Umuntu Onomona
ULIMI lwesiHeberu lunegama elilodwa kuphela eliwumsuka elisho “umhawu/isikhwele.” Lapho kubhekiselwa kubantu abanesono, isiHeberu singase sihunyushwe ngokuthi “umona” noma “ukubanga.” (Genesise 26:14, NW; UmShumayeli 4:4, NW) Nokho, ulimi lwesiGreki lunamagama angaphezu kwelilodwa asho “umhawu/isikhwele.” Igama elithi zeʹlos, njengelesiHeberu elisho okufanayo naleli, lingase libhekisele kokubili emhawini olungile nakoyisono. Elinye igama lesiGreki, elithi phthoʹnos, linomqondo womhawu oyisono kuphela. Kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha, ngaso sonke isikhathi lihunyushwa ngokuthi “umona.”
Lalisetshenziswa kanjani igama elithi phthoʹnos esiGrekini sasendulo? I-Anchor Bible Dictionary ithi: “Ngokungafani nomuntu ohahayo, umuntu ohlushwa i-phthonos akukhona ukuthi nakanjani ufuna izinto acasulwa ukuthi omunye unazo; umane nje akafuni ukuba lona omunye abe nazo. Uyehluka kumuntu oncintisanayo ngokuthi inhloso yakhe, ngokungafani neyomuntu oncintisanayo, ayikhona ukuphumelela kodwa iwukuvimbela abanye bangaphumeleli.”
Umuntu onomona ngokuvamile akakuqapheli ukuthi isimo sengqondo sakhe siqu yisona esiyimbangela eyinhloko yezinkinga zakhe. “Esinye sezimanga ze-phthonos,” kuchaza sona lesi sichazamazwi, “siwukuntula kwayo ukuziqaphela. Umuntu one-phthonos, uma kudingeka achaze ngokuziphatha kwakhe, ngaso sonke isikhathi uyozitshela futhi atshele nabanye ukuthi labo abahlaselayo bakufanele lokho futhi wukungabi nakulunga kwesimo okumenza agxeke. Uma ebuzwa ukuthi angakwenza kanjani ukuba akhulume ngalendlela akhuluma ngayo ngomngane, uthi ukugxeka kwakhe ngokuyinhloko kungokwenzuzo yomngane wakhe.”
Abalobi bamaVangeli uMathewu noMarku basebenzisa leli gama lesiGreki elithi phthoʹnos ukuze bachaze isisusa salabo ababenecala ngokubulawa kukaJesu. (Mathewu 27:18; Marku 15:10) Yebo, babeqhutshwa umona. Lowo mzwelo ofanayo olimazayo uye waphendula izihlubuki zaba ababazonda ngonya labo ababengabafowabo. (1 Thimothewu 6:3-5) Akumangalisi ukuthi abantu abanomona abavunyelwe ukungena eMbusweni kaNkulunkulu! UJehova uNkulunkulu uye wamemezela ukuthi bonke abaqhubeka “begcwele umona” “bafanelwe ukufa.”—Roma 1:29, 32; Galathiya 5:21.
[Izithombe ekhasini 7]
Ungavumeli umona wonakalise ukuphila kwakho