Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/96 k. 2
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokuloba Izincwadi
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Ukuxhumana Ngokubhalelana
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Incwadi Eyisibonelo
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 11/96 k. 2

IBhokisi Lemibuzo

◼ Yini okufanele siyikhumbule lapho sibhalela abaninikhaya esingabatholi ekhaya izincwadi?

Ngenxa yezizathu ezihlukahlukene, siya sikuthola kuba nzima ngokwengeziwe ukuxhumana nabantu lapho sibavakashele emizini yabo. Abanye abamemezeli baye bathola ukuthi ukubhala izincwadi kuyindlela ephumelelayo yokubafinyelela. Nakuba lokhu kungaba nemiphumela emihle, kunesidingo sokucabangela ezinye izikhumbuzo ezingasisiza ukuba sigweme izinkinga ezithile:

Ungabhali ikheli leNhlangano njengokungase kubhalelwe kulo. Lokhu kungabonisa ngokungafanele ukuthi incwadi yathunyelwa ihhovisi lethu, kudale izinkinga ezingadingekile futhi ngezinye izikhathi nezindleko ezengeziwe.

Qikelela ukuthi unekheli eliqondile lomninikhaya kanye nezitembu ezanele.

Incwadi ungayibhali ukuthi “Kumninikhaya”; sebenzisa igama eliqondile.

Izincwadi ungazishiyi emnyango uma kungekho muntu ekhaya.

Zingcono kakhulu izincwadi ezimfushane. Faka ipheshana noma umagazini encwadini kunokuba uzame ukubhala isigijimi eside.

Kulula ukufunda izincwadi ezibhalwe ngomshini futhi zinikeza umbono omuhle.

Izincwadi azibalwa njengezimpindelo ngaphandle kwalapho wena siqu uye wanikeza ubufakazi kumninikhaya esikhathini esingaphambili.

Uma ubhalela umuntu owabonisa isithakazelo ngaphambili, kufanele ubhale ikheli noma inombolo yocingo ukuze akwazi ukukuthinta. Mchazele ngesimiso sethu sokutadisha iBhayibheli.

Mmemele emihlanganweni yebandla lasendaweni. Mnikeze ikheli nezikhathi zemihlangano.

Ungaqhubeki uthumela izincwadi kubantu abebengekho emakhaya ngemva kokuba insimu isidluliselwe komunye; ummemezeli ophathiswe leyo nsimu okwangaleso sikhathi unomthwalo wemfanelo wokuyisebenza.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela