Ukukhonza Ngenhliziyo Epheleleyo
1 UDavide wabeka isibonelo esihle sokukhonza uJehova ngenhliziyo epheleleyo. Ukuhola kwakhe kwaba nomphumela omkhulu kuso sonke isizwe sakwaIsrayeli. Nabo bayenza ngenhliziyo epheleleyo iminikelo yokuzithandela ukuze kwakhiwe ithempeli likaJehova. UDavide kamuva wathandazela ukuba lokhu kube izizindlo zabo “kuze kube phakade.”—1 IziKr. 29:9, 18, qhathanisa neNW.
2 Kungani ukukhonza uJehova ngenhliziyo epheleleyo kubaluleke kangaka manje, njengoba kwakunjalo kwaIsrayeli wasendulo? Kalula, uJehova uthanda labo abamkhonza ngenhliziyo epheleleyo. Umboni uHanani watshela iNkosi uAsa: “Amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abenamandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye.”—2 IziKr. 16:9.
SEKELA UMSEBENZI WOMBUSO
3 Singakhonza ngenhliziyo epheleleyo namuhla ngokusekela umsebenzi wokushumayela ngoMbuso oqhubekayo emhlabeni wonke. (Math. 24:14) Ukuwusekela ngokwezimali lomsebenzi kubalulekile, kodwa ukusebenzisa amandla ethu, isikhathi, amakhono, namandla okukhuluma ekwandiseni izindaba ezinhle kwabanye kubaluleke kakhulu. (2 Kor. 9:7) Ingabe uyayithola injabulo eza ngokukhonza ngenhliziyo epheleleyo emsebenzini kaJehova omkhulu?
4 Phakathi noJuly sikhuthazwa ukuba senze ukunxusa okusuka enhliziyweni kubantu abathambekele ekulungeni njengoba sikhuluma ngoMthombo wokuthula kweqiniso nokulondeka futhi sihambisa enye yezincwajana ezihlanganisiwe esiphweni sethu sencwadi. Njengoba ubudlova banda emhlabeni wonke, abantu baya bekhathazeka ngokwengeziwe ngamathemba okuthula kweqiniso nokulondeka. Sinethuba lokubonisa ukuthi izinhliziyo zethu ziphelele kuJehova ngokuba nengxenye egcwele enkonzweni yasensimini nangokuqondisa abathobekileyo eMthonjeni wangempela wokuthula.
INGABE UNGAPHAYONA NGOKUSHESHA?
5 Ingabe ungasandisa isikhathi sakho senkonzo yasensimini? Njengoba uJuly enezimpelasonto ezinhlanu, angase abe inyanga enhle ngawe ukuba wandise umsebenzi wakho ensimini ukuze ufanelekele inkonzo yobuphayona.
6 Abaningi bandisa inkonzo yabo yasensimini benombono wokuba amaphayona avamile ekuqaleni konyaka omusha wenkonzo ngoSeptember. Ingabe uye wakucabangela lokho? Ingabe ungasihlela isimiso sakho ukuze ube iphayona elivamile? Ingabe ungazimisela yini ukwenza indlela yakho yokuphila ibe ngelula, uma kudingekile, ukuze ukwazi ukuba nesikhathi esengeziwe enkonzweni kaJehova? (Math. 6:22) Uma ungathanda ngempela ukukwenza lokho futhi ungase ukwazi ukwenza inkonzo yamaphayona, yiya kuJehova ngomthandazo futhi ucele usizo lwakhe nesiqondiso. (IzAga 16:3) Khuluma nabadala ngesifiso sakho senkonzo yobuphayona obuvamile. Uma ubona ukuthi izimo zakho ziyakuvumela ukuba ube iphayona elivamile, qiniseka ngokuthi ufake isicelo sakho okungenani izinsuku ezingama-30 ngaphambi kwesikhathi ofisa ukuqalisa ngaso.
7 Sibasha noma sibadala, sengathi sonke singabonisa ukuthi sikhonza uJehova ngenhliziyo epheleleyo. Akumelwe nanini sivumele izinhliziyo zethu zihlukane phakathi. (Marku 12:30) Ukuwusekela kwethu ngentshiseko umsebenzi wokushumayela ngoMbuso kuyosisiza ukuba silondoloze inhliziyo epheleleyo kuJehova.