Sebenzisa Incwadi Ethi Khulekela UNkulunkulu Ekuqhubeni Izifundo ZeBhayibheli
Incwadi ethi Khulekela UNkulunkulu iklanyelwe ukusiza abasanda kuhlanganyela ukuba bathuthuke eqinisweni futhi bajulise ukwazisa kwabo ngoJehova nangenhlangano yakhe. Ingafundwa nabantu abafundelwayo njengencwadi yesibili. INkonzo Yethu YoMbuso ka-June 2000, ikhasi 4, yachaza yathi: “Uma kusobala ukuthi umuntu uyathuthuka, nakuba ethatha kancane, nokuthi uya eba nokwazisa ngalokho akufundayo, khona-ke qhubeka nesifundo seBhayibheli ngencwadi yesibili ngemva kokuqeda incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? nencwadi ethi Ulwazi. . . . Kuzo zonke izimo, incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? nencwadi ethi Ulwazi yizona eziyofundwa kuqala. Isifundo seBhayibheli, izimpindelo nesikhathi esichithiwe kuqhutshwa isifundo kufanele kubalwe futhi kubikwe, ngisho noma umfundi ebhapathizwa ngaphambi kokuqeda incwadi yesibili.”
Obani abanye abangazuza ngokutadisha iBhayibheli ngencwadi ethi Khulekela UNkulunkulu? Sona leso sihloko saqhubeka sathi: “Uma kunabathile obaziyo abaye bafunda [incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?] nencwadi Ulwazi ngaphambili kodwa abangazange bathuthukele ekuzinikezeleni nasobhapathizweni, ungase uthathe isinyathelo sokuthola ukuthi abanakuthanda yini ukuvuselela isifundo sabo seBhayibheli.” Masenze umzamo okhethekile wokuqala izifundo ngencwadi ethi Khulekela UNkulunkulu nabantu abanjalo ngo-April nango-May.