Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/02 k. 3
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incwadi Eyisibonelo
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Ukuxhumana Ngokubhalelana
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indlela Yokuloba Izincwadi
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 5/02 k. 3

IBhokisi Lemibuzo

◼ Kungani kunesidingo sokuqapha lapho sifakaza ngeposi?

Sekuyisikhathi eside ukufakaza ngeposi kuyindlela ephumelelayo yokuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye. Nokho, izenzakalo zezwe zamuva ziye zenza ukuba abantu bakuxwaye ukuvula izincwadi abangazazi. Ngokuvamile izincwadi ezivela kumuntu ongaziwa noma ezingabhaliwe emvilophini ukuthi zivelaphi, ziyasolisa, ikakhulukazi uma zibhalwe ngesandla futhi zibonakala ziqumbile. Abaninikhaya bangase bazilahle bengazivulanga nakuzivula. Singakuvimbela kanjani lokhu ukuba kungenzeki?

Uma kunokwenzeka kokubili incwadi nemvilophu makubhalwe ngomshini. Bhala igama lomninikhaya emvilophini. Musa ukubhala ukuthi “Kumninindlu.” Ngaphezu kwalokho, bhala nekheli lakho ngaso sonke isikhathi emvilophini. Uma kungekhona ukuhlakanipha ukubhala ikheli lakho siqu, bhala igama lakho nekheli leHholo LoMbuso. Ungathumeli izincwadi ezingabhaliwe ukuthi zivela kubani. Ningalokothi nisebenzise ikheli lehhovisi legatsha.—Bheka iBhokisi Lemibuzo le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-November 1996.

Okunye ukusikisela nencwadi eyisampula kungatholakala encwadini ethi, Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, amakhasi 71-3, uma isitholakala ngesiZulu. Lezi ziqondiso ziyosisiza ukuba sikusebenzise ngempumelelo ukubhala izincwadi ukuze sifinyelele abanye ngezindaba ezinhle.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela