Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 2/15 kk. 15-17
  • Isici Esingonakalisa Izingqondo Zethu—Umona

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isici Esingonakalisa Izingqondo Zethu—Umona
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UMOYA ONGABHEBHEZELA UMONA
  • ESIKUFUNDISWA IZIBONELO EZISEMIBHALWENI
  • AMAKHAMBI ANAMANDLA OKUNQOBA UMONA!
  • AKUYONA IMPI ELULA!
  • Lwela Ukuba Nokuthula Nabanye Ngokulwa Nomona
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Izihluthulelo Zokuphila Okujabulisayo
    I-Phaphama!—2014
  • Ingabe Uziqhathanisa Nabanye?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Umuntu Onomona
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 2/15 kk. 15-17

Isici Esingonakalisa Izingqondo Zethu—Umona

UNapoleon Bonaparte wayenawo. UJulius Caesar wayenawo. U-Alexander Omkhulu wayenawo. Naphezu kwamandla nodumo ayenalo, la madoda ayenesici ezinhliziyweni zawo esasingonakalisa izingqondo zawo. Yilowo nalowo kuwo wayenomona ngothile.

“UNapoleon wayenomona ngoCaesar, uCaesar enomona ngo-Alexander [Omkhulu] no-Alexander, ngingathi wayenomona ngoHercules, umuntu ongakaze abe khona ngisho nokuba khona,” kubhala isazi sefilosofi esiyiNgisi uBertrand Russell. Wonke umuntu angaba nomona kungakhathaliseki ukuthi ucebe kangakanani, unezimfanelo ezinhle kangakanani nokuthi uphumelela kangakanani ekuphileni.

Umona umuzwa wokucasukela abanye ngenxa yalokho abanakho, ukuchuma, amathuba nokunye. Iveza umahluko phakathi komona nomhawu, enye incwadi echaza iBhayibheli ithi: “Elithi ‘umhawu’ . . . libhekisela esifisweni sokuba nalokho omunye umuntu anakho kanti elithi ‘umona’ libhekisela esifisweni sokuphuca omunye lokho anakho.” Umuntu onomona akagcini ngokufela abanye umona ngalokho abanakho kodwa ufuna ukubaphuca kona.

Kuwukuhlakanipha ukuhlola ukuthi umona ungakheka kanjani kithi futhi kube namiphi imiphumela. Ikakhulu kudingeka sazi izinyathelo esingazithatha ukuze ukuphila kwethu kungabuswa umona.

UMOYA ONGABHEBHEZELA UMONA

Nakuba abantu abangaphelele ‘bethambekele emoneni,’ kunezici ezahlukahlukene ezingabhebhezela futhi zikhulise lokhu kuthambekela. (Jak. 4:5) Ebalula esinye sazo, umphostoli uPawulu wabhala: “Masingabi abazazisayo, sibhebhezela ukuncintisana, sifelana umona.” (Gal. 5:26) Umoya wokuncintisana ungenza ukuthambekela kwethu emoneni njengabantu abangaphelele kube kubi ngisho nakakhulu. AmaKristu amabili uCristina noJoséa akubona ukuba iqiniso kwalokhu.

UCristina, iphayona elivamile, uthi: “Ngiye ngizithole ngifela abanye umona. Ngiqhathanisa izinto abanazo nengingenazo mina.” Ngesinye isikhathi, uCristina wayememe umbhangqwana ojikelezayo ukuba uzodla kwakhe. Eqaphela ukuthi yena nomyeni wakhe, u-Eric, babengontanga nalo mjikelezi nomkakhe nokuthi babeke baba nezabelo ezifanayo esikhathini esidlule, wathi: “Umyeni wami naye ungumdala! Pho kwenzeka kanjani ukuba nina nijikeleze kodwa thina sibe singelutho?” Umona wakhe owawubhebhezelwa umoya wokuncintisana wamenza wangawubona umsebenzi omuhle yena nomyeni wakhe ababewenza futhi wamenza ukuba azizwe enganelisekile ngokuphila kwabo.

UJosé wayefisa ukuba inceku ekhonzayo ebandleni. Lapho kutuswa abanye kodwa yena engatuswa, waba nomona ngabo futhi wazonda umxhumanisi wendikimba yabadala. Uyavuma: “Umona wangenza ngafukamela inzondo ngalo mzalwane futhi ngizihumushe kabi izinhloso zakhe. Lapho umona usulawula ukuphila kwakho, uzicabangela wena wedwa futhi umqondo wakho uyadungeka.”

ESIKUFUNDISWA IZIBONELO EZISEMIBHALWENI

IBhayibheli linezibonelo eziningi eziyisixwayiso. (1 Kor. 10:11) Ezinye zazo azigcini nje ngokubonisa indlela umona owakheka ngayo kodwa nendlela ongonakalisa ngayo labo abawuvumelayo ubabuse.

Ngokwesibonelo, uKhayini, izibulo lika-Adamu no-Eva, wathukuthela lapho uJehova amukela umhlatshelo ka-Abela, hhayi owakhe. Wayengasilungisa lesi simo, kodwa umona wamphuphuthekisa kangangokuthi wabulala umfowabo. (Gen. 4:4-8) Shono iBhayibheli lithi uKhayini “wayevela komubi,” uSathane!—1 Joh. 3:12.

Abafowabo bakaJosefa abayishumi baba nomona ngoba eyintandokazi kayise. Inzondo yabo ngoJosefa yakhula lapho ebatshela ngamaphupho akhe ayeyiziprofetho. Baze bafuna nokumbulala. Ekugcineni, bamthengisa njengesigqila futhi baba nonya bakhohlisa uyise bathi uJosefa ufile. (Gen. 37:4-11, 23-28, 31-33) Ngemva kweminyaka eminingi basivuma isono sabo, bathi komunye nomunye: “Ngokungangabazeki sinecala ngomfowethu, ngoba salubona usizi lomphefumulo wakhe lapho enxusa ububele kithi, kodwa asilalelanga.”—Gen. 42:21; 50:15-19.

UKhora, uDathani no-Abhiramu baba nomona lapho beqhathanisa amalungelo abo nakaMose no-Aroni. Bamangalela uMose ngokuthi “uzenza isikhulu” futhi uyaziphakamisa ngaphezu kwabanye. (Num. 16:13) Lokhu kumangalelwa kwakungamanga. (Num. 11:14, 15) UJehova ngokwakhe owayemise uMose. Kodwa laba bavukeli babenomona ngesikhundla sikaMose. Ekugcineni, uJehova wababhubhisa ngenxa yalowo mona.—IHu. 106:16, 17.

INkosi uSolomoni yazibonela mathupha ukuthi umona ungahamba ibanga elingakanani. Owesifazane owayeshonelwe usana lwakhe wazama ukukhohlisa umngane wakhe ukuba acabange ukuthi usana olushonile lwalungolwakhe. Lapho kuthethwa lelo cala, lo mqambimanga wavumela phezulu uma kuthiwa usana oluphilayo lubulawe. Nokho, uSolomoni waqinisekisa ukuthi usana lunikezwa unina wangempela.—1 AmaKh. 3:16-27.

Umona ungaba nemiphumela elimaza kakhulu. Izibonelo ezisemiBhalweni esisanda kuxoxa ngazo zibonisa ukuthi ungaholela enzondweni, ekungabini nabulungisa nasekubulaleni. Ngaphezu kwalokho, lowo ofelwa umona usuke engenzanga lutho ukuba aphathwe ngaleyo ndlela. Kukhona yini esingakwenza ukuqinisekisa ukuthi ukuphila kwethu akubuswa umona? Iziphi izinyathelo esingazithatha ukuze sinqobe umona?

AMAKHAMBI ANAMANDLA OKUNQOBA UMONA!

Hlakulela uthando nothando lobuzalwane. Umphostoli uPetru wayala amaKristu: “Njengoba seniye nahlanza imiphefumulo yenu ngokulalela kwenu iqiniso umphumela waba uthando lobuzalwane lokungazenzisi, thandanani kakhulu ngokusuka enhliziyweni.” (1 Pet. 1:22) Luyini uthando? Umphostoli uPawulu wabhala: “Uthando luyabekezela futhi lunomusa. Uthando alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi, aluziphathi ngokuhlazisayo, aluzifuneli izinzuzo zalo siqu.” (1 Kor. 13:4, 5) Ukuhlakulela uthando olunjalo ngabanye ezinhliziyweni zethu ngeke yini kuvimbele ukuthambekela emoneni okubi? (1 Pet. 2:1) Kunokuba abe nomona ngoDavide, uJonathani ‘wamthanda njengoba ethanda umphefumulo wakhe.’—1 Sam. 18:1.

Yiba nobudlelwane nabantu abesaba uNkulunkulu. Umlobi weHubo 73 waba nomona ngabantu ababi ababephila ukuphila kokutamasa okungenazinkinga. Nokho, wanqoba umona ayenawo ngokuya “endlini engcwele enkulu kaNkulunkulu.” (IHu. 73:3-5, 17) Ukuba nobudlelwane nabanye abakhulekeli kwamsiza umhubi ukuba aqaphele izibusiso ayezithola ‘ngokusondela kuNkulunkulu.’ (IHu. 73:28) Ukuhlanganyela njalo namanye amaKristu emihlanganweni yobuKristu kungenza okufanayo nakithi.

Funa ukwenza okuhle. Ngemva kokubona ukuthi uKhayini wayesenomona nenzondo, uNkulunkulu wathi kuye: “Phendukela ekwenzeni okuhle.” (Gen. 4:7) ‘Ukwenza okuhle’ kuhilelani kumaKristu? UJesu wathi ‘kumelwe sithande uJehova uNkulunkulu wethu ngayo yonke inhliziyo yethu nangawo wonke umphefumulo wethu nangayo yonke ingqondo yethu futhi kumelwe sithande umakhelwane wethu njengoba sizithanda thina.’ (Math. 22:37-39) Ukwaneliseka esikuthola ngokugxilisa ukuphila kwethu ekukhonzeni uJehova nasekusizeni abanye kuyikhambi elinamandla lokunqoba umona. Ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi kuyindlela enhle kakhulu yokukhonza uJehova nomakhelwane bethu futhi kusilethela “isibusiso sikaJehova.”—IzAga 10:22.

‘Jabula nabantu abajabulayo.’ (Roma 12:15) UJesu wajabula ngempumelelo yabafundi bakhe, futhi wathi babeyofeza ngisho nokungaphezu kwalokho yena ayekwenzile emsebenzini wokushumayela. (Luka 10:17, 21; Joh. 14:12) Simunye njengezinceku zikaJehova; ngakho, impumelelo yanoma ngubani kithi iyisibusiso kithi sonke. (1 Kor. 12:25, 26) Akufanele yini-ke sijabule lapho abanye bethola imithwalo yemfanelo ethé xaxa kunokuba sibafele umona?

AKUYONA IMPI ELULA!

Ukulwa nomona kungathatha isikhathi eside. UCristina uyavuma: “Ngisenakho ukuthambekela emoneni okunamandla. Nakuba ngikuzonda, akupheli futhi kudingeka ngihlale ngikucindezela.” UJosé wabhekana nempi efanayo. Uthi: “UJehova uye wangisiza ukuba ngazise izimfanelo ezinhle zomxhumanisi wendikimba yabadala. Ukuba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu kubé usizo olungenakuqhathaniswa.”

Umona ungomunye ‘wemisebenzi yenyama’ umKristu okufanele alwisane nayo. (Gal. 5:19-21) Ngokungavumeli umona ukuba usibuse, singenza ukuphila kwethu kujabulise ngokwengeziwe futhi singathokozisa uBaba wethu osezulwini, uJehova.

[Umbhalo waphansi]

a Amagama ashintshiwe.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 17]

‘Jabula nabantu abajabulayo’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela