Ukulungiselela USeptember Kusengaphambili
1 Njengoba kuzoqala unyaka omusha wenkonzo ngoSeptember, kuhle ngabo bonke abanesithakazelo enkonzweni yoMbuso ukuba bacabangele lokho esiye sakufeza kuze kube manje nalokho esinesiflso sokukufeza onyakeni ozayo. Njengoba umphostoli uPawulu asho: “Kuphela ukuthi kwesesifinyelele kukho, sihambe ngawo lowomkhondo.”—Fil. 3:16.
2 Kungani ungabambi ithuba lempelasonto yokuqala kuSeptember ukuze usebenze namaphayona asebandleni lakini futhi uthole isiqalo esihle enkonzweni yonyaka omusha wenkonzo? Enye intsha iye yakwenza umgomo wayo ukufakaza kubafundi abengeziwe abafunda nayo futhi izame ukuqalisa isifundo seBhayibheli. Noma ngalabo kini abangabazali futhi izingane zabo ezizoba semaholidini phakathi noSeptember, akunakuba yini inyanga enhle lena ngani ukuba niphinde nijabulele umsebenzi wenkonzo yamaphayona asizayo? Niyoba futhi noMgqibelo owenezelwe kule nyanga ukunisiza ukuba nihlangabezane nezimfuneko.
3 Ngabamemezeli abasebasha, isikole siletha umsebenzi wesikole wasekhaya. Ingabe niyosihlela isikhathi sokutadisha izinto ezingokwasezulwini kanye nomsebenzi wesikole wasekhaya? Kuyonisiza ukuba nifanelekele umsebenzi wenkonzo yesikhathi esigcwele futhi kuyonisiza ukuba nihlale endleleni yokuphila. (Isaya 30:21) Ngezinye izikhathi siba nomuzwa wokuthi simatasa kakhulu ukuba singenza okunye okwengeziwe. Kodwa isikhathi esiyigugu singalahleka ngokubukela ithelevishini. Kungani ungasebenzisi lesosikhathi ezintweni eziza kuqala ezingokwasezulwini?—1 Thim. 4:15.
4 Ungavumeli amahora noma izinyanga kudlule nje njengamafu esibhakabhakeni, kodwa, kunalokho, hlela isikhathi sakho futhi uzibekele imigomo yokusebenzisa ukuphila kwakho ngendlela eyoletha udumo kuJehova.—UmSh. 11:4.