“Ngingakwazi Kanjani . . . Ngaphandle Kokuba Othile Angiqondise?”
1 Lapho umvangeli uFiliphu ebuza umthenwa waseTopiya ukuthi wayekuqonda yini ayekufunda eZwini likaNkulunkulu, le ndoda yaphendula: “Ngingakwazi kanjani nje ngempela, ngaphandle kokuba othile angiqondise?” UFiliphu wamsiza ngenjabulo ukuba aqonde izindaba ezinhle ngoJesu, okwenza ukuba leyo ndoda ibhapathizwe ngokushesha. (IzE. 8:26-38) UFiliphu wayelalela umyalo kaKristu ‘wokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, bababhapathize futhi babafundise.’—Math. 28:19, 20.
2 Kufanele silalele umyalo wokwenza abafundi njengoba nje uFiliphu enza. Nokho, intuthuko engokomoya eshesha njengalena yomthenwa waseTopiya ayivamile kubantu esifunda nabo iBhayibheli. Leya ndoda, engumJuda ongumproselithe eyayiyazi imiBhalo, yayinenhliziyo ethambekele ekulungeni futhi yayidinga nje ukuvuma ukuthi uJesu unguMesiya othenjisiwe. Kuyinselele uma labo esifunda nabo bengajwayelene neBhayibheli, beye badukiswa izimfundiso zenkolo yamanga noma bekhungethwe izinkinga zomuntu siqu. Yini eyosisiza ukuba siphumelele ekuqondiseni abantu esifunda nabo iBhayibheli ukuba bazinikezele futhi babhapathizwe?
3 Qaphela Izidingo Ezingokomoya Zomfundi WeBhayibheli: Isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1998 sakhuluma ngobude besikhathi esingafunda ngaso nabantu, sisebenzisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? nencwadi Ulwazi. Sanikeza lesi siqondiso: “Kubalulekile ukubheka isivinini isifundo esiqhubeka ngaso kucatshangelwa izimo zomfundi kanye nekhono lakhe lokufunda. . . . Asifuni ukushiya umfundi engaziqondi kahle izinto ngoba siphuthuma ukuqeda incwadi. Umfundi ngamunye udinga isisekelo esiqinile sokholo lwakhe olusha eZwini likaNkulunkulu.” Ngakho-ke, akutuswa ukuba incwadi Ulwazi ifundwe ngokubhuduzela ngomqondo wokuyiqeda ngezinyanga eziyisithupha. Kungadinga isikhathi esingaphezu kwezinyanga eziyisithupha ukuba kusizwe abanye abantu ukuba bathuthukele ephuzwini lokubhapathizwa. Njengoba uqhuba isifundo isonto ngalinye, sebenzisa noma isikhathi esingakanani esidingekayo ukuba usize umfundi aqonde futhi amukele lokho akufunda eZwini likaNkulunkulu. Kwezinye izimo, kungase kudingeke amasonto amabili noma amathathu ukuhlanganisa isahluko esisodwa sencwadi Ulwazi. Lokhu kuyokwenza ukuba kube nesikhathi sokufunda nokucacisa imibhalo eminingi ekhonjiwe.—Roma 12:2.
4 Nokho, kuthiwani uma lapho niqeda incwadi Ulwazi, ubone ukuthi ukuqonda komfundi iqiniso kudinga ukuthuthukiswa noma ukuthi akakashukumiseleki ngokwanele ukuba amelele iqiniso futhi anikezele ukuphila kwakhe kuNkulunkulu? (1 Kor. 14:20) Yini enye ongayenza ukuze umqondise endleleni eholela ekuphileni?—Math. 7:14.
5 Yanelisa Izidingo Ezingokomoya Zomfundi WeBhayibheli: Uma kusobala ukuthi umuntu uyathuthuka, nakuba ethatha kancane, nokuthi uya eba nokwazisa ngalokho akufundayo, khona-ke qhubeka nesifundo seBhayibheli ngencwadi yesibili ngemva kokuqeda incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? nencwadi Ulwazi. Lokhu kungase kungadingeki kubo bonke abantu, kodwa uma kudingeka, qhubekani nesifundo ngencwadi ethi Ukuthula Kweqiniso, incwadi Ubunye Ekukhulekeleni noma incwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu. Abamemezeli abaningi banamakhophi abo alezi zincwadi abangase bawasebenzise uma ibandla lingenazo. Incwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu iyona kuphela engase i-odwe eNhlanganweni. Kuzo zonke izimo, incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? nencwadi Ulwazi yizona eziyofundwa kuqala. Isifundo seBhayibheli, izimpindelo nesikhathi esichithiwe kuqhutshwa isifundo kufanele kubalwe futhi kubikwe, ngisho noma umfundi ebhapathizwa ngaphambi kokuqeda incwadi yesibili.
6 Ingabe lokhu kusho ukuthi labo abasanda kubhapathizwa kodwa abafunde incwadi eyodwa kufanele manje bathole olunye usizo lokufunda incwadi yesibili? Akunjalo ngempela. Nokho, kungenzeka bapholile noma abazange bathuthuke eqinisweni, futhi kungenzeka banomuzwa wokuthi badinga usizo lomuntu siqu ukuze balisebenzise kakhudlwana iqiniso ekuphileni kwabo. Kufanele kuxoxwe nombonisi wenkonzo ngaphambi kokuba kuvuselelwe isifundo nommemezeli obhapathiziwe. Nokho, uma kunabathile obaziyo abaye bafunda incwadi Ulwazi ngaphambili kodwa abangazange bathuthukele ekuzinikezeleni nasekubhapathizweni, ungase uthathe isinyathelo sokuthola ukuthi abanakuthanda yini ukuvuselela isifundo sabo seBhayibheli.
7 Kuwuphawu lothando lobuKristu ukunakekela ngokuseduze umuntu ngamunye esifunda naye onesithakazelo. Umgomo wethu uwukusiza umfundi ukuba aliqonde kakhudlwana iqiniso leZwi likaNkulunkulu. Khona-ke, angakwazi ukuthatha isinyathelo esiqondile sokumelela iqiniso, enolwazi lokuthi wenzani futhi anikezele ukuphila kwakhe kuJehova, abonakalise lokho kuzinikezela ngobhapathizo lwamanzi.—IHu. 40:8; Efe. 3:17-19.
8 Uyakukhumbula okwenzeka ngemva kokubhapathizwa komthenwa waseTopiya? “Waqhubeka ehamba endleleni yakhe ejabula” njengomfundi omusha kaJesu Kristu. (IzE. 8:39, 40) Kwangathi thina nalabo esibahola ngempumelelo endleleni yeqiniso singathola injabulo ekukhonzeni uJehova uNkulunkulu—manje naphakade!