Ulwazi Oluvela KuNkulunkulu Luphendula Imibuzo Eminingi
1 Ngaphambi Kokuba Ufinyelele Ulwazi Olunembile Lweqiniso, Cishe Wawunemibuzo Eminingi Ngokuphila Owawungakwazi Ukuyiphendula. Yeka Indlela Owajabula Ngayo Lapho Uthola Izimpendulo Ezisekelwe Ebhayibhelini Zaleyo Mibuzo! Manje Usuyakwazi Ukusiza Abantu Ukuba Bathole Lezo Zimpendulo. (qhathanisa Neyesi-2 Thimothewu 2:2.) Ungahlanganyela Nabo Ulwazi NgoNkulunkulu Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. (Joh. 17:3) Kodwa Ungamsiza Kanjani Omunye Umuntu Ukuba Aqaphele Ukubaluleka Kwalolu Lwazi? Cabanga Ngemibuzo Iqiniso Elikuphendulele Yona. Yini Labo Abafuna Iqiniso Abanesifiso Sokuyazi? Ukucabanga Ngalokhu Kungakusiza Ukuba Uhambise Incwadi Ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Ukusikisela Okulandelayo Kungakusiza Lapho Ulungiselela Ukunikeza UbuFakazi Ngo-June.
2 Njengoba abantu abaningi bezibuza ukuthi kungani kunokuhlupheka okuningi kangaka emhlabeni, lendlela ingase ithole ukusabela okuhle:
◼ “Lapho kugadla inhlekelele noma kwanda izenzo zobugebengu nobudlova, ngokuvamile abantu bayabuza ukuthi kungani zenzeka lezi zinto ezibuhlungu. Ubungabaphendula kanjani?” Lindela impendulo yomuntu bese umbonga ngempendulo yakhe. Vula isahluko 8 encwadini Ulwazi, bese udonsela ukunakekela kulokho okushiwo esigabeni 2. Chaza ukuthi lencwadi inikeza incazelo yeBhayibheli yokuthi kungani kwenzeka izinto ezimbi, bese uthi: “Ngingakujabulela ukukushiyela lencwadi ngomnikelo ka-R4,00.”
3 Lapho uphindela kumuntu owamhambisela incwadi “Ulwazi,” ungase uthi:
◼ “Siyangithakazelisa isiphetho ofinyelele kuso ngokuthi kungani kunokuhlupheka okuningi kangaka emhlabeni. Ingabe uyavumelana nempendulo yeBhayibheli njengoba ishiwo kulencwadi?” Lindela impendulo. Funda isigaba 17 ekhasini 77 lencwadi Ulwazi, bese usikisela ukufunda eyabaseRoma 9:14 eBhayibhelini lomninikhaya. Yibe usuthi: “Izindaba ezinhle ziwukuthi uNkulunkulu akabubangeli ubuhlungu nokuhlupheka ngokungafanele. Uthembise ukusinika ukuphila okumi phakade okunokuthula nenjabulo. Isahluko sokuqala salencwadi sinesihloko esithi ‘Ungaba Nalo Ikusasa Elijabulisayo!’ Ngingathanda ukukuchazela ukuthi kungenzeka kanjani lokho kuwe nakobathandayo.” Vula isahluko 1, bese umbonisa indlela efundwa ngayo. Hlanganisani ingxenye enkulu yesahluko kuye ngezimo.
4 Ungase ukhethe ukusebenzisa isethulo esisekhasini 12 encwadini “Ukubonisana,” ngaphansi kwesihloko esithi “Ukuguga/Ukufa”:
◼ “Ingabe wake wazibuza ukuthi ukufa kuwukuphela kwakho konke yini? Noma ingabe kukhona okunye ngemva kokufa? [Lindela impendulo.] IBhayibheli liphendula noma imuphi umbuzo esingase sibe nawo ngokufa. [Funda UmShumayeli 9:5, 10.] Libonisa nokuthi kunethemba langempela kubantu abanokholo. [Vula ikhasi 84 isigaba 13 encwadini Ulwazi; funda bese uchaza amazwi kaJesu atholakala kuJohane 11:25.] Lesi sahluko sonke siphendula lombuzo othi, Yini eyenzekayo kwabathandekayo bethu abafile? Uma ungathanda ukuyifunda, ngingakushiyela lena ngomnikelo ka-R4,00.”
5 Lapho wenza impindelo, ungase uvuselele ubungane bese uthi:
“Esikhathini esidlule sakhuluma ngalokho okwenzekayo lapho umuntu efa. Abantu abaningi bakholelwa ukuthi noma ikuphi ukuphila ngemva kokufa kuyoba sezulwini noma esihogweni. Kodwa wake wacabanga yini ngokuthi abafileyo bangaphinde baphile khona lapha emhlabeni? [Lindela impendulo.] NgokweBhayibheli, abavusiwe bayoba phakathi kwalabo abayozuza ifa lomhlaba. [Funda iHubo 37:11, 29, bese nixoxa ngesigaba 20 esisekhasini 88 lencwadi Ulwazi.] Lelo themba liye laduduza izigidi zabantu abaphila ngokwesaba ukufa. Lencwadi izokusiza ukuba uqonde lendaba kangcono. Ngingakubonisa yini ukuthi kanjani?”
6 Uma ukhetha intshumayelo elula, ungase uzame lena:
“Ngingathanda ukukubonisa umfanekiso okulencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Awumuhle yini lomfanekiso?” Vula incwadi ukuze umninikhaya abone amakhasi 4-5. Lindela impendulo yakhe. Bese ufunda amazwi asekhasini 5. Phetha ngokuba uthi: “Lencwadi ungayithola ukuze uzifundele yona ngomnikelo omncane ka-R4,00.” Thola ukuthi yisiphi isikhathi esikahle ongabuya ngaso ukuze uzothuthukisa noma isiphi isithakazelo esibonisiwe.
7 Sinolwazi oluvela kuNkulunkulu oluphendula yonke imibuzo ebalulekile yokuphila. Lungiselela ngobuqotho, futhi uJehova uyoyibusisa imizamo yakho yokuhlanganyela lokhu kwaziswa okuletha ukuphila nabanye abafuna iqiniso.