Basha—Iyini Imigomo Yenu Engokomoya?
1 UJehova uyazi ukuthi umsebenzi onenjongo kanye nemigomo efinyelelekayo kubaluleke kangakanani ekuletheni injabulo. (Bheka uGenesise 1:28; 2:15, 19.) Namuhla, uJehova uye wanikeza abantu bakhe isabelo sokushumayela nokufundisa. Futhi sinomgomo wokuba ekugcineni sizuze ukuphila okuphakade ePharadesi. Okwamanje, kudingeka sizibekele imigomo ethuthukayo ukuze sigweme ukusebenzisa kabi amandla ethu nalokho esinakho.—1 Kor. 9:26.
2 Imigomo Efinyelelekayo Yabantu Abasha: Intsha kufanele ibe nemigomo engokwasezulwini efinyelelekayo kuye ngokwamandla omuntu ngamunye. (1 Thim. 4:15) Abanye abasebancane kakhulu baye bafinyelela umgomo wokusho ngekhanda izincwadi zeBhayibheli ngisho nangaphambi kokufunda ukufunda. Ngesifundo somkhaya, izingane zifunda ukulungiselela imihlangano ukuze zikwazi ukufinyelela imigomo yokunikeza izimpendulo ezizuzisayo futhi zibhalise eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Lapho izingane zihamba nabazali bazo enkonzweni yasensimini, zifunda ukuhlanganyela ekunikezeni ubufakazi njengoba zithuthukela emgomweni wokuba abamemezeli abangabhapathiziwe. Abazali kufanele babekele izingane zabo umgomo wokuzinikezela nobhapathizo.
3 Uma sewevile eshumini nambili, imigomo yakho engokomoya ihlanganisani? “Khumbula uMdali wakho” ngokugxila emigomweni ebaluleke ngempela ekuphileni. (UmSh. 12:1; IHu. 71:17) Kungani ungabi iphayona elisizayo ngezinyanga zokuvalwa kwezikole? Uke wacabanga yini ngokungenela inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona elivamile? Kuthiwani ngokufunda ulimi olusha ukuze esikhathini esizayo ukwazi ukusiza iqembu noma ibandla elisendaweni yakini noma kwenye indawo labantu abakhuluma olunye ulimi? Abaningi manje abakhonza eBethel noma njengababonisi abajikelezayo noma izithunywa zevangeli babeka inkonzo ekhethekile yesikhathi esigcwele njengomgomo wabo lapho besesesikoleni. Kungani nawe ungenzi okufanayo?
4 Nakuba usemncane, lwela ukulingisa isibonelo sikaJesu. Ngisho nalapho eneminyaka engu-12, wayekhuluma ngokungesabi ngezinto ezingokomoya. (Luka 2:42-49, 52) Ukuzibekela imigomo ezuzisayo yesifundo somuntu siqu, ukufunda iBhayibheli nsuku zonke, nokuba nobudlelwane njalo namaKristu avuthiwe emihlanganweni yebandla nasenkonzweni kuyokusiza ukuba uzuze ikhono lokufundisa abanye ngoMbuso kaNkulunkulu ngendlela uJesu enza ngayo.