Phindela Kubo Bonke Abantu Obahambisele Izincwajana
1 Umphostoli uPawulu watusa abantu baseFilipi ngoba ‘bavuselela ukumcabangela kwabo.’ (Fil. 4:10) Uma silingisa isibonelo sabo enkonzweni yasensimini, ‘siyovuselela ukubacabangela kwethu’ labo esifakaza kubo futhi siyoshukumiseleka ukuba senze izimpindelo.
2 Uma wahambisa incwajana ethi “UHulumeni Oyoletha IPharadesi,” ungasho okuthile okunjengalokhu:
◼ “Bengicabanga ngengxoxo esaba nayo ngaloluya suku, kwase kufika imibhalo emibili engqondweni yami engingathanda ukuyihlanganyela nawe. Kungenzeka usakhumbula ukuthi saxoxa ngokuthatha kukaNkulunkulu izintambo zokubusa umhlaba. EBhayibhelini, uJehova uNkulunkulu uye wathembisa ukuthi lokhu kuzokwenzeka. [Funda uDaniyeli 2:44.] Uyakholelwa ukuthi lokho kungenzeka ngempela? [Lindela impendulo.] Lalela lokho uNkulunkulu akushoyo ngekhono lakhe lokugcwalisa izithembiso zakhe. [Funda u-Isaya 55:11.] Ingabe akufanele lokho kusikhuthaze ukuba sibeke ithemba lethu eMbusweni kaNkulunkulu? Kodwa uNkulunkulu uzozigcwalisa nini izithembiso zakhe?” Chaza ukuthi lowo mbuzo uzowuphendula ekuhambeleni kwakho okulandelayo.
3 Ungase usebenzise lendlela lapho wenza impindelo kumuntu owathatha incwajana ethi “Lapho Ufelwa Othandekayo”:
◼ “Ngenze umzamo okhethekile wokuba ngibuye, ngenxa yengxoxo esaba nayo ngokuphathelene nokulahlekelwa othile ngokufa.” Veza umfanekiso osekhasini 30 njengoba uthi: “Uyawukhumbula lomfanekiso obonisa ukujabula kwabantu abavusiwe futhi behlanganiswa nabathandekayo babo? Ngakushiya nombuzo omayelana nokuthi lokhu kuzokwenzeka kuphi, ezulwini noma emhlabeni. Mhlawumbe uyitholile impendulo yeBhayibheli esekhasini 26 lalencwajana.” Xoxani ngamaphuzu ayinhloko asesigabeni sesithathu kuya kwesesihlanu, bese nifunda uJohane 5:21, 28, 29. Uma isikhathi sivuma, funda noma imiphi imibhalo esasele kulelo khasi.
4 Ingabe uqale isifundo ngencwajana ethi “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha”? Lapho uphindela, ungenza lokhu:
◼ Bhekisela futhi ekhasini 30, bese ufunda umbuzo othi: “Livelele ngaziphi izindlela iBhayibheli?” Vula amakhasi 3 no-4, bese nibukeza izigaba 1-4 kanye nomfanekiso osesembozweni sencwajana. Funda umbhalo owodwa noma emibili ekhonjwe embhalweni waphansi osesigabeni 4. Chaza ukuthi iBhayibheli liwukuphela kwencwadi enikeza ithemba elinjalo elimangalisayo. Yenza amalungiselelo okuhambela kwakho okulandelayo. Ngemva kokuhambela kwesithathu, uma kubonakala sengathi isifundo sizoqhubeka, ungaqala ukubika isifundo esisha!
5 Ungaqhuba ingxoxo ngethi “IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade” ngalendlela:
◼ “Ngaphambili, ngakubonisa igama likaNkulunkulu eBhayibhelini. Ukwazi nokusebenzisa igama likaJehova kuyingxenye ebaluleke kakhulu ekukhulekeleni kwethu.” Vula ikhasi 31, bukeza amaphuzu ayinhloko asezigabeni ezine zokugcina, bese ufunda uJohane 17:3 noMika 4:5. Chaza ukuthi sinelungiselelo lesimiso sesifundo seBhayibheli esingabonisa indlela igama likaNkulunkulu eliyongcweliswa ngayo ngendlela efanele nanokuthi thina singazijabulela kanjani izibusiso zomhlaba oyipharadesi.
6 Ngakho, vuselela ukubacabangela kwakho labo oye wahlangana nabo. Phikelela ekubuyeleni, futhi ulungiselele okuthile okuzuzisayo ongakuhlanganyela nabo. Ungaba omunye “osithelayo ngempela isithelo” ekwenzeni abafundi abasha.—Math. 13:23.