Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 4/1 kk. 4-7
  • Ukufunda IBhayibheli Nabantu Bonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufunda IBhayibheli Nabantu Bonke
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IZIMPENDULO ZEMIBUZO EVAME UKUBUZWA MAYELANA NENDLELA ESIFUNDELA NGAYO ABANTU IBHAYIBHELI
  • Siyini Isifundo SeBhayibheli Esilungiselelwe OFakazi BakaJehova?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Singazitholaphi Izimpendulo Zemibuzo Ebalulekile Ekuphileni?
    Singazitholaphi Izimpendulo Zemibuzo Ebalulekile Ekuphileni?
  • Ngingakujabulela Kanjani Ukutadisha IBhayibheli?
    I-Phaphama!—2012
  • Ukuthandile yini okufundile?
    Phila Kuze Kube Phakade!​—Isethulo Sezifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 4/1 kk. 4-7
Isifundo seBhayibheli

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UNGATHANDA YINI UKUFUNDA IBHAYIBHELI?

Ukufunda Ibhayibheli Nabantu Bonke

OFakazi BakaJehova baziwa kakhulu ngomsebenzi wabo wokushumayela emphakathini. Kodwa ingabe bewazi ukuthi siphinde sibe nelungiselelo lokufundisa abantu iBhayibheli emhlabeni wonke?

Indoda ifundelwa iBhayibheli emsebenzini

Ngo-2014, oFakazi abangaphezu kuka-8 000 000 emazweni angu-240, baye bafunda iBhayibheli nabantu abangaba ngu-9 500 000 inyanga ngayinye.a Abantu abafunda nathi iBhayibheli baningi kakhulu ukwedlula inani labantu abasemazweni angaba ngu-140 anenani labantu elingaphansi kuka-9 500 000!

Ukuze benze lo msebenzi wokufundisa, unyaka ngamunye oFakazi BakaJehova banyathelisa amaBhayibheli, izincwadi, omagazini kanye nezinye izincwadi zokufunda iBhayibheli ezicishe zibe ngu-1 500 000 000—ngezilimi ezingaba ngu-700! Ukunyatheliswa kwezincwadi okubabazeka ngale ndlela, kwenza abantu bafunde iBhayibheli ngolimi abaluthandayo.

“Ngangingakuthandi ukufunda esikoleni, kodwa ngakujabulela ukufunda noFakazi. Izinto engazifunda zangiduduza!”—UKatlego, eNingizimu Afrika.

“Isifundo seBhayibheli saphendula yonke imibuzo yami.”—UBertha, eMexico.

“Sasifundela emzini wami ngesikhathi esasikhethwe yimi. Akukho okungadlula lokho!”—u-Eziquiel, eBrazil.

“Ngezinye izikhathi sasifunda imizuzu engu-15 kuya kwengu-30—ngezinye izinsuku sifunde isikhathi eside kunalokho—kuye ngezimo zami.”—uViniana, e-Australia.

“Ngangifunda mahhala—kwakumnandi kakhulu!”—u-Aimé, eBenin.

“Owayengifundela iBhayibheli wayenesineke nomusa. Saba abangane abakhulu.”—uKaren, eNyakatho ye-Ireland.

“Nakuba abantu abaningi befundelwa iBhayibheli, abaphoqelekile ukuba babe oFakazi BakaJehova.”—uDenton, eNgilandi.

IZIMPENDULO ZEMIBUZO EVAME UKUBUZWA MAYELANA NENDLELA ESIFUNDELA NGAYO ABANTU IBHAYIBHELI

Isifundo seBhayibheli sihlelwe kanjani?

Sibheka izihloko zeBhayibheli ezihlukahlukene bese sixoxa ngamavesi eBhayibheli ahlobana nesihloko esisuke sixoxa ngaso. Ngokwesibonelo, iBhayibheli liphendula imibuzo enjengethi: Ungubani uNkulunkulu? Unjani? Ingabe unalo igama? Uhlala kuphi? Ingabe singakwazi ukusondela kuye? Inselele iba ukwazi ukuthi kumelwe uvule liphi ivesi eBhayibhelini ukuze uthole izimpendulo.

Ukuze sisize abantu bathole izimpendulo, sivame ukusebenzisa incwadi enamakhasi angu-224 ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?b Le ncwadi iklanyelwe ngokukhethekile ukusiza abantu baqonde izimfundiso zeBhayibheli eziyinhloko. Inezifundo ezikhuluma ngoNkulunkulu, uJesu Kristu, ukuhlupheka kwabantu, uvuko, umthandazo kanye nezinye eziningi.

Isifundo seBhayibheli singenziwa kuphi futhi nini?

Isifundo singenzelwa endaweni ethandwa nguwe nangesikhathi osithandayo.

Kufundwa isikhathi eside kangakanani ngosuku?

Abantu abaningi bakhetha ukufunda nathi iBhayibheli isikhathi esingangehora isonto ngalinye. Kodwa umuntu angazikhethela ukuthi ufuna ukufunda isikhathi eside kangakanani. Thina sizosebenzisa isikhathi osinika sona. Abanye bafunda imizuzu eyishumi noma eyishumi nanhlanu isonto ngalinye.

Kubiza malini ukufunda?

Ukufunda, nezincwadi zokufunda kumahhala. Lokhu kuvumelana nesiqondiso uJesu asinika abafundi bakhe: “Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.”—Mathewu 10:8.

Umuntu uqeda nini ukufunda?

Ungaqhubeka ufunda uma nje usathanda. Incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? inezifundo ezingu-19. Ungazifunda zonke noma ufunde ozithandayo kuphela, kuye ngezimo zakho.

Ingabe kumelwe ngibe omunye woFakazi BakaJehova?

Cha. Siyalihlonipha ilungelo lomuntu ngamunye lokukhetha lokho afuna ukukukholelwa. Nokho, abantu abathola ulwazi oluyisisekelo lweBhayibheli bangakwazi ukwenza isinqumo esihlakaniphe kakhudlwana.

Ngingaluthola kuphi ulwazi olwengeziwe?

Ingosi ethi jw.org/zu inikeza ukwaziswa okunembile ngezinkolelo nemisebenzi yoFakazi BakaJehova.

Ngingacela kanjani ukufundelwa iBhayibheli?

Abantu bathumela izicelo zokufundelwa iBhayibheli ngezindlela ezihlukahlukene: nge-internet, ngokubhala nangokufuna izinombolo zocingo ebhukwini elinezinombolo zocingo
  • Faka isicelo kuyi-Internet engosini ethi www.pr2711.com/zu.

  • Bhalela ekhelini lendawo eseduze nawe, amakheli asekhasini lesibili lalo magazini.

  • Xhumana noFakazi BakaJehova abaseduze nawe. Ungafuna igama elithi “Jehovah’s Witnesses” ohlwini lwezinombolo zocingo endaweni yangakini.

a Ngokuvamile kufundwa nomuntu ngamunye noma neqembu elincane labantu.

b Inyatheliswa oFakazi BakaJehova. Kuye kwanyatheliswa amakhophi ale ncwadi angaphezu kuka-230 000 000 ngezilimi ezingaphezu kuka-260.

USIZO LWEMINDENI

U-Eziquiel

“Lapho umkami eqala ukufunda iBhayibheli, ngaphawula izinguquko ezinkulu kuye. Ukuphila komndeni wethu kwathuthuka. Nginelukuluku lokwazi lokho ayekufunda, nami ngaqala ukufunda iBhayibheli. Engakufunda kwangenza umuntu ongcono. Ukufunda iBhayibheli kwenza umndeni wethu wasondelana.”—U-Eziquiel.

U-Karen

“Ngemva kokuba ngiqale ukufunda iBhayibheli, ngayeka umkhuba wami wokudla izidakamizwa, ngayeka ukusebenzisa kabi utshwala futhi ngafunda ukulawula ulaka lwami. Umuzi wami usuhlanzekile futhi ucocekile. Sengiwuthanda nakakhulu umndeni wami futhi ngijabulela ukwenza izinto eziwenza ujabule. Manje ngichichima injabulo.”—UKaren.

U-Viniana

“Abanye abantu bayangigxeka ngenxa yokuthi ngifunda iBhayibheli. Kodwa umyeni wami uye wasisekela isinqumo sami, wathi: ‘Anginandaba nokuthi abantu bathini. Ukukubona ushintsha uba umuntu ongcono—yilokho okungenza ngijabule. Qhubeka wenza lokhu okwenzayo.’ Ukuphila komndeni wethu kungcono kakhulu kunanini ngaphambili!”—UViniana.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela