Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 12/1 k. 3
  • Kungani Sibuza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Sibuza?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Ongayisho Kumuntu Ongakholelwa Ukuthi UNkulunkulu Ukhona?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • ISonto—Izinguquko Nokudideka
    I-Phaphama!—1993
  • Izimfa Esakhiweni Esikhulu
    I-Phaphama!—1988
  • Kufanele Yini Ube Ilungu Lesonto?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 12/1 k. 3

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE SIYAMDINGA UNKULUNKULU?

Kungani Sibuza?

“Ingabe ukholelwa ukuthi ungaphila ngaphandle kukaNkulunkulu? Yilokho izigidi zabantu ezikukholelwayo.” La mazwi ayebhalwe ebhodini lokukhangisa elalikhokhelwe iqembu elikholelwa ukuthi uNkulunkulu akekho. Akungabazeki ukuthi leli qembu linomuzwa wokuthi alimdingi uNkulunkulu.

Ngakolunye uhlangothi, abantu abaningi abathi bakholelwa kuNkulunkulu benza izinqumo ezilulaza ukuba khona kwakhe. USalvatore Fisichella, umbhishobhi omkhulu wamaKatolika, washo lokhu ngamalungu esonto lakhe: “Uma usibuka ungaphika ukuthi singamaKristu ngoba indlela yethu yokuphila iyefana neyabantu abangakholwa.”

Abanye bamatasa kakhulu ukuba bazikhathaze ngoNkulunkulu. Bacabanga ukuthi ukude kakhulu noma akafinyeleleki ngakho ngeke akwazi ukubasiza ekuphileni. Abantu abanjalo bacabanga kuphela ngoNkulunkulu lapho besenkingeni noma bedinga okuthile—benza sengathi uNkulunkulu uyinceku ehlale yenza lokho abakuthandayo.

Abanye abasiboni isidingo sokwenza lokho abakufundiswa emasontweni, mhlawumbe ngenxa yokuthi abakuboni kuzuzisa lokho abakufundiswayo. Ngokwesibonelo, amaphesenti angu-76 amaKatolika eJalimane akholelwa ukuthi kwamukelekile ukuba owesilisa nowesifazane bahlale ndawonye bengashadile—umbono ongqubuzana nezimfundiso zesonto lawo nezeBhayibheli. (1 Korinte 6:18; Hebheru 13:4) Kuyavunywa, akuwona wodwa amaKatolika aphila ngendlela ephambene nalokho okufundiswa inkolo yawo. Abefundisi bamasonto amaningi bakhala ngokuthi amalungu amasonto abo aziphathisa “okwabantu abangakholelwa kuNkulunkulu.”

Lezi zibonelo zenza sibuze lo mbuzo: Ingabe siyamdinga ngempela uNkulunkulu? Le ndaba ayiyintsha neze. Yaqala ukuvela emakhasini okuqala eBhayibheli. Ukuze sithole impendulo yalo mbuzo, ake sihlole izenzakalo ezimbalwa ezivezwa encwadini yeBhayibheli kaGenesise.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela