Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/90 k. 5
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • NGEMVA KOKUBHAPATHIZWA
  • Fundani Incwadi Ethi Ungaphila Phakade Nethi Ubunye Ekukhulekeleni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indlela Yokusebenzisa Incwadi Ethi “Othandweni LukaNkulunkulu” Ekuqhubeni Izifundo ZeBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • “Ngingakwazi Kanjani . . . Ngaphandle Kokuba Othile Angiqondise?”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 12/90 k. 5

IBhokisi Lemibuzo

● Kungani kubalulekile ukuqeda ngokungashwampuluzi izincwadi ezimbili nabafundi abasha ngisho noma bebhapathizwa ngaphambi kokuqeda incwadi yesibili?

UJehova ubusisa inhlangano yakhe ngokutheleka kwabasha abathutheleka emabandleni. Siyajabula ngokubona lokhu kubuthwa okukhulu. Nokho, siyaqonda ukuthi labantu abanjengezimvu badinga usizo nesiqondiso esiqhubekayo ekufundeni ukukhonza uJehova.

Abasha badinga usizo ukuze bafinyelele olwazini oluqondile lweqiniso. (Kol. 1:9, 10) Sinelungelo lokubasiza ekuzuzeni ukuqonda okuhle izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo nokufinyelela ukuqonda okuhle ngalokho iBhayibheli elikufundisayo ngokuqondene nezindinganiso zokuziphatha, ukuphila kobuKristu, nezindaba ezihlangene nalokho. Lokhu kuyobasiza ukuba bagxile eqinisweni ukuze banqobe noma ikuphi ukuvivinywa okungase kube ngaphambili.

Futhi kudingeka ukuba izifundo zikhule ngokwanele emandleni azo okuqonda. (1 Kor. 14:20) Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi ukuze kufinyelelwe izinga eliphakeme lomuntu okhule ngokwanele ngokomoya, isifundo somuntu siqu seBhayibheli nomfundisi siwusizo. Ngakho-ke, ngisho nakuba umuntu engase abhapathizwe ngaphambi kokuqeda ukufunda izincwadi ezimbili, ukuhlakanipha kubonisa ukuthi isifundo sakhe seBhayibheli sasekhaya kumelwe siqhubeke kuze kube yilapho eseqede ukufunda zombili izincwadi.

NGEMVA KOKUBHAPATHIZWA

UJesu wathi kumelwe senze abafundi—sibabhapathize futhi sibafundise. (Math. 28:19, 20) Okuningi kokufundiswa kwabafundi kwenziwa ngemva kokubhapathizwa. Ulwazi olungase lutholwe umuntu encwadini eyodwa kuphela ngokuvamile alwanele ekulolongeni ukuqeqeshwa kwakhe okungokomoya. Okunye ukufundiswa kuyadingeka ukuze alungele umsebenzi wenkonzo futhi ahlonyiselwe ukumelana nokucindezela okuza kulabo abakhonza uJehova kulezinsuku zokugcina. Ukwehluleka ukunikeza ukuqeqesha okwanele kungase kushiye umfundi engakulungele ukuzimela ngokomoya. Ngemva kokuba umuntu omusha ebhapathiziwe, siyaqhubeka simsiza ukuba enze intuthuko eqhubekayo kungakhathaliseki ukuthi useqedile yini ukufunda izincwadi ezimbili noma cha. Incwadi yokuqala efundwayo inikeza ukuqonda ezintweni eziyisisekelo. Incwadi yesibili ihlanganisa izimfanelo zobuKristu. Lezincwadi kungase kube ethi Ungaphila Phakade bese kuba incwadi ethi Ubunye Ekukhulekeleni noma incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso. Uma lezincwadi zingatholakali, ezinye eziqukethe ukwaziswa okufanayo zingase zisetshenziswe. Ukuqhubeka nesifundo seBhayibheli kuze kube yilapho kuqedwa incwadi yesibili kunikeza imfundo enengqondo ngezinjongo zikaJehova kanye nangezindinganiso nezimfuneko zakhe zobuKristu eziphakeme. Lokhu kusiza omusha ukuba aqonde okushiwo izimiso zobuKristu futhi abe nesisekelo esigxilile okholweni. (Kol. 2:7) Ukuze uthole imininingwane nokwaziswa okwengeziwe ngokubika izifundo ezinjalo, bheka esithi iBhokisi Lemibuzo kuNkonzo Yethu YoMbuso kaNovember 1987.

Yebo, ngemva kokubhapathizwa abasha kumelwe kulindelwe ukuba benze intuthuko engokomoya. (Heb. 6:1-3) Ezimweni eziningi akuthathi isikhathi eside ukuqeda incwadi yesibili. Ngakho-ke umuntu omusha unikezwa isisekelo esiqinile.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela