Izwi LoMbuso—Ukuthola Umqondo Walo
1 Emfanekisweni wakhe womhlwanyeli, uJesu wathi imbewu ewela “enhlabathini ekahle” yayifanekisela ‘lowo ozwa izwi futhi awuthole umqondo walo.’ (Math. 13:23, NW) Ngemva kokuzwa ngoMbuso, ingabe siye ‘sawuthola umqondo wawo’? Ukuthonya kangakanani ukuphila kwethu? Ingabe siye sabeka izithakazelo zoMbuso kuqala, ngaleyondlela sembula ukuthi siye sawuthola umqondo wesigijimi?
2 Ukusiqonda kahle isigijimi soMbuso kudinga isifundo somuntu siqu. Kudingeka sibe nesikhathi sokuzindla ngokudla okungokomoya okulungiselelwayo. Ukufunda INqabayokulinda ngokubhuduzela kufana nokuphanga ukudla okumnandi nokunomsoco. Ingabe uyazinika isikhathi sokucabangisisa kahle ngokudla okungokomoya? Ukuze uzuze ngokugcwele, kumelwe kube nento ekushukumisayo futhi ukulangazelele ngempela ukudla okungokomoya. Uma lokhu kungekho, eminye imisebenzi ingenza izinzuzo zesifundo somuntu siqu zibonakale zingabalulekile noma idle isikhathi esisidingela sona. Ukunamathela esimisweni esihle sokutadisha akulula. Nakuba kudinga ukulinganisela ngokucophelela izinto eziza kuqala, ingcebo engokomoya ezuzwayo ayinakulinganiswa.—IzAga 3:13-18; Kol. 1:27.
3 Incwadi ethi Ukuhlola ImiBhalo iyasisiza usuku ngalunye ukuba sibe nemiqondo eqondile, eyakhayo ngoMbuso. Labo “abaqaphela isidingo sabo esingokomoya” bahlela ukusebenzisa imizuzu embalwa usuku ngalunye befunda itekisi nokukhulunyelwa kwalo. (Math. 5:3, NW) Imibhalo eminingi ichaza izici ezihlukahlukene zoMbuso. Ngokwesibonelo, ngo-November 22, 1994, umbhalo wetekisi kwakunguMathewu 13:4. Ukukhulumela kwakumayelana nethemba loMbuso futhi kwasikhumbuza izingozi zokuba nobudlelwane obungakhi nezihlobo kanye nomakhelwane. Iqiniso lokuthi emakhaya aseBethel emhlabeni wonke, kuba nengxoxo ethatha imizuzu engu-15 yetekisi losuku ekuseni ngazo zonke izinsuku okusetshenzwa ngazo ligcizelela izinzuzo kanye nokungathi sína kokucabangela ndawonye itekisi losuku. Ingabe umkhaya wakho uyakufaka lokhu esimisweni sawo sansuku zonke?
4 Njengoba ukhula ekwaziseni kwakho uMbuso, uyoshukumiseleka kakhudlwana ukuba uhlanganyele isigijimi soMbuso nabanye. Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! balungiselela okungase kufaniswe nokudla kwengqondo okondla izingqondo ngokwaziswa okusha, okuhambisana nesikhathi. Basisiza ukuba sihlale siqaphela ukuthi izwe liwudinga kangakanani uMbuso kaNkulunkulu. Basisiza ukuba sibe abantu abangokomoya, ‘abanomqondo kaKristu.’ (1 Kor. 2:15, 16) Konke lokhu kungaqinisa ithemba lethu futhi kukhulise intshiseko yethu yokuhlanganyela ithemba loMbuso nabanye.—1 Pet. 3:15.
5 Kubalulekile ukuba thina ngokwethu siwuthole umqondo wesigijimi soMbuso. UMbuso uyindlela eyosetshenziswa uNkulunkulu ukuphakamisa ubukhosi bakhe, aqede ububi, futhi alethe umhlaba omusha—ipharadesi. UJesu wasiyala ukuba siwenze uze kuqala ekuphileni kwethu. Kufanele sibe izikhonzi ezinjengezimvu ukuze siphile ngaphansi kokubusa kwawo. (Math. 6:10, 33) Lisebenzise ngokugcwele ithuba lokujabulela izibusiso zawo.