Ingabe U-August Uzoba Inyanga Ekhethekile?
1 Unyaka ka-1963 kwakuwunyaka okhethekile kubantu bakaJehova. Uyazi ukuthi kungani? Ngaleso sikhathi, inani labamemezeli emhlabeni wonke lafinyelela esigidini. Uma wawususeqinisweni ngaleso sikhathi, uzokhumbula indlela esasijabule ngayo ngokuba nabantu abaningi kangaka abashumayela isigijimi soMbuso! Manje, kunabamemezeli abayilelo nani e-United States kuphela. Nokho, inyanga ngayinye, ngokwesilinganiso eNingizimu Afrika abangu-4500 ababiki ukuthi baye bahlanganyela enkonzweni.
2 Yamukela Inselele: Ngo-August sifuna ukwenza umzamo wokufinyelela inani eliphakeme kunawo wonke labamemezeli abangu-65 000 eNingizimu Afrika. Uma imizamo yethu iphumelela, u-August uzoba inyanga ekhethekile ngempela! Singakufinyelela lokhu uma sonke senza ingxenye yethu.
3 Labo abahlela ukuya eholidini bangachitha isikhathi esithile enkonzweni ngaphambi kokuba bahambe. Hamba namapheshana, izincwajana ezingangomagazini noma omagazini ukuze unikeze ubufakazi kubantu ohlangana nabo endleleni. Futhi, ungajabulela ukuhlanganyela enkonzweni nabamemezeli balapho uya khona.
4 Uma uxhwalile, usengakwazi ukuba nengxenye enkonzweni. Ungase ukwazi ukufakaza kodokotela, kubahlengikazi noma kwabakuvakashelayo. Mhlawumbe unganikeza ubufakazi ngencwadi noma ngocingo.
5 Akungabazeki ukuthi abanye bayolwazisa usizo ukuze bakwazi ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini ngo-August. Abadala, izinceku ezikhonzayo nabaqhubi bezifundo kufanele bahlele ukuba labo bantu banikezwe lolo sizo. Ungalokothi ukhohlwe ukufaka umbiko wakho wenkonzo yasensimini ngokushesha ekupheleni kwenyanga ukuze ubalwe njengommemezeli ngo-August.
6 Lazise Leli Lungelo: Inkonzo iyinto ‘enhle esiyiphathisiwe.’ (2 Thim. 1:14) Siyalazisa ilungelo esilinikeziwe lokushumayela izindaba ezinhle. (1 Thes. 2:4) Uma sicabangela yonke into uJehova asenzele yona, kufanele sishukumiseleke ukuba unyaka wonke sibe nengxenye eqhubekayo kulo msebenzi obaluleke kunayo yonke. Akufanele sivumele lutho ukuba lusiphazamise ekushumayeleni njalo. Kwangathi lo August singamenza inyanga ekhethekile enkonzweni kaJehova futhi sizimisele ukufakaza ngaye zinyanga zonke ngemva kwalokhu!—IHu. 34:1.