Izincwajana Ezingangomagazini—Amathuluzi Ayigugu Enkonzo
1 Isisebenzi esiyingcweti ngokuvamile siphatha izinhlobonhlobo zamathuluzi, ngalinye liklanyelwe ukwenza umsebenzi othile. Njengabamemezeli boMbuso, sinezinhlobonhlobo eziningi zezincwajana ezingangomagazini zokusisiza ukuba sihlangabezane ngobuciko nezidingo ezingokomoya zabantu esibashumayezayo. (IzAga 22:29) Kwenye indlu ungase uhlangane nothile ocindezelekile. Kwenye uthole umninikhaya olangazelela uhulumeni othembekile, kuyilapho omunye ezibuza ukuthi ikhona yini injongo yokuphila. Singazisebenzisa kanjani izincwajana zethu ezingangomagazini ukuze sisize lababantu?
2 Lapho sihambisa incwajana engangomagazini ethi “Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?,” ungasho okuthile okufana nalokhu:
◼ “Abanye abantu ababona ukuhlupheka nokungabi nabulungisa ezweni basola uNkulunkulu. Bathi njengoba uNkulunkulu engumninimandla onke, ubeyokuqeda ukuhlupheka kwethu ukube ubesikhathalela ngempela. Uzizwa kanjani ngalokho? [Lindela impendulo.] IHubo 72:12-14 libonisa ukuthi uNkulunkulu uyasikhathalela ngempela. Ukuhlupheka nokungabi nabulungisa akuwona amaphutha akhe. Uthembise ukuthi ababi uzobaqeda ngokushesha. Lencwajana engangomagazini ethi, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, ibonisa lokho azokwenza nokuthi singazuza kanjani.” Ungase ukwazi ukuqhubeka nengxoxo usebenzisa amaphuzu asekhasini 27, isigaba 22.
3 Uma usebenzisa incwajana engangomagazini ethi “Injongo Yokuphila”, ungase uthande ukuqala ngalendlela:
◼ “Ngezikhathi ezithile, cishe wonke umuntu uyazibuza ngenjongo yokuphila. Ingabe iwukuphila nje iminyaka engu-70 noma engu-80 bese ufa? Noma ingabe kunokwengeziwe ekuphileni? Ucabangani? [Lindela impendulo.] Lapha kumaHubo 37:29, sibona injongo enhle kaNkulunkulu ngomuntu nomhlaba.” Ngemva kokufunda umbhalo, vula umfanekiso osekhasini 31, bese uqhubeka uphawula ukuthi kuyoba njani ukuphila ePharadesi.
4 Incwajana engangomagazini ethi “Bheka” ingethulwa ngokuveza wonke umfanekiso osesembozweni bese ubuza:
◼ “Ucabanga ukuthi yini eyodingeka ukuze kwenziwe lomhlaba ubukeke kanje? [Lindela impendulo.] Wonke umuntu okulomfanekiso unendlu kanye nomsebenzi ojabulisayo. Kunokuthula nokudla okuningi, futhi umhlaba awunakho ukungcola. Kungakhathaliseki ukuthi bazama kangakanani, ohulumeni babantu bakuthola kungenakwenzeka ngabo ukuletha umhlaba onjena. Nokho, iBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi uNkulunkulu ‘uyokwenza konke kube kusha.’ [Vula ikhasi 30, bese ufunda isAmbulo 21:3, 4.] Lencwajana engangomagazini ingakusiza ukuba ufunde lokho okufanele ukwenze ukuze uphile ezweni elisha.” Uma ebonisa isithakazelo esikhulu, vula ikhasi 3, bese umbonisa ukuthi sisiqhuba kanjani isifundo seBhayibheli.
5 Ungasebenzisa lendlela ngencwajana engangomagazini ethi “Jabulela Ukuphila”:
◼ “Abantu abaningi bacabanga ukuthi kuzodingeka baye ezulwini ukuze bajabulele ukuphila okuphakade, kodwa ucabangani ngokuphila emhlabeni phakade? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lisiqinisekisa ukuthi ukuphila phakade kungenzeka, futhi liyasitshela ukuthi singawufinyelela kanjani lowomgomo.” Funda uJohane 17:3. Ubonise umninikhaya umfanekiso 49 bese ubuza: “Ungathanda yini ukuphila emhlabeni onjengalona?” Hambisa lencwajana, bese uhlela ukubuya.
6 Lezizincwajana ziqokomisa izihloko ezifike ngesikhathi, ziphendula imibuzo yabantu, zinikeze nenduduzo. Uma sisebenzisa lamathuluzi ngobuciko, singasiza abaqotho ukuba “bafinyelele ekulazini iqiniso.”—1 Thim. 2:4.