Ingabe Izimangaliso Ziyenzeka Ngempela?—Izizathu Ezintathu Abaphikisa Ngazo
ISIZATHU SOKUQALA: Izimangaliso azinakwenzeka ngoba zingqubuzana nemithetho yemvelo. Ukuqonda kwethu imithetho yemvelo kusekelwe kulokho ososayensi abaye bakubona kwenzeka endalweni esizungezile. Nokho, leyo mithetho iyefana nemithetho yolimi—kungenzeka ezimweni eziyivelakancane ishintshe. Eqinisweni, ukuqonda kwethu le ‘mithetho’ kungase kube okulinganiselwe kakhulu. (Jobe 38:4) Usosayensi ozinikele angase achithe ukuphila kwakhe konke etadisha umthetho othile wemvelo. Kodwa isimo esisodwa vo ‘esiyivelakancane’ singamenza ukuba aphinde aqale phansi ahlole kabusha ukuqonda kwakhe lowo mthetho.
Indaba ethile eyagcina isiyihlaya ibonisa ukuthi kulula kanjani ukusekela umbono emaqinisweni angaphelele. UJohn Locke (1632-1704) walandisa indaba ngenxusa elingumDashi nenkosi yaseSiam: Ngesikhathi lichaza izwe lakubo, iHolland, enkosini, leli nxusa lathi ngezinye izikhathi kuyenzeka indlovu ihambe phezu kwamanzi. Inkosi yaliphikisa futhi yacabanga ukuthi leli nxusa liqamba amanga. Nokho, leli nxusa lalimane lichaza into inkosi eyayingakaze iyibone. Inkosi ayiqaphelanga ukuthi uma kubanda kakhulu amanzi aba yiqhwa futhi angakwazi ukusekela isisindo sendlovu. Lokhu kwakubonakala kuyinto engenakwenzeka emehlweni enkosi ngoba yayingawazi wonke amaqiniso.
Ake sihlole ezinye izinto eziye zafezwa enkathini yethu okwakucatshangwa ukuthi azinakwenzeka emashumini eminyaka adlule:
● Indiza ingathwala abantu abangaphezu kuka-800 isuka eNew York iya eSingapore, ihamba ngesivinini esingamakhilomitha angu-900 ngehora ingami ndawo.
● Imihlangano eqhutshwa ngokuxhumana nge-video ingakwazi ukwenza abantu abasemazwekazini ahlukahlukene babonane ubuso nobuso njengoba bexoxa.
● Izinkulungwane zezingoma zingagcinwa entweni encane ngisho kunebhokisi likamentshisi.
● Odokotela abahlinzayo bayakwazi ukufakela inhliziyo nezinye izitho zomzimba.
Yisiphi isiphetho esinengqondo esingafinyelela kuso ngala maqiniso? Nasi: Uma abantu bekwazi ukwenza izinto ezimangalisayo obekucatshangwa ukuthi azinakwenzeka eminyakeni embalwa edlule, ngokuqinisekile uNkulunkulu owadala izulu nomhlaba nakho konke okukukho angenza izinto esingaziqondi ngokugcwele noma esihlulekayo ukuzicabanga njengamanje.a—Genesise 18:14; Mathewu 19:26.
ISIZATHU SESIBILI: IBhayibheli lincike ezimangalisweni ukuze abantu balikholwe. IBhayibheli alithi kufanele sikholelwe yizo zonke izimangaliso. Eqinisweni, lithi kufanele sizikhethe esizikholelwayo. Lisixwayisa ukuba siqaphelisise uma kuziwa ekuthembeni izimangaliso nezibonakaliso zamandla. Phawula nasi isixwayiso esicacile: “Ukuba khona kongenamthetho kungokokusebenza kukaSathane ngayo yonke imisebenzi yamandla nezibonakaliso zamanga nezimangaliso nangayo yonke inkohliso engalungile.”—2 Thesalonika 2:9, 10.
UJesu Kristu waphinde waxwayisa ngokuthi abaningi bayothi bangabalandeli bakhe kodwa bengebona abalandeli bakhe bangempela. Abanye bayoze bathi kuye: “Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho, saxosha amademoni futhi senza izimangaliso eziningi egameni lakho?” (Mathewu 7:22, New International Version.) Kodwa uJesu wathi wayengeke abamukele labo bantu njengabalandeli bakhe. (Mathewu 7:23) Khona-ke, kusobala ukuthi uJesu akazange afundise ukuthi zonke izimangaliso zivela kuNkulunkulu.
UNkulunkulu akatsheli abakhulekeli bakhe ukuba basekele ukholo lwabo ezimangalisweni kuphela. Kunalokho, ukholo lwabo kufanele lusekelwe ngokuqinile emaqinisweni.—Hebheru 11:1.
Ngokwesibonelo, ake sihlole esinye sezimangaliso esidumile esilotshwe eBhayibhelini, ukuvuswa kukaJesu Kristu. Eminyakeni eminingi ngemva kwaleso senzakalo, amanye amaKristu eKorinte aqala ukungabaza ukuthi uJesu wavuswa. Umphostoli uPawulu wawasiza kanjani lawo maKristu? Ingabe wamane wathi, “Yibani nokholo olwengeziwe”? Cha. Phawula ukuthi wawakhumbuza kanjani amaqiniso ayisisekelo. Wathi uJesu “wangcwatshwa, yebo, . . . uvusiwe ngosuku lwesithathu; nokuthi wabonakala kuKhefase, kwase kuba kwabayishumi nambili. Ngemva kwalokho wabonakala kubazalwane abangaphezu kwamakhulu amahlanu ngesikhathi esisodwa, abaningi kubo abasekhona namanje.”—1 Korinte 15:4-8.
Kwakunendaba yini ukuthi lawo maKristu ayakholelwa kuleso simangaliso? UPawulu waqhubeka wathi: “Uma uKristu engavuswanga, ukushumayela kwethu ngokuqinisekile kuyize, nokholo lwethu luyize.” (1 Korinte 15:14) UPawulu akazange ayithathe kalula le ndaba. Kwakuphakathi kokuthi ukuvuswa kukaJesu kuyiqiniso noma kungamanga! Futhi uPawulu wayazi ukuthi kuyiqiniso ngenxa yofakazi bokuzibonela ababesaphila ngaleso sikhathi. Eqinisweni, labo fakazi bokuzibonela babencamela ukufa kunokuphika lokho abakubona.—1 Korinte 15:17-19.
ISIZATHU SESITHATHU: Izimangaliso zimane ziyinqubo engokwemvelo edida abantu abangafundile. Ezinye izazi zizama ukuchaza izimangaliso eziseBhayibhelini njengezenzakalo zemvelo nje ezingenzekanga ngamandla kaNkulunkulu. Zinomuzwa wokuthi indaba yezimangaliso yenza ukulandisa kweBhayibheli kukholakale kakhudlwana. Nakuba kuyiqiniso ukuthi ezinye izimangaliso kungenzeka zihlotshaniswa nezinye izinqubo ezingokwemvelo—njengokuzamazama komhlaba, izinhlupho nokudilika komhlaba—indlela izazi ezichaza ngayo ifana ngento eyodwa. Azisinaki isikhathi okwenzeka ngaso isimangaliso njengoba sichazwe emiBhalweni.
Ngokwesibonelo, abanye bathi inhlupho yokuqala eGibhithe, lapho uMfula iNayile uphenduka igazi, yabangelwa ukuthi kwangena isihlabathi esibomvu emfuleni, kuhlanganise nezinambuzane ezibomvana okuthiwa ama-flagellates. Nokho, ukulandisa kweBhayibheli kuthi umfula waphenduka igazi hhayi udaka olubomvu. Ukufunda ngokucophelela u-Eksodusi 7:14-21 kubonisa ukuthi lesi simangaliso senzeka ngesikhathi uMose etshela u-Aroni ukuba ashaye uMfula iNayile ngenduku yakhe. Ngisho noma ngabe ukuphenduka komfula kwazenzakalela ngokwemvelo, isikhathi u-Aroni ashaya ngaso umfula sasiyisimangaliso!
Nasi esinye isibonelo sokubaluleka kwesikhathi isimangaliso esenzeka ngaso, cabanga ngalokho okwenzeka lapho isizwe sakwa-Israyeli sesizongena eZweni Lesithembiso. Indlela yaso yayivinjwe uMfula iJordani owawudla izindwani. IBhayibheli lithi nakhu okwabe sekwenzeka: “Lapho nje labo ababethwele uMphongolo befika eJordani futhi izinyawo zabapristi abathwele uMphongolo zicwila onqenqemeni lwamanzi . . . , khona-ke amanzi avela ngenhla aqala ukuma. Enyuka njengedamu elilodwa kude kakhulu e-Adamu.” (Joshuwa 3:15, 16) Ingabe lokhu kwakubangelwa ukuzamazama komhlaba noma ukudilika kwenhlabathi? IBhayibheli alisho. Kodwa isikhathi lesi senzakalo esenzeka ngaso sasiyisimangaliso. Senzeka ngaso kanye isikhathi uJehova ayethe sizokwenzeka ngaso.—Joshuwa 3:7, 8, 13.
Ngakho, ingabe ziyenzeka ngempela izimangaliso? IBhayibheli lithi ziyenzeka. Lisitshela ukuthi akuzona nje izinqubo ezingokwemvelo. Khona-ke, kunengqondo yini ukuphetha ngokuthi azenzeki ngoba nje zingenzeki nsuku zonke?
[Umbhalo waphansi]
a Uma ungabaza ukuthi uNkulunkulu ukhona, sicela ubheke incwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? nethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? noma ubuze kumuntu okunike lo magazini ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe.
[Isithombe ekhasini 5]
Emashumini eminyaka adlule, bekuyinto engacabangeki ukuthi abantu bangandiza amakhulu amakhilomitha ngehora