Isimiso Esisha SoMhlangano Wesifunda
Kusukela ngo-September, isihloko sesimiso somhlangano wesifunda wezinsuku ezimbili sizothi “Gcina Imiyalo KaNkulunkulu Uphile.” (IzAga 4:4) Sizogcizelela ukuthi kungani ukulalela imiyalo kaNkulunkulu kungewona umthwalo osindayo. Ngaphezu kwalokho, sizobonisa ukuthi ukwenza intando kaNkulunkulu kukuletha kanjani ukuqabuleka nenjabulo yangempela kanye nethemba ngekusasa.—Math. 11:28-30; Joh. 13:17.
Labo abafisa ukubhapathizwa emhlanganweni, belalela umyalo kaKristu, kufanele bakhulume nombonisi owengamele, futhi uyokwenza amalungiselelo adingekayo.—Math. 28:19, 20.
Uchungechunge lwezinkulumo luyochaza ukuthi singalubonisa kanjani uthando ngoNkulunkulu nangabafowethu ngezindlela ezingokoqobo. (Joh. 13:34, 35; 1 Joh. 5:3) Kuyoba khona neseluleko esishukumisa inhliziyo esivela kumaHubo 19 no-119 kulesi simiso. Nakuba isiyalo esiphefumulelwe esikula mahubo sabhalwa eminyakeni eyizinkulungwane edlule, siyobona indlela thina esisizuzisa ngayo namuhla.
Inkulumo yeningi eyonikezwa umbonisi wesigodi inesihloko esithi “Mesabe UNkulunkulu Ugcine Imiyalo Yakhe.” (UmSh. 12:13) Inkulumo yokuphetha yombonisi wesifunda iyobonisa indlela intsha engathola ngayo okungcono kakhulu ekuphileni manje nokuthi kungani ingaqiniseka ngekusasa elimi phakade. Umbonisi wesigodi uyophetha isimiso ngokubala izinzuzo eziningi ezitholakala ngokuphila ‘ngomthetho wobukhosi’ wothando. (Jak. 2:8) Ngempela, lesi isimiso somhlangano okungekho muntu ongathanda ukuphuthelwa yiso!