Ukusebenzisa Izincwajana Ezingangomagazini Ngokuphumelelayo Ngo-July
1 Ukuze isheshise umsebenzi wokwenza abafundi, inhlangano iye yalungiselela ngokungagodli izincwadi eziningi ezihlukahlukene. Phakathi kwazo kunezincwajana ezingangomagazini ezikhuluma ngokuqondile ngezihloko ezithile, ezinjengenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba, uZiqu-zintathu, igama likaNkulunkulu, uhulumeni woMbuso, kanye nokuvumela kukaNkulunkulu ububi. Singazisebenzisa kanjani izincwajana ezingangomagazini ngokuphumelelayo ukuze sisize abantu abasensimini yethu?
2 Incwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? ichaza ngendlela enengqondo ukuthi umhlaba omusha ongenakho ukuhlupheka useduze. Singayethula kanjani? Ukusikisela kungatholakala encwadini Ukubonisana ngaphansi kwesihloko esikhulu esithi “Ukuhlupheka,” esiqala ekhasini 284, noma ungase ukhethe isethulo esisekhasini 12 ngaphansi kwesihloko esithi “Ukuphathwa Kabi/Ukuhlupheka.”
3 Ungase uthi:
◼ “Ingabe wake wazibuza: ‘Ingabe uNkulunkulu uyakukhathalela ngempela ukuthi isintu sibhekene nokuphathwa kabi nokuhlupheka?’” Lindela impendulo. Funda iHubo 72:12-14. Khona-ke vula ikhasi 23 lencwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? bese nixoxa ngezihloko ezibhalwe ngokugqamile engxenyeni 10, kanye nangencazelo yomfanekiso osekhasini 23. Uma incwajana ingathathwa, kungani ungahambisi ipheshana, elinjengelithi Induduzo Ngabacindezelekile noma elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula?
4 Uhulumeni omuhle uyindaba ekhathalelwayo namuhla. Abaningi bayazibuza ukuthi ukubusa komuntu kuyowenza yini umhlaba ube nobunye. Ukwaziswa okuwusizo kutholakala ngaphansi kwesithi “Uhulumeni,” esiqala ekhasini 236 lencwadi Ukubonisana.
5 Ungase Ubuze:
◼ “Ingabe kungenzeka ngabantu ukuba bamise uhulumeni oyoletha injabulo yangempela ehlala njalo?” Lindela impendulo, bese ubuza: “Umbhalo ogciniwe womlando wesintu ubonisani?” Vula uJeremiya 10:23, noma uvule ikhasi 236 lencwadi Ukubonisana bese ufunda imibhalo efanelekile kanye nokukhulumela. Ngemva kwalokho, vula ikhasi 24, no-25 encwajaneni ethi Uhulumeni bese nicabangela imifanekiso nemibhalo. Chaza indlela uhulumeni kaNkulunkulu oyokwenza ngayo ukuba abantu babe nobunye emhlabeni wonke. Uma umninikhaya engayamukeli lencwajana, ungahambisa ipheshana elithi Ingabe Lelizwe Liyosinda?
6 Uma endaweni yakini kwesatshwa ubugebengu, isethulo esilandelayo singavusa isithakazelo.
7 Ungase Uthi:
◼ “Abantu abaningi bayazibuza, ‘Uma uNkulunkulu enothando, kungani evumela ububi?’ Ingabe nawe wake wazibuza ngalokhu?” Lindela ukukhulumela, bese uthi: “Phawula ukuthi izAga 19:3 zisixwayisa ukuba singamsoli uNkulunkulu ngezinto ezimbi ezenziwa abantu.” Ngemva kokufunda lombhalo, donsela ukunakekela ekhasini 14 lencwajana ethi “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha”, bese ufunda isigaba 27. Lokhu kungaholela ekuxoxeni ngezigaba ezilandelayo.
8 Ukusebenzisa izincwajana ekufundiseni abantu abanjengezimvu ngezindaba ezinhle kungokuthile sonke esingakwenza. Singasiza abantu bazo zonke izizinda zokuphila ukuba bahlanganyele nenhlangano kaNkulunkulu. Kuyilungelo lethu ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela njengoba sisebenzisa ngokuphumelelayo izincwajana ezingangomagazini ezihambisana nesikhathi.