Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp19 No. 2 kk. 10-11
  • Lapho Uphethwe Isifo Esibi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Uphethwe Isifo Esibi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • OKUYE KWASIZA ABANYE
  • Ukugula Okungalapheki—Indaba Yomkhaya
    I-Phaphama!—2000
  • Ukubhekana Ngokuphumelelayo Nokugula Kwakho—Kanjani?
    I-Phaphama!—2001
  • Indlela Imikhaya Ebhekana Ngayo Nokugula Okungalapheki
    I-Phaphama!—2000
  • Kungani Ngigula Kangaka?
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
wp19 No. 2 kk. 10-11

Lapho Uphethwe Isifo Esibi

“Lapho ngithola ukuthi nginomdlavuza ephashini nasethunjini, ngazitshela ukuthi ngizofa. Kodwa lapho ngifika ekhaya ngacabanga, ‘Akukhona lokho ebengikulindele, kodwa kuzomelwe ngithole indlela yokubhekana nakho.’”—ULinda, oneminyaka engu-71.

“Nginesifo esibuhlungu esihlasela izinzwa ezisohlangothini lwesinxele ebusweni bami. Ngezinye izikhathi izinhlungu zingibangela ukucindezeleka okukhulu. Izikhathi eziningi ngangibona sengathi akekho onginakile, ngaze ngacabanga nokuzibulala.”—U-Elise, oneminyaka engu-49.

Indoda egulayo ihleli esihlaweni sabakhubazekile, inabantu abayithandayo

UMA nawe uphethwe isifo esibi noma siphethe umuntu omthandayo, uyazi ukuthi kuyisimo esicindezela kangakanani. Ngaphezu kokubhekana nesifo, kudingeka ubhekane nemizwa okunzima ukuyilawula. Ungase wesabe futhi ukhathazeke nakakhulu lapho kufanele ubonane nodokotela, lapho kunzima ukuthola noma ukukhokhela ukwelashwa nalapho ukulashwa kukugulisa. Ukukhathazeka nobuhlungu obuhambisana nokuphathwa isifo esibi kungaqeda amandla.

Singalutholaphi usizo? Abaningi baye bathola ukuthi ukuthandaza kuNkulunkulu nokufunda izingxenye zeBhayibheli ezikhuthazayo kuye kwabaduduza kakhulu. Olunye usizo singaluthola emndenini nakubangane abasithandayo.

OKUYE KWASIZA ABANYE

Nasi iseluleko esivela kuRobert, oneminyaka engu-58: “Yiba nokholo kuNkulunkulu, yena uzokusiza ukwazi ukubhekana nokugula kwakho. Thandaza kuJehova. Mtshele indlela ozizwa ngayo. Mcele akuphe umoya ongcwele. Mcele akuphe amandla ukuze ukwazi ukubambisana nomndeni wakho, futhi ukwazi ukubekezelela ukugula.”

Uqhubeka athi: “Kuyasiza ukuba nomndeni okusekelayo. Usuku ngalunye ngithola ucingo oluvela kothile ofisa ukwazi ukuthi nginjani. Ngithola izikhuthazo nakubangane abasezindaweni ezihlukahlukene. Konke lokhu kungenza ngizizwe ngingcono, kunginike amandla okuqhubeka ngiphila.”

Phawula lokhu okushiwo uLinda, okungakusiza nawe lapho uvakashela umuntu ogulayo: “Ogulayo usuke efisa ukuphila ngendlela evamile, ngakho angase angathandi ukukhuluma ngokugula kwakhe ngaso sonke isikhathi. Kungakuhle ukuxoxa ngezinto ebenivame ukuxoxa ngazo.”

Amandla avela kuNkulunkulu, induduzo evela eBhayibhelini kanye nosizo lomndeni nabangane, kungasisiza siqiniseke ngokuthi zikhona izizathu zokuqhubeka siphila, ngisho nalapho siphethwe isifo esibi.

Amavesi EBhayibheli Angakusiza

Thembela kuNkulunkulu.

“Ngambuza uJehova, wangiphendula. Wangikhulula kukho konke engikwesabayo. Lona ohluphekile wakhala, uJehova wezwa.”—IHubo 34:4, 6.

ULinda esikhulume ngaye ngaphambili uthi: “Lapho ngithandaza angisho ukuthi ‘Ngicela ungelaphe.’ Kunalokho ngithi, ‘Ngicela ungiphe amandla okubekezelela lesi sifo.’”

Funda iZwi likaNkulunkulu ukuze ube namandla.

“Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.

Cabanga ngalokho uNkulunkulu athembisa ukusenzela kona esikhathini esizayo. Lokho kuzokunikeza ithemba namandla okubhekana nesimo okuso.

Cela umndeni nabangane bakho bakusekele.

“Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.

U-Elise esike sakhuluma ngaye, unikeza lesi seluleko: “Ungaqheli kubantu. Vumela abangane bakho bakusize. Nakuba ngezinye izikhathi ungase uzizwe uwedwa, uze ucabange nokuthi uNkulunkulu akakulalele, ungaqheli kubantu.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela