Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/93 kk. 1-2
  • Zifune Ngobuqotho Izifundo ZeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Zifune Ngobuqotho Izifundo ZeBhayibheli
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Usikisela Isifundo SeBhayibheli?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngezifundo ZeBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Phaphamela Ukuqalisa Izifundo Zebhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Ukutshala Nokunisela—Izinyathelo Zokwenza Abafundi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 8/93 kk. 1-2

Zifune Ngobuqotho Izifundo ZeBhayibheli

1 Kunobufakazi obandayo bokuthi lelizwe elidala liphelelwa isikhathi. (2 Thim. 3:1-5) Kusho ukuthini lokhu? Kusho ukuthi ukuphila kwabantu kusengozini. Nokho, kusemandleni ethu ukuba sisize abanye basindiswe. (IzAga 3:27) Ukuze sifeze lokhu kufanele sizimisele ngobuqotho ukuqalisa nokuqhuba izifundo zeBhayibheli.

2 Kuye kwafezwa okukhulu ngokusakazwa kwezincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini. Kodwa lokho abantu abakudinga kakhulu usizo lomuntu siqu ngesifundo seBhayibheli sasekhaya esiqhutshwa njalo. Singabasiza kanjani ukuba bakubone lokho?

3 Singabuza imibuzo ekhathaza abantu abaningi. Imibuzo enjalo ingagxila ezintweni ezinjengokuthi kungani izindinganiso zokuziphatha ziye zehla ngendlela ephawuleka kangaka, kungani ukuphila komkhaya kuntengantenga kangaka, kungani ubudlova nobugebengu buwusongo ngalendlela, kungani uNkulunkulu onothando evumela izimo ezikhona manje, nokunye. Ziqaphele izindaba nezenzakalo abantu abanesithakazelo kuzo ngokuyinhloko ensimini yakini. Nikeza izimpendulo ezicacile zeBhayibheli kulemibuzo. Bonisa indlela izincwadi esizihambisayo ezingabasiza ngayo ukuba bafunde lokho iBhayibheli elikushoyo ngalezindaba nezinye ezibalulekile ezisithinta sonke.

4 Kubalulekile ukuhilela umninikhaya engxoxweni. Kuphaphamele ukubona ukuthi yini emkhathazayo. Yenza ingxoxo yakho igxile kulokho anesithakazelo kukho noma okumkhathazayo. Donsela ukunakekela ekwazisweni okusencwadini, incwajana engangomagazini, umagazini, noma ipheshana okuchaza ikhambi elinikezwa yiBhayibheli lezinkinga zesintu. Ngaphambi kokuba uhambe, buza umbuzo owodwa noma emibili ocabanga ukuthi iyomenza abheke phambili ekuhambeleni kwakho okulandelayo. Lapho uphindela, qikelela ukuba umkhumbuze lemibuzo, bese usebenzisa incwadi ukuze umsize athole izimpendulo zeBhayibheli.

5 Ukuqalisa kwethu izifundo nokuziqhuba ngaso sonke isikhathi kungashintsha ukuphila kwabantu. Kudingeka sibonise isithakazelo sangempela kulokho okukhathaza labo esibathola ensimini noma esihlangana nabo ngokwethukela. Kudingeka ulungiselele kahle ukuze uqhubeke uvusa isithakazelo sabo. Kudinga ukubekezela ukuqhubeka uphindela kuze kube yilapho sebesijwayele isimiso sasikhathi sonke sokondliwa ngokomoya. Kudingeka sibe nesithakazelo sothando kubantu ngokwabo. Kumelwe sikufune ngobuqotho ukubasiza ukuze basindiswe ekubhujisweni osekuseduze. Umsebenzi wethu wezifundo zeBhayibheli kufanele siwuthandazele njalo nangobuqotho.—1 Thes. 5:17.

6 Sihlela ukunyathelisa izikhumbuzo eziningi ku-Nkonzo Yethu YoMbuso phakathi nezinyanga ezimbalwa ezizayo ezizoqhubeka zisiza abamemezeli ukuba baqhube izifundo zeBhayibheli ezithuthukayo. Sicela nikhumbule ukuthi, uma kunokwenzeka, izifundo zeBhayibheli kufanele ziqhutshwe ngencwadi ethi Ungaphila Phakade. Incwadi yesibili okumelwe ifundwe kufanele kube Ubunye Ekukhulekeleni. (Sicela nibheke IBhokisi Lemibuzo, kmZU 5/86.)

7 Kuyakhuthaza kakhulu ukubona ukuthi abantu abacishe babe isigidi baye baba abafundi ababhapathiziwe eminyakeni emithathu edlule. (Math. 28:19, 20) Manje siqhuba izifundo zeBhayibheli ezicishe zibe izigidi ezine nengxenye inyanga ngayinye, futhi lokhu kubonisa ukuthi siyakukhathalela ukuphila kwabanye. Kuthiwani ngawe? Ingabe uye wazama ngobuqotho ukuhlanganyela emsebenzini wezifundo zeBhayibheli zasekhaya? Khumbula, ukuphila kwethu nokwabanye kuxhomeke ekuthembekeni kwethu kulokhu.—Hez. 3:17-19.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela