Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 6/15 kk. 3-6
  • “Hlelemba Indlela Yonyawo Lwakho” Ukuze Uthuthuke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Hlelemba Indlela Yonyawo Lwakho” Ukuze Uthuthuke
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • LUNGISA INDLELA NGOKWENZA IZINQUMO EZINHLE
  • UKUSUSA IZITHIYO ENDLELENI YAKHO
  • HLALA ENDLELENI EHOLELA ENTUTHUKWENI ENGOKOMOYA
  • Basha Zibekeleni Imigomo Ezonisondeza KuNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Kungani Kufanele Sihlole IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Intsha Ejabulayo Ezweni Elonakele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Basha, Mkhumbuleni Manje UMdali Wenu Omkhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 6/15 kk. 3-6
Umgwaqo onezinto eziningi ezimthiyayo umuntu

“Hlelemba Indlela Yonyawo Lwakho” Ukuze Uthuthuke

NGESIKHATHI abantu bakaNkulunkulu bephuma eBhabhiloni ngo-537 B.C.E., uJehova wayinaka indlela ababezohamba ngayo lapho beya eJerusalema. Wabatshela: “Lungiselani abantu indlela. Nqwabelanisani, nqwabelanisani umgwaqo omkhulu. Susani amatshe kuwo.” (Isaya 62:10) Cabanga ngendlela okumelwe ukuba amanye amaJuda akwenza ngayo lokho. Kungenzeka ukuthi lawo ayehamba phambili alungisa umgwaqo, mhlawumbe ngokugcwalisa imisele nokuhlelemba izikhisi. Ukwenza lokho kwakuyosiza abafowabo ababewalandela lapho bebuyela ezweni lenkaba yabo.

Lokhu singakufanisa nendlela eholela emigomweni engokomoya. UJehova ufuna ukuba zonke izinceku zakhe zihambe kuleyo ndlela ngaphandle kweziphazamiso ezingadingekile. IZwi lakhe liyasikhuthaza: “Hlelemba indlela yonyawo lwakho, futhi kwangathi zonke izindlela zakho zingama ziqine.” (IzAga 4:26) Kungakhathaliseki ukuthi usemusha noma usukhulile, ungakubona ukuhlakanipha kwalesi seluleko sikaNkulunkulu.

LUNGISA INDLELA NGOKWENZA IZINQUMO EZINHLE

Kungenzeka ukuthi wake wezwa abantu besho lokhu ngothile oweve eminyakeni eyishumi nambili: ‘Le ntombazane inekusasa eliqhakazile,’ noma, ‘Lo mfana uya kude.’ Ngokuvamile intsha inempilo enhle, inomqondo obukhali nesifiso esikhulu sokuphumelela. IBhayibheli lisho ngokunembile: “Ubuhle bezinsizwa ngamandla azo.” (IzAga 20:29) Umuntu osemusha osebenzisa amakhono namandla akhe ukuze akhonze uJehova angayifinyelela imigomo engokomoya futhi athole injabulo yangempela.

Nokho, mhlawumbe uyaphawula ukuthi amakhono entsha yethu aziswa kakhulu ezweni. Lapho uFakazi osemusha enza kahle esikoleni, umeluleki wezifundo, uthisha noma omunye umfundi bangamcindezela lo Fakazi ukuba aphishekele imfundo ephakeme njengesinyathelo esiholela empumelelweni kulesi simiso sezinto. Kungenzeka futhi ukuba umzalwane noma udade osemusha onekhono kwezemidlalo athole ukuthi kunabantu ababheka amakhono abadlali abazama ukumnxenxela ukuba aphishekele ezemidlalo. Ingabe uke wazithola usesimweni esinjalo, noma kukhona omaziyo obhekene nengcindezi enjalo? Yini eyosiza umKristu ukuba akhethe ngokuhlakanipha?

Izimfundiso zeBhayibheli zingamsiza umuntu ukuba azilungiselele ukuhamba endleleni engcono kunazo zonke ekuphileni. UmShumayeli 12:1 uthi: “Khumbula uMdali wakho Omkhulu ezinsukwini zobunsizwa bakho.” Wena noma umuntu osemusha ‘ningamkhumbula kanjani uMdali wenu Omkhulu’?

Cabanga ngalokho okwenzeka ku-Erica eNtshonalanga Afrika. Wayethanda ukudlala ibhola likanobhutshuzwayo. Wakhethwa ukuba ayodlalela iqembu lesizwe eneminyaka engu-15 kuphela ubudala. Lokho kwakusho ukuthi wayengalindela ukuba maduze athole ukuqeqeshwa okuphambili kwezemidlalo eYurophu, mhlawumbe okwakuzoholela ekudlaleni ibhola elikhokhelwayo. Kodwa wayezosisebenzisa kanjani iseluleko ‘sokukhumbula uMdali wakho Omkhulu’? Isiphi isifundo wena noma omunye umzalwane osemusha eningasithola kule ndaba?

Ngesikhathi esesikoleni, u-Eric waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngakho waqala ukufunda ukuthi uMdali wakhe wayezozixazulula phakade izinkinga zesintu. Wabona ukubaluleka kokusebenzisa isikhathi namandla akhe ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Ngenxa yalelo qiniso elibalulekile aliqaphela, u-Eric wakhetha ukungaphishekeli ukuba umdlali okhokhelwayo. Kunalokho, wabhapathizwa futhi wazikhandla emisebenzini engokomoya. Ngokuhamba kwesikhathi, waba inceku ekhonzayo futhi kamuva wamenyelwa ukuya eSikoleni SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile.

Ukube u-Eric waphishekela ezemidlalo, mhlawumbe ngabe wathola ingcebo nodumo. Kodwa waqaphela iqiniso elikulesi simiso seBhayibheli: “Izinto zenani elikhulu zomuntu ocebile zingumzana wakhe oqinile, emcabangweni wakhe zinjengodonga oluvikelayo.” (IzAga 18:11) Yebo, ukulondeka umuntu angase abonakale ekuthola ngokuba nengcebo empeleni kuwutalagu. Ngaphezu kwalokho, labo abaphishekela ingcebo ngokuvamile “bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.”​—1 Thim. 6:​9, 10.

Ngokujabulisayo, intsha eningi iye yathola injabulo nokulondeka okuhlala njalo ngokungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. U-Eric uthi: “Ngiye ngazihlanganisa ‘neqembu’ elikhulu lezinceku zikaJehova ezisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Leli iqembu elingcono kakhulu engingaba kulo, futhi ngiyambonga uJehova ngokungibonisa indlela okuwukuphela kwayo eholela enjabulweni nasempumelelweni yangempela ekuphileni.”

Kuthiwani ngawe? Kunokuba uphishekele imigomo yezwe, kungani ungenzi ukuba “izindlela zakho” ziqine phambi kukaJehova ngokungenela inkonzo yamaphayona?​—Bheka ibhokisi elithi “Ukuthola Izinzuzo Ezingenakutholakala Eyunivesithi.”

UKUSUSA IZITHIYO ENDLELENI YAKHO

Ngesikhathi umbhangqwana othile uvakashele ehhovisi legatsha lase-United States, waqaphela ukuthi izikhonzi zaseBethel ezazikhonza uJehova lapho zazijabule. Kamuva udade wabhala: “Indlela yethu yokuphila yayisisenze sanethezeka kakhulu.” Lo mbhangqwana wanquma ukuthi wawuyonikela ngesikhathi namandla engeziwe ukuze ujabulele amalungelo enkonzo athé xaxa.

Ngesinye isikhathi, izinguquko lo mbhangqwana okwakudingeka uzenze zazibonakala zinkulu kakhulu. Kodwa ngolunye usuku, wazindla ngomBhalo wangalolo suku. WawukuJohane 8:​31, onala mazwi kaJesu: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela.” Unalo mBhalo engqondweni, wacabanga: “Noma yini esiyenzayo ukuze senze ukuphila kwethu kube lula iyawufanelekela lowo mzamo.” Wadayisa umuzi wawo omkhulu, wanciphisa nezinye izinto eziwumthwalo futhi wathuthela ebandleni elinesidingo. Manje uyaphayona, kodwa usiza nasekwakheni amaHholo OMbuso futhi uyavolontiya emihlanganweni yesigodi. Uzizwa kanjani? Uthi: “Iyasimangaza injabulo esiyithola ngokuphila ukuphila okulula, ngokwenza lokho kanye inhlangano kaJehova esikhuthaza ukuba sikwenze.”

HLALA ENDLELENI EHOLELA ENTUTHUKWENI ENGOKOMOYA

USolomoni wabhala: “Amehlo akho, kufanele abheke phambili, yebo, amehlo akho akhazimulayo kufanele athi njó phambi kwakho.” (IzAga 4:25) Njengomshayeli ogxila emgwaqweni ophambi kwakhe, kufanele sigweme izithikamezo ezingasenza singakwazi ukuzibekela imigomo engokomoya futhi siyifinyelele.

1. OFakazi BakaJehova basebenzisa ubusha babo ukuze bafinyelele imigomo engokomoya; 2. Umgwaqo osuswe izinto ezimthiyayo umuntu

Imiphi imigomo engokomoya ongazibekela yona futhi uyifinyelele? Ngokuqinisekile umgomo wokuba senkonzweni yesikhathi esigcwele muhle kakhulu. Omunye kungaba owokukhonza ebandleni eliseduze elinesidingo sabamemezeli abanokuhlangenwe nakho abazosiza ekuhlanganiseni insimu yalo enkulu. Noma kungenzeka ukuthi ibandla linabamemezeli abaningi abahle kodwa alinabo abadala abanele nezinceku ezikhonzayo. Ungasiza yini ngenye yalezi zindlela? Kungani ungakhulumi nombonisi wesifunda ukuze ubone ukuthi ungakwazi yini ukusiza? Uma unesithakazelo sokuya emasimini akude, ungacela ukwaziswa ngamabandla akude adinga usizo.b

Ake sibuyele endabeni echazwe ku-Isaya 62:10. Kungenzeka ukuthi amanye amaJuda asebenza kanzima ehlelemba futhi elungisa indlela ebuyela ezweni lenkaba yawo ukuze abantu bakaNkulunkulu bakwazi ukufika lapho babeya khona. Uma kuwukuthi uzikhandlela ukufinyelela imigomo ethile enkonzweni engcwele, ungapheli amandla. Ngosizo lukaNkulunkulu, nawe ungayifinyelela leyo migomo. Qhubeka ucela uJehova ukuba akunike ukuhlakanipha njengoba uzama ukususa izithiyo eziphambi kwakho. Ngokuhamba kwesikhathi, cishe uyobona indlela ayokusiza ngayo ukuba ‘uhlelembe indlela yonyawo lwakho.’​—IzAga 4:26.

a Igama lishintshiwe.

b Bheka ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, amakhasi 111-112.

Ukuthola Izinzuzo Ezingenakutholakala Eyunivesithi

UFlavia

NGESIKHATHI uFlavia eseyintombazanyana, ugogo wakhe owayengomunye woFakazi BakaJehova, wakhuluma naye ngeBhayibheli. Nokho, uyise wayenguthisha, futhi wazama ukugxilisa kuye isifiso sokufunda ngendalo nokuthola imfundo ephakeme. Abanye abantu babethi kuye, “Isizukulwane senu singawusindisa umhlaba ekonakalisweni.” Esekelwa uyise, waya eyunivesithi ephambili, lapho aqala khona ukucwaninga izindlela zokukhiqiza uphethiloli ongawungcolisi umoya.

UFlavia washeshe waqaphela ukuthi abafundi abaningi babengenaso isifiso ‘sokusindisa umhlaba.’ Ngaphezu kwalokho, ezinye zezinhlelo zaseyunivesithi zazincike emabhizinisini ukuba azixhase, ngakho abacwaningi babengase bathambekele ekwenzeleleni lapho besebenzelana nalawo mabhizinisi. Lokhu kwamkhathaza uFlavia. Lapho oFakazi BakaJehova befika kubo, savuseleleka isithakazelo sakhe kulokho iBhayibheli elikushoyo ngoNkulunkulu nangekusasa.

UFlavia walamukela iqiniso leBhayibheli futhi wabhapathizwa. Kodwa ngenxa yokuthi wayefundela iziqu ezithe thuthu, isikhathi ayenaso sokushumayela izindaba ezinhle sasilinganiselwe. Ngolunye usuku walalela njengoba umbonisi wesifunda echaza uJakobe 4:17: “Uma umuntu azi ukuthi angakwenza kanjani okuhle kodwa angakwenzi, kuyisono kuye.” Lokho kwamshukumisela ukuba acabange ngesimo sakhe. Uyalandisa: “Nakuba ngangifuna isibusiso sikaJehova, ngangikufuna nokwaneliseka engangikuthola ezifundweni zami zesayensi. Kwadingeka ngikhethe.”

UFlavia wanquma ukuyeka izifundo zakhe zaseyunivesithi. Ingabe wazisola ngalokho? Uthi:

“Enkonzweni kaJehova, ngithole izinzuzo ezingenakutholakala eyunivesithi. UJehova ubelokhu emuhle kimi. Uye wangifundisa ukubonisa umusa nothando nokusiza abanye ngokomoya. Angive ngijabule emshadweni wami futhi nginekusasa elingcono kakhulu kunalelo elinikezwa yisayensi. NguJehova kuphela ongasindisa umhlaba. Angisoze ngamfulathela.” UFlavia nomyeni wakhe bakhonza endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eNew York.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela