abadobi abavela ekudobeni ebusuku (isithombe singakwesokudla). Bonke ebandleni bafaka isandla, kuhlanganise nezingane. Babeqala ukupheka ngehora lokuqala ekuseni ukuze ukudla kube sekulungile ngehora lesine lapho kufika imikhumbi. Imali oFakazi abayithola yacazwa ngokwezidingo zomuntu ngamunye.
Izindaba ezifana nalezi zibonisa ukuthi isibonelo sikaJesu nezimfundiso zakhe ngempela kunamandla okushintsha isimo sengqondo sabantu mayelana nokusiza labo abadinga usizo.
3. Amandla kaJesu okushintsha ubuntu Ukuthambekela kwabantu kokuba nobugovu kuyinto esiyaziyo sonke. IBhayibheli libiza lokhu ngokuthi isono. Ngisho nomphostoli uPawulu wabhala: “Khona-ke, ngithola lo mthetho ngokuqondene nami: ukuthi lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.” Wanezela: “Ubani oyongophula kulo mzimba othola lokhu kufa? Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu.” (Roma 7:21-25) Lapha, uPawulu wayebhekisela endleleni uNkulunkulu ayeyosebenzisa ngayo uJesu ukuze ophule abakhulekeli beqiniso ekuthambekeleni kwesono abakuzuze ngefa, okunye kwakho okuwubugovu, imbangela eyinhloko yobumpofu. Wayeyokwenza kanjani lokhu?
Ngemva kwesikhathi esithile uJesu ebhapathiziwe, uJohane uMbhapathizi wamethula wathi: “Bhekani, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe!” (Johane 1:29) Maduze, umhlaba uzogcwala abantu abakhululwe esonweni nasekuthambekeleni kokuzicabangela bona. (Isaya 11:9) UJesu uzobe eseyiqedile imbangela yobumpofu.
Yeka ukuthi kuyinjabulo kanjani ukwazi ukuthi esikhathini esizayo bonke abantu bayoba nezinto abazidingayo! IZwi likaNkulunkulu lithi: “Bayohlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, ngeke kube khona obenza bathuthumele.” (Mika 4:4) La mazwi achaza ngokusankondlo isikhathi lapho bonke beyothola ukwaneliseka emsebenzini abawenzayo, ukulondeka nethuba eliphelele lokujabulela umhlaba ongenabo ubumpofu, kube udumo kuJehova.