Izinkulungwane Ezingamashumi Ayisithupha Nanhlanu!
Lelo inani labamemezeli esingathanda ukulibona libika eNingizimu Afrika ngo-August 1998. Emazweni angomakhelwane, singathanda ukubona abamemezeli abangu-1200 bebika eBotswana, abangu-2400 eLesotho, abangu-1000 eNamibia, abangu-165 eSt. Helena nabangu-2000 eSwazini. Ingabe akhona amathuba okufinyelela lawo manani? Yebo akhona! Ukubalwa kwamuva kwamabandla eNingizimu Afrika kubonisa ingqikithi yabamemezeli abangu-68 451. Nokho, inani eliyingqopha-mlando eNingizimu Afrika laba ngo-January 1998 lapho kwabika abangu-64-514. Singalidlula kanjani lelo nani eliyingqopha-mlando? Kungenziwa uma ummemezeli ngamunye ebandleni enza amalungiselelo aqondile okuhlanganyela enkonzweni ngo-August abese ewubika ngokushesha lowo msebenzi. Njengoba izinsuku ezimbili zokuqala zenyanga kuwuMgqibelo neSonto, futhi amabandla amaningi eyobe eqala umkhankaso wensimu engabelwe, kungani ungahleli ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini kusukela ngaleyo mpelasonto? Uma uzobe usemhlanganweni wesifunda noma wosuku olukhethekile, ungase ukwazi ukushumayela ngokwethukela ngaleyo mpelasonto bese uhlanganyela enkonzweni yasensimini nebandla ngempelasonto elandelayo. Uma siqala ekuqaleni kwenyanga, ngeke sihluleke ukusebenza isikhathi esithile emsebenzini wokufakaza ngo-August. Unobhala nabaqhubi bezifundo zencwadi kufanele baqiniseke ukuthi embikweni wango-August akuhlanganiswa imibiko yango-August kuphela kodwa nemibiko ephuze ukufika yezinyanga ezidlule. Ngomzamo wokubambisana, kufanele sibe nenani elisha labamemezeli eliyingqopha-mlando elidlulela ngalé komgomo ka-65 000, okuyobe kuqala ngqá eNingizimu Afrika, kanye namanani amasha aphakeme emazweni angomakhelwane. Yeka ukuthi lokho kuyoba udumo olungakanani kuJehova!—IHu. 47:1.