Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/90 k. 2
  • Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izihlokwana
  • ISONTO ELIQALA NGO-OCTOBER 1
  • ISONTO ELIQALA NGO-OCTOBER 8
  • ISONTO ELIQALA NGO-OCTOBER 15
  • ISONTO ELIQALA NGO-OCTOBER 22
  • ISONTO ELIQALA NGO-OCTOBER 29
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 10/90 k. 2

Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi

ISONTO ELIQALA NGO-OCTOBER 1

INgoma 92

10 imiz: Izaziso zebandla kanye neZaziso ezikhethiwe ezikuNkonzo Yethu YoMbuso. Umbiko wensimu engabelwe ngoSeptember. Hlanganisa nokuhlangenwe nakho okwakhayo. Khuthaza bonke ukuba benze wonke umzamo ukuze basekele amalungiselelo enyanga yokugcina. Sikisela ukuhanjiswa komagazini ababili bePhaphama! abangaba abafanelekile ensimini yendawo yakini.

20 imiz: “Qhubekani Nifundisa Ningayeki.” Ingxoxo nemiboniso. Ngemva kokucabangela isigaba 2, yiba namaphayona anokuhlangenwe nakho noma abamemezeli bebonisa indlela yokuhambisa isikhokhelo kumuntu obonisa isithakazelo esiqotho esigijimini soMbuso. Uma umuntu engathanda ukuthola umagazini noma omagazini njalo, siyokujabulela ukugcwalisa amafomu esikhokhelo ukuze athole omagazini ngeposi. Uma engafuni ukwenza isikhokhelo, mhambisele omagazini bamuva futhi usikisele ukubuya ukuze nixoxe ngokunye ukwaziswa okukhuthazayo okungokomBhalo. Usihlalo uveza isidingo sokuqapha lapho sihambisa isikhokhelo. Akudingekile ukuba usho ukuthi omagazini bangatholakala isikhathi esithile esinqunyiwe, njengonyaka owodwa. Isikhokhelo sezinyanga eziyisithupha kufanele sakhe ukwazisa komuntu ngesigijimi soMbuso esishicilelwa kumagazini futhi sisisize sibone ukuthi unaso yini ngempela isithakazelo. Ngemva kwezigaba 3, no-4, yiba nabamemezeli ababili abashisekayo becabangela indlela abazosebenzisa ngayo lokhu kusikisela phakathi no-October nasezinyangeni ezizayo.

15 imiz: “Bamba Amathuba Okufakaza Ehlobo.” Ukuhlanganiswa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo.

INgoma 195 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGO-OCTOBER 8

INgoma 215

5 imiz: Izaziso zebandla neZindaba EzingokwaseZulwini.

20 imiz: Bazali, Ningabathukuthelisi Abantwana Benu. Inkulumo nomboniso esekelwe emakhasini 16 no-17 ePhaphama!, kaJanuary 22, 1990, kanye nesihlokwana esithi “Ukukhuthaza Umntanakho Ukuba Azikhulumele” nesithi “Ukuqonda Izidingo Zabeve Eshumini Elinambili” esahlukweni 11 sencwadi ethi Ukuphila Komkhaya. Gcizelela isidingo sokuba abazali baqonde ingane yabo ngayinye futhi bazisize zithuthuke ngokomoya nangezinye izindlela. Ekuphetheni kwesifundo seBhayibheli, bonisa indlela umzali ancoma ngayo izingane ngemizamo yazo. Isithakazelo siyaboniswa emsebenzini wazo wesikole ngokunikeza isikhuthazo nangokusiza ezindaweni ezinezinkinga kuzo. Usihlalo uphetha ngokugcizelela isidingo sokuba nesithakazelo somntwana enhliziyweni ngazo zonke izikhathi.

20 imiz:“Finyelelani Izinhliziyo Ngezifundo ZeBhayibheli Eziphumelelayo.” Ukucatshangelwa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo. Lapho nicabangela isigaba 3 no-5, bonisa indlela okusebenza ngayo ezimweni zebandla. Gcizelela amaphuzu afanelekile akuNqabayokulinda kaMarch 15, 1985.

INgoma 43 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGO-OCTOBER 15

INgoma 132

10 imiz: Izaziso zebandla nombiko wezimali. Hlanganisa nezincwadi ezivela eNhlanganweni zokubonga iminikelo, futhi ubonise ukwazisa ngokusekela izidingo zebandla ngezimali. Xoxa kafushane nomkhaya ohlela ukwenza umsebenzi wasensimini ngoMgqibelo nangeSonto, ugcizelela amalungiselelo angase abe usizo kwabanye.

17 imiz: “Ukwakha Ubuhlobo Obuseduze Bomkhaya.” Inkulumo ebekwa umdala, nokuhlanganyela okuthile kwezilaleli. Hlanganisa nokusikisela ngalokho okungenziwa ebandleni ukuze kwakhiwe izimfanelo ezingokomoya emalungwini omkhaya nokusiza bonke ukuba bajabulele umsebenzi wenkonzo yasensimini.

18 imiz: “Niyamenywa Emhlanganweni Wesigodi ‘Wolimi Oluhlanzekile’ Ka-1990!”—Ingxenye Yokuqala. Xoxa nezilaleli ngezigaba 1-15 zesenezelo, futhi ubukeze kafushane esithi “Esikukhunjuzwa Ngomhlangano Wesigodi.”

INgoma 42 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGO-OCTOBER 22

INgoma 31

8 imi: Izaziso zebandla. Umbiko wokuqhubeka komkhankaso wesikhokhelo sePhaphama!

20 imiz: “Niyamenywa Emhlanganweni Wesigodi ‘Wolimi Oluhlanzekile’!”—Ingxenye Yesibili. Xoxa nezilaleli ngezigaba 16-28 zesenezelo. Gcizelela izimiso ezingokomBhalo okufanele zibuse ukuziphatha kwethu emihlanganweni. Khuthaza abazalwane ukuba babukeze isenezelo nabafunda nabo iBhayibheli futhi babasize ukuba benze amalungiselelo okuba khona.

17 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokuxoxa Nabantu.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo ngokwaziswa. Yiba nemiboniso emibili elungiselelwe kahle yokubonisa indlela yokuqalisa izingxoxo emakhaya nalapho sithola abantu besegcekeni.

INgoma 20 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGO-OCTOBER 29

INgoma No. 128

5 imiz: Izaziso zebandla.

15 imiz: Ukuzihlelela Kusengaphambili Izikhathi Ezijabulisayo Ezingokomoya. Umbonisi owengamele uxoxa nezilaleli ngamalungiselelo okufanele enzelwe izinyanga ezizayo, kuhlanganise nokuya emhlanganweni eniwabelwe (izindawo zokulala, amalungiselelo ezinto zokuhamba, ukucela isikhathi sokungabikho emsebenzini, njalonjalo), kanye nobuphayona obusizayo. Isikhathi seholide sivumela umsebenzi owandisiwe ngentsha eseholidini. Yenzani lelihlobo libe ihlobo eliyokhunjulwa ngokuhlela kusemanje ngokuhlakanipha.

10 imiz: Izidingo zebandla. Noma esithi “Ingabe Uyoqhubeka Uhamba Eqinisweni?” Inkulumo esekelwe kuNqabayokulinda, kaSeptember 1, 1990, amakhasi 29-31.

15 imiz: Lungiselelani inkonzo kaNovember. Xoxani ngamaphuzu okukhulunyelwa okungafaneleka ukuba asetshenziswe ensimini yebandla ekuhambiseni incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo nencwajana ethi Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha! noma ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe Kuziqu-zintathu? Bonisa indlela ummemezeli angakhuluma ngayo nomninikhaya ngokubaluleka kokufunda iBhayibheli. Angasebenzisa eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17 ukuze abonise ukuthi iZwi likaNkulunkulu liphefumulelwe futhi linenzuzo, ilandelwe ekaJohane 17:3 ukuze aveze inzuzo ekhethekile. Hlanganisa nesipho sikaNovember.

INgoma 8 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela