Isimiso Esisha SoMhlangano Wesifunda
Yiziphi izinzuzo ezingokoqobo ozitholayo manje ngenxa yokuhamba noJehova? Ungamelana kanjani nesilingo sokuvumela iminako engeyona engokwasezulwini ukuba iminyanise izithakazelo zoMbuso zingabi yinto eza kuqala ekuphileni kwakho? (Math. 6:33) Ingabe ukuthola kunzima ukuhlukanisa okuhle kokubi ezweni elenza okubi kubonakale kulungile? (Heb. 5:14) La maphuzu ayodingidwa emhlanganweni wesifunda onesihloko esithi “Zuza Manje Ngokuhamba Ezindleleni ZikaNkulunkulu,” ozoqala ngo-September 1999.—IHu. 128:1.
Isici esisha ngoMgqibelo kulo mhlangano wesifunda kuyoba inkulumo ebonisa indlela okumelwe uMhlangano Wenkonzo uqhutshwe ngayo. Umbonisi wenu wesifunda uyowazisa amabandla ukuthi yini elungiselelwe ukuze bonke beze bezilungiselele ukuzojabulela isimiso ngokugcwele.
Ingxenye enesihloko esithi “Maphayona—Qaphelisisani Indlela Enihamba Ngayo” iyosibonisa ukuthi singakusebenzisa kanjani ukuhlakanipha nokulinganisela ukuze sithengisise ithuba lenkonzo yobuphayona. (Efe. 5:15-17) Isihloko esithi “Qaphelani Izindlela Ezibonakala Sengathi Zilungile” siyosifundisa ukuthi singaqiniseka kanjani ngezinto ezamukelekayo kuNkulunkulu kuzo zonke izici zokuphila. Inkulumo ethi “Indlela Iziprofetho Ezigcwalisekile Ezisithinta Ngayo” iyokwenza ukuba izingqondo zethu nezinhliziyo zilithande iZwi likaNkulunkulu. Inkulumo yeningi ethi “Izindlela ZikaNkulunkulu—Yeka Ukuthi Zizuzisa Kangakanani!” iyogcizelela izinzuzo ezingokoqobo ezitholakala manje ngokuhambisana nezindinganiso zikaJehova zokulunga.
Ingabe kuyisifiso sakho ukubonisa obala ngobhapathizo lwamanzi ukuthi ufuna ukuhamba ezindleleni zikaNkulunkulu njengomunye wezikhonzi zakhe ezizinikezele? Khona-ke, xoxa nombonisi owengamele ukuze kwenziwe amalungiselelo adingekayo.
Zenzele isinqumo sokungaphuthelwa yilo mhlangano wesifunda ofike ngesikhathi. Yiba khona kuso sonke isimiso sezinsuku ezimbili, ngoba “babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.”—IHu. 128:1.