Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 4/1 kk. 3-4
  • Kungani Kufanele Ufunde IBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kufanele Ufunde IBhayibheli?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kufanele Uthande Ukufunda IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Ukufunda IBhayibheli Nabantu Bonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ingabe IBhayibheli Ngempela Livela KuNkulunkulu?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Izimfundiso Eziyiqiniso Ezijabulisa UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 4/1 kk. 3-4
Indoda ihlola iBhayibheli emtatsheni wezincwadi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UNGATHANDA YINI UKUFUNDA IBHAYIBHELI?

Kungani Kufanele Ufunde IBhayibheli?

  • Iyini injongo yokuphila?

  • Kungani abantu behlupheka futhi befa?

  • Lisiphatheleni ikusasa?

  • Ingabe uNkulunkulu uyangikhathalela?

Ingabe wake wazibuza imibuzo enjenga le? Uma kunjalo, awuwedwa. Emhlabeni wonke abantu bazibuza imibuzo ebaluleke kakhulu ekuphileni. Ungakwazi yini ukuthola izimpendulo?

Izigidi zabantu zingaphendula ngokuthi, “Yebo!” Kungani? Kungoba ziye zathola izimpendulo ezanelisayo zemibuzo yazo eBhayibhelini. Ungathanda yini ukwazi lokho okushiwo yiBhayibheli? Uma kunjalo, ungase uthande ukufundelwa iBhayibheli mahhala oFakazi BakaJehova.a

Kuyiqiniso ukuthi lapho kudingeka bahlole lokho okushiwo iBhayibheli abanye abantu bathi: “Ngimatasa kakhulu.” “Linzima.” “Angifuni ukuzibopha.” Nokho abanye banombono ohlukile. Bayavuma ukufundelwa iBhayibheli. Nazi izibonelo ezimbalwa:

  • “Ngaya esontweni lamaKatolika nakwelamaProthestani, ngaya ethempelini lamaSikh, ngaya esikhungweni sezindela ezingamaBuddha futhi ngafundela ubufundisi enyuvesi. Nokho, angizitholanga izimpendulo zemibuzo yami eminingi ngoNkulunkulu. Kwabe sekufika omunye woFakazi BakaJehova emzini wami. Nganeliswe izimpendulo zakhe ezisekelwe eBhayibhelini, ngavuma ukuba angifundele iBhayibheli.”—UGill, eNgilandi.

  • “Nganginemibuzo eminingi ngokuphila, kodwa izimpendulo engazithola kumfundisi wami azinganelisanga. Nokho, omunye woFakazi BakaJehova wayiphendula imibuzo yami esebenzisa iBhayibheli kuphela. Lapho engibuza ukuthi ngingathanda yini ukufunda okwengeziwe, ngavumela phezulu.”—UKoffi, eBenin.

  • “Ngangifuna ukwazi ukuthi kwenzekani lapho umuntu efa. Ngangikholelwa ukuthi abafileyo bangabalimaza abaphilayo, kodwa ngangifuna ukwazi ukuthi iBhayibheli lithini ngale ndaba. Ngakho ngaqala ukufunda iBhayibheli nomngane owayenguFakazi.”—UJosé, eBrazil.

  • “Ngazama ukufunda iBhayibheli kodwa ngangingaliqondi. Kwase kufika oFakazi BakaJehova futhi bangichazela ngokucacile iziprofetho zeBhayibheli eziningana. Ngangifuna ukubona ukuthi yini enye engangingayifunda.”—UDennize, eMexico.

  • “Ngangizibuza ukuthi kazi uNkulunkulu uyangikhathalela ngempela yini. Ngakho nganquma ukuthandaza kuNkulunkulu weBhayibheli. Ngosuku olulandelayo oFakazi bangqongqoza emzini wami futhi ngavuma ukufunda nabo iBhayibheli.”—U-Anju, eNepal.

Lokhu okushiwo yilaba bantu kusikhumbuza amazwi kaJesu athi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Yebo, abantu bazalwa benesidingo sokwazi uNkulunkulu. UNkulunkulu kuphela ongakwazi ukugcwalisa leso sidingo futhi ngeZwi lakhe iBhayibheli uyakwenza lokho.

Siqhutshwa kanjani isifundo seBhayibheli? Singakuzuzisa kanjani? Le mibuzo izophendulwa esihlokweni esilandelayo.

a IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.

IMINININGWANE NGEBHAYIBHELI

IBhayibheli elivuliwe
  • IGAMA: Lisuselwa egameni lesiGreki elithi bi·bliʹa, elisho ukuthi “izincwadi ezincane”

  • OKUPHAKATHI: Lakhiwa izincwadi ezingu-39 ezilotshwe ngesiHebheru (amanye amavesi alotshwe ngesi-Aramu) nezingu-27 ezilotshwe ngesiGreki

  • UKULOTSHWA KWALO: Lalotshwa abalobi abangu-40 enkathini eyiminyaka engu-1 600, kusukela ngo-1513 B.C.E. kuze kube ngawo-98 C.E.b

  • IZILIMI: Lihunyushelwa ezilimini ezingaphezu kuka-2 500 liphelele noma liyingxenye

  • UKUSAKAZWA KWALO: Kuye kwasakazwa amaBhayibheli acishe abe ngu-5 000 000 000, okwenza iBhayibheli libe incwadi esakazwa kakhulu emhlabeni

b Isifushaniso esithi B.C.E. sisho ukuthi “Ngaphambi kweNkathi Evamile,” esithi C.E. sisho ukuthi “iNkathi Evamile.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela