Kungani Kufanele Sigcine Umbhalo Wabangekho Ekhaya?
1 Umbhangqwana othile ongoFakazi waya enkonzweni yasensimini ekuseni. Kamuva ngalo lolo suku, waphindela kulabo ababengekho ekhaya kuleyo nsimu. Enye indoda yabangenisa futhi yalalela ngokucophelela. Yathatha incwadi ethi Ungaphila Phakade futhi yabuza ukuthi babezobuya yini oFakazi. Yayingakaze ikhulume noFakazi BakaJehova ngaphambili futhi yayinemibuzo eminingi eyayifuna ukuphendulelwa yona; kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Lo mbhangqwana wawuchichima injabulo ngokuthola umuntu onjalo onjengemvu. Ungathanda yini ukuba nokuhlangenwe nakho okunjalo? Ukugcina umbhalo okahle wabangekho ekhaya nokuphindela ngokushesha kungase kwenze kube nokwenzeka ngawe ukuba ube nako.
2 Siye sanxuswa ngokuphindaphindiwe ukuba sigcine umbhalo oqondile wabangekho ekhaya bese siphindela ngokushesha. Njengoba okuhlangenwe nakho okungenhla kubonisa, ukuphindela ngalo lolo suku kungase kube nemiphumela emihle. Nakuba singase sibe magange ukuhlanganisa insimu esiyabelwe, mhlawumbe asikukhuthalele kangako ukugcina umbhalo walabo abangekho ekhaya. Abanye bathi: ‘Insimu yethu siyisebenza njalo emasontweni amabili noma amathathu; asikho isidingo sokugcina umbhalo onjalo ngoba kakade sizobuya ngokushesha.’ Kodwa lokho kusinika isizathu esengeziwe sokugcina umbhalo. Lapho insimu ihlanganiswa njalo, ukuphindela kulabo abebengekho ekhaya kwenza sibacingisise abafanelekayo. Kanjani?
3 Ezindaweni eziningi, izakhamuzi ezingamaphesenti angu-50 noma ngaphezulu azibibikho ekhaya phakathi nosuku. Ngakho, empeleni, senza kube nensimu eyengeziwe uma sigxila ngokwengeziwe kwabangekho ekhaya. Ngisho noma insimu ingasetshenzwa njalo, singaba nemiphumela ethé thuthu lapho senza umzamo wokufinyelela wonke umuntu ngaphambi kokuphawula insimu njengesetshenziwe.
4 Ukuphindela kwabangekho ekhaya ngokuvamile kungahlelelwa olunye usuku, futhi kungangcono kube phakathi nalelo sonto. Abaningi bakuthola kungcono ukuphindela ngosuku nangesikhathi esihlukile kunaleso okwenziwa ngaso ukuhambela kokuqala. Ungase ukhethe ukusebenzisa isikhathi esithile ngoMgqibelo noma ngeSonto ukuze uphindele kwababengekho ekhaya phakathi nesonto. Kanti, amabandla amaningi athola ukuthi ukuya kwabanjalo lapho kuqala ukuhlwa kuye kwaba nemiphumela emihle. Bangase bathole izakhamuzi ezingaphezu kwengxenye zisekhaya.
5 Kufanele wenze uhlu lwezimpindelo embhalweni ozenzele wona. Uma ungenakukwazi ukuphindela lapho bekungekho muntu khona ekhaya, umbhalo wakho wabangekho ekhaya kufanele uwunike umzalwane ohola iqembu lakuleyo nsimu, ukuze usetshenziswe iqembu elilandelayo elisebenza kuleyo nsimu.
6 Ukusinakekela ngokwengeziwe lesi sici senkonzo yethu kungasenza sikhiqize ngokwengeziwe futhi sibe nenjabulo eyengeziwe. Kungasinika ukwaneliseka okubangelwa ukwazi ukuthi siyacingisisa futhi sinakekele abanjengezimvu.—Hez. 34:11-14.