IZindaba Ezingokwasezulwini
EGabon: Ngo-November kwafinyelelwa inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-1255. Abamemezeli bebandla baba nesilinganiso samahora angu-17 enkonzweni yasensimini.
EJamaica: Ngo-November 7, 1992 kwanikezelwa iHholo LoMhlangano lokuqala eJamaica, kwakukhona abantu abangu-4469.
ENingizimu Afrika: Ngo-March 13 abantu bakaJehova eLydenburg bajabula ngokunikezelwa kweHholo LoMbuso labo elisha. Amakomiti Okwakha Esifunda amabili ngomusa ahlela ukuba kube khona izisebenzi zokuzithandela ezivela ezifundeni zawo ukuze asize ezicini ezinkulu zalomsebenzi. Lokhu kwaba nengxenye emoyeni omuhle owawusendaweni yokwakha.
ERwanda: Kwabangu-182 ababhapathizwa eMihlanganweni Yesigodi “Yabaphathi Bokukhanya” eyayiphakathi no-January eKigali, abangu-149 babhalisela ukukhonza njengamaphayona asizayo. Inani eliphakeme lababekhona lalingu-4498.