Ukusebenzisa INqabayokulinda Ne-Phaphama! Ngokunenzuzo
1 INqabayokulinda ne-Phaphama! omagazini ababaluleke kunabo bonke nabayinzuzo kunabo bonke abantu abangabafunda namuhla. Kungani? Kungenxa yokuthi amaqiniso angokomoya abawaqukethe angaba nomphumela omuhle ohlala njalo kubantu. Nokho, abaningi abasiqapheli isidingo sabo esingokomoya, noma abazi ukuthi babhekephi ukuze basenelise. Kuyilungelo lethu ukulingisa umphostoli uPawulu ngokusiza abantu ukuba bavule amehlo abo ngokomoya.—Math. 5:3; IzE. 26:18.
2 Yiba Nesimo Sengqondo Esiqondile Futhi Ulungiselele Kahle: Ngokunokwenzeka bakhona abantu abanjengezimvu ensimini yakini abayosabela eqinisweni. Abanye bangase badinge isikhuthazo nje somusa ukuze bafunde labomagazini. Ngakho-ke, yiba nesimo sengqondo esiqondile futhi ube okholisayo lapho uhambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! Hlala unomagazini abaningana futhi uwasebenzise ngokunenzuzo wonke amathuba ukuze ubahambise, ngisho nalapho uhambisa ezinye izincwadi.
3 Yini engasenza siphumelele ngokwengeziwe ekuhambiseni omagazini? Okokuqala nje, kumelwe thina ngokwethu sikuqaphele ngempela ukubaluleka kwabo. Kufanele sijwayelane nezihloko ezikomagazini esibahambisayo, futhi lokhu kuyosenza sibe nesibindi futhi sikushisekele ngokwengeziwe ukubahambisa. Kukhumbule lokhu lapho ubafunda okokuqala. Phaphamela ukukhetha amaphuzu ozowaqokomisa enkonzweni. Zibuze: ‘Lesihloko singakhanga kobani ngokukhethekile? Ingabe inkosikazi yomuzi, umuntu osemusha, noma mhlawumbe usomabhizinisi angasijabulela? Ingabe leliphuzu lingamhlaba umxhwele umfundi, umuntu oshadile, othile okhathazekile ngendawo ezungezile?’ Ukuze siphumelele ngempela, kufanele sikwazi ukutusa omagazini ngokusekelwe olwazini lwethu siqu nasekuzijabuleleni kwethu izihloko zabo ezifike ngesikhathi.
4 Basebenzise Ngokunenzuzo Omagazini Abadala: Khumbula, INqabayokulinda ne-Phaphama! abaphelelwa ukuba yinzuzo kwabo, ngisho noma bengahanjiswanga bonke phakathi nenyanga eyodwa noma ezimbili zosuku lokukhishwa kwabo. Izinga lokubaluleka kokwaziswa abakuqukethe alehli ngenxa yokudlulelwa isikhathi, futhi akufanele sinqikaze ukubahambisa omagazini abadala uma nje besesimweni esihle. Ukuyeka omagazini abadala banqwabelane futhi ungabasebenzisi kubonisa ukuntula ukwazisa ngalamathuluzi abalulekile. Umagazini ngamunye unamaqiniso anamandla okuvusa nokwanelisa izithakazelo ezingokomoya. Esikhundleni sokubachilizela eceleni omagazini abadala futhi sikhohlwe yibo, ingabe ngeke yini kube ngcono ukwenza umzamo okhethekile wokubahambisa kubantu abathakazelayo noma okungenani ukubashiya endaweni ecashile lapho singatholi muntu ekhaya? Ngaphambi kokuba ubashiye njalo qikelela ukuba ubabhale ukuthi “Umagazini Oyisampula Wamahhala.”
5 Umagazini i-Phaphama! uye wasiza abaningi ekuqaleni ababengathambekele ezintweni ezingokomoya ukuba baqaphele isidingo sabo esingokomoya. INqabayokulinda iyithuluzi eliyinhloko esimisweni sabantu bakaJehova sokondliwa ngokomoya. Labomagazini baphelelisana kahle kakhulu, futhi bafeza indima ebalulekile ekwenzeni izindaba ezinhle ukuba zishunyayelwe.
6 Lapho sisebenzisa ngokunenzuzo wonke amathuba ukuze sihambise omagazini, singaqiniseka ngokugcwele ukuthi bazophumelela ekwaneliseni izidingo ezingokomoya zabanjengezimvu. Sifuna ukulondoloza isimo sengqondo esiqondile, silungiselele kahle, futhi sibe khona njalo enkonzweni. Njengabamemezeli bezindaba ezinhle, kwangathi sonke singabasebenzisa ngokunenzuzo omagazini