IBhokisi Lemibuzo
◼ Yiziphi izincwadi okufanele sizifunde nabasanda kuhlanganyela ngaphambi kokuba babhapathizwe?
Ngaphambi kokuba umuntu anikezele ukuphila kwakhe kuJehova futhi abhapathizwe, kufanele angenise ulwazi olunembile. (Joh. 17:3) Uyothola ukwaziswa akudingayo ngokutadisha kokubili incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? kanye nencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Ezimweni eziningi incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? iyona eyofundwa kuqala. Nokho, uma isifundo saqalwa ngencwadi Ulwazi, incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? kufanele ifundwe ngemva kokuba seyiqediwe incwadi. Kungani lokhu kudingeka?
Incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ibukeza izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli. Uma kuyiyona efundwe kuqala, iyonikeza umfundi ulwazi oluyisisekelo lwalokho okufunwa uJehova ukuze amjabulise. Uma kugcinwe ngayo, iyokwenza ukuba kubukezwe kahle lokho okufundwe encwadini Ulwazi. Kunoma ikuphi, khuthaza umuntu ofunda naye ukuba afunde imibhalo esekela indaba futhi azindle ngayo. Qikelela ukuba uqokomise izithombe, ngoba ziwusizo oluphumelelayo lokufundisa.—Bheka INqabayokulinda ka-January 15, 1997, amakhasi 16-17.
Lapho umuntu ofunda naye iBhayibheli eseqedile ukuzifunda zombili lezi zincwadi, angase akwazi ukuphendula yonke imibuzo abadala abayoyibukeza naye lapho elungiselela ubhapathizo. Uma kwenziwe kanjalo, kungase kungadingeki ukufunda naye nanoma iyiphi enye incwadi, nakuba umqhubi kufanele aqhubeke ebonisa isithakazelo esiqotho entuthukweni yakhe.—Bheka INqabayokulinda ka-January 15, 1996, amakhasi 14, 17.