Omakhelwane Bethu Badinga Ukuzwa Izindaba Ezinhle
1 Kuyintando kaNkulunkulu “ukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:4) Amazwi athi “zonke izinhlobo zabantu” ahlanganisa bonke omakhelwane bethu. Ukuze sibafinyelele ngezindaba ezinhle, kudingeka sisebenzise izintshumayelo ezihlukahlukene futhi sikhathalele lokho okungase kuthakazelise kumuntu ngamunye esihlangana naye. (1 Kor. 9:19-23) Inhlangano kaJehova iye yalungiselela amathuluzi angasisiza ukuba sifinyelele izinhliziyo zalabo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade.’ (IzE. 13:48) Ake sibone ukuthi singazisebenzisa kanjani izincwajana ezihlukahlukene ezingangomagazini phakathi no-July no-August ukuze sihlangabezane nezidingo ezingokomoya zomakhelwane bethu.
2 Izincwajana Ezihanjiswayo: Ohlwini olungezansi uzothola ukusikisela okungase kube usizo lapho uhambisa izincwajana ezithile. Ukusikisela ngakunye kuhlanganisa (1) umbuzo oshukumisa ingqondo wokuqala ingxoxo, (2) isikhombo esibonisa lapho ungawathola khona amaphuzu ongawakhulumela encwajaneni, kanye (3) nombhalo ofanelekayo ongafundwa phakathi nengxoxo. Ungaqedela intshumayelo ngamazwi akho, kuye ngokusabela kwalowo muntu. Kweziningi zalezi zincwajana, kuboniswe INkonzo Yethu YoMbuso yangaphambili ongathola kuyo intshumayelo eningiliza kakhudlwana yaleyo ncwajana.
Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
Ucabanga ukuthi kunaliphi ithemba ngokuphathelene nokusizwa kwabantu abaye baxhashazwa?—Amakhasi 27-8, izigaba 23-7; Isaya 65:17, 18; km-ZU 7/97 k. 4.
Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?
Kungani abantu abaningi kangaka namuhla bebonakala benganelisekile ngokuphila kwabo?—Amakhasi 29-30, izigaba 2, 25-6; IHu. 145:16; km-ZU 7/96 k. 4.
Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!
Ingabe wake wazibuza ukuthi uJesu Kristu wenzani manje?—Imifanekiso 41-2; IsAm. 11:15; km-ZU 8/96 k. 8.
UHulumeni Oyoletha IPharadesi.
Ungathanda yini ukwazi ngoMbuso uJesu asifundisa ukuba siwuthandazele?—Ikhasi 3; Math. 6:9, 10; km-ZU 8/96 k. 8.
Lapho Ufelwa Othandekayo.
Wake wazibuza yini ukuthi ungamduduza kanjani umuntu oshonelwe umuntu abemthanda?—Ikhasi 26, izigaba 2-5; Joh. 5:28, 29; km-ZU 7/97 k. 4.
Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
Ingabe ukuqonda kwethu isimo sangempela sikaNkulunkulu kubalulekile ngokuqondene nekusasa lethu?—Ikhasi 3, izigaba 3, 7-8; Joh. 17:3.
3 Ezinye Izincwajana: Isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso yango-February 1998 sinohlu lwezinye izincwadi, kuhlanganise nezincwajana, eziklanyelwe ngokukhethekile ukusetshenziswa ekufakazeni kumaBuddha, amaHindu, amaJuda namaSulumane. Noma kuphi lapho kufaneleka, lezi zincwajana zingase zihanjiselwe abantu esihlangana nabo. Ungabukeza ukusikisela okusemakhasini 4-6 aleso senezelo kanye namakhasi 21-4 encwadini Ukubonisana futhi wakhe izintshumayelo ezimfushane ezingase zivuse isithakazelo kulaba bantu.
4 Kuye kwalungiselelwa nenye incwajana ukuze kusizwe abantu okungenzeka bafundile impela kodwa abangenalwazi olutheni ngeBhayibheli. Iklanyelwe ukubashukumisela ukuba bafune ukulihlola iZwi likaNkulunkulu. Lapho kufaneleka, ungase ukhethe ukuhambisa lezi zincwajana ezilandelayo:
Incwadi Yabo Bonke Abantu.
Uyavuma yini ukuthi ukuthola imfundo esabalele kahle kuhlanganisa nokuthola ulwazi oluthile ngalokho okuqukethwe iBhayibheli?—Ikhasi 3, izigaba 1-3 nekhasi 30, isigaba 2; UmSh. 12:9, 10.
5 Incwajana Yesifundo SeBhayibheli: Umgomo wethu enkonzweni kufanele ngaso sonke isikhathi ube ukuqala isifundo seBhayibheli, kungaba sekuhambeleni kokuqala noma lapho siphindela. Ukuze sifeze lokho, sinale ncwajana elandelayo esebenziseka kalula yokuqala nokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya:
Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
Bewazi yini ukuthi ngemizuzu engu-30 noma ngaphansi kwalokho ngesonto, emasontweni angu-16 ungabe usunokuqonda okuyisisekelo kweBhayibheli?—ISifundo 2, isigaba 6; 2 Thim. 3:16, 17; km-ZU 3/97 k. 4.
6 Emfanekisweni womSamariya olungileyo, uJesu wakwenza kwacaca ukuthi umakhelwane wangempela yilowo obonisa uthando nomusa ukuze asize omunye osenkathazweni. (Luka 10:27-37) Omakhelwane bethu basenkathazweni engokomoya. Badinga ukuzwa izindaba ezinhle. Ake sithwale lo mthwalo wokuzihlanganyela nabo, kanjalo sizibonakalise singabafundi bangempela bakaJesu Kristu.—Math. 24:14; Gal. 5:14.