Finyelelani Izinhliziyo Ngezifundo ZeBhayibheli Eziphumelelayo
1 UJesu wathola injabulo ekwenzeni intando kaYise, futhi wayekujabulela ukusiza abanye ukuba nabo bakhonze uJehova. (IHu. 40:8; Math. 9:37, 38; 11:28-30) UJesu wayenganeliswa nje ukumane adlulisele isigijimi sakhe. Uma sizophumelela ekukhuthazeni abanye ukuba bahlanganyele nathi emsebenzini wokushumayela, kufanele sifinyelele izinhliziyo zabantu esifunda nabo iBhayibheli. Lokhu kuhilela okungaphezu nje kokuqhuba ingxoxo yemibuzo nezimpendulo ngencwadi. Ukuze sifinyelele inhliziyo, kufanele lapho silungiselela sibe sicabanga ngesifunda naye.
2 UJesu wayenesithakazelo somuntu siqu kwabanye. Wayewucabangela umbono wabo. Wayesebenzisa imifanekiso ukuze enze izindaba ezilukhuni zibe lula. (Math., izahl. 5-7) Ebona izinkinga ababezobhekana nazo, uJesu wanikeza iseluleko esifanelekile. (Marku 9:33-37) Lapho izilaleli zakhe ekuqaleni zingakwazi ukuthola iphuzu lemfundiso yakhe, ngesineke wayenza umfanekiso walokho ayefuna ukukusho. (Math. 16:5-12) Isithakazelo esijulile uJesu anaso ngabanye kufanele sisishukumisele ukuba sizibuze, ‘Ukube ngangiwumfundi, yini engangingadinga ukuyazi ukuze ngiqonde futhi ngishukunyiswe yilokho okufundiswayo?’—Phawula iYearbook ka-1971, amakhasi 246-7.
QOKOMISA IBHAYIBHELI
3 Lapho omunye umbhangqwana ubuzwa ukuthi yini eyawenza wasabela ngokushesha kangaka ebufakazini obabunikezwa, waphendula: “BabuseBhayibhelini.” Yebo, iZwi likaNkulunkulu lifinyelela izinhliziyo. (Heb. 4:12) Bhekisela kulo njalo, usebenzisa imibhalo esezigabeni ngokukhululekile. Siza umfundi ukuba abone ukuthi kungani inkambo ethile iwukuhlakanipha noma iwubuwula. Bonisana naye ngendlela ukulalela imithetho kaNkulunkulu okuyomzuzisa ngayo.—Bheka iNqabayokulinda, kaMarch 15, 1985, amakhasi 29, 30.
4 Abamemezeli abaningi baye bathola ukuthi ukusebenzisa incwadi Ukubonisana kuphumelela kakhulu ekuqokomiseni iBhayibheli. Ngokwesibonelo, lapho nicabangela ikhasi 124, isigaba 13, lencwadi ethi Ungaphila Phakade, umninikhaya angase abuze ukuthi kungani umfundisi wesonto labo ethi abantwana bafa ngoba uNkulunkulu ebafuna ukuze babe naye ezulwini. Ukucabangela ukwaziswa okusemakhasini 275, no-276 encwadi Ukubonisana ngaphansi kwesihloko esithi “Kungani Abantwana Befa?” kugcizelela isithakazelo sikaJehova ekulondolozeni ilungiselelo lomkhaya. Ukwaziswa kungase kumqinisekise umuntu ngothando lukaJehova ngesintu.
BUZA IMIBUZO
5 Ukusebenzisa imibuzo ngokuphumelelayo kwasiza uJesu ukuba enze abantu bacabange futhi basebenzise umqondo. (Math. 17:24-27) Izimpendulo zomfundi zingase zisisize ukuba sithole ukuthi ufundani nokuthi imiphi imibono engekho ngokombhalo okungenzeka ukuthi usenayo. Mhlawumbe umfundi ulwa nomkhuba wokubhema. Ukubukezile ukwaziswa okusesahlukweni 27 sencwadi Ungaphila Phakade kanye nokwaziswa okusemakhasini 13-16 kumagazini wePhaphama! kaJuly 8, 1989. Uyasibona isidingo sokuyeka. Nokho, ingabe uyaqiniseka ngempela ukuthi kufanele agqashuke kuwo? Ungase uthi: “Uzizwa kanjani ngalokhu? Ake sithi ukuyeka khona manje kodwa abanye babangane bakho bakwenza inhlekisa. Yini obungayenza?”
6 Nokho, nanti izwi lesixwayiso. Ngezinye izikhathi imibuzo enjalo ingaletha izimpendulo ezikumangazayo noma ezikudumazayo. Kuthiwani-ke? Uma kuyindaba ebucayi, kungase kube ngcono ukuba ungaphoqeleli izimo kodwa umane uthi: “Ake siqhubeke okwamanje. Sizobuyela kulokhu kamuva.” Noma “Khona-ke kungokuthile kokucabanga ngakho, akunjalo?” (Joh. 16:12) Uma uyazi indlela umfundi azizwa ngayo ngempela ngendaba, ungakwazi ukulungiselela ukwaziswa okungamsiza ukuba athuthuke ngokwengeziwe. Kufanele silwele ukushukumisa inhliziyo yomuntu futhi sithandazele ukuba uJehova amsize ukuba akhule ngokomoya.—1 Kor. 3:5-9.
7 Lapho uqhuba isifundo seBhayibheli, khumbula njalo ukuba ube nesikhathi esanele ubonisana nomfundi ngokwaziswa enikucabangelayo. Yenza ukuba izindlela zakho zokufundisa zifanelane nezidingo zakhe ezikhethekile. Sebenzela ukwakha enhliziyweni yakhe uthando olujulile nenhlonipho ngoJehova, iBhayibheli, kanye nenhlangano yakhe. Kwangathi singenza ingxenye yethu ekusizeni abanye ukuba babe abafundi bakaKristu ngokuzimisela ukuqhuba izifundo zeBhayibheli eziphumelelayo.—IzE. 2:41-46.