Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 10/1 k. 16
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iziboshwa Zobumpofu
    I-Phaphama!—1998
  • Imizamo Yokuqeda Ubumpofu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ukuphela Kobumpofu Kuyasondela
    I-Phaphama!—1998
  • Izindaba Ezinhle Kwabampofu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 10/1 k. 16

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Ingabe ubumpofu bungaphela emhlabeni?

Owesifazane ubambe isitsha esingenalutho futhi wanga intombazanyana

UNkulunkulu uyobuqeda kanjani ubumpofu emhlabeni?​—Mathewu 6:​9.

Unyaka ngamunye izigidi zabantu zibulawa ubumpofu obuhlanganisa ukungondleki nezifo. Nakuba amanye amazwe ecebile, basebaningi abantu abakhungethwe ubumpofu. IBhayibheli libonisa ukuthi ubumpofu bebulokhu buyinkinga yesintu.​—Funda uJohane 12:8.

Ukuze kuqedwe ubumpofu, kungadingeka uhulumeni owodwa ozobusa wonke umhlaba, wanelise wonke umuntu. Lowo hulumeni kungadingeka ube namandla okwanelisa izidingo zabantu ngendlela elinganayo nokuqeda izimpi, njengoba ziyimbangela eyinhloko yobumpofu. UNkulunkulu uthembisa ukuletha uhulumeni onjalo lapha emhlabeni.​—Funda uDaniyeli 2:44.

Ubani ongaqeda ubumpofu?

UNkulunkulu umise uJesu, iNdodana yakhe, ukuba abuse sonke isintu. (IHubo 2:​4-8) UJesu uyokhulula ompofu futhi uyoqeda ukucindezelwa nobudlova.​—Funda iHubo 72:​8, 12-14.

‘NjengeSikhulu Sokuthula’ esabikezelwa, uJesu uyokwenza kube nokuthula nokulondeka emhlabeni. Bonke abayobe bephila emhlabeni bayoba namakhaya abo, bayojabulela umsebenzi ojabulisayo futhi bayoba nenala yokudla.​—Funda u-Isaya 9:​6, 7; 65:​21-23.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 8 sale ncwadi, enyatheliswa oFakazi BakaJehova

Iyatholakala nasengosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela