Lingisa Ukungakhethi KukaJehova
1 UJehova uyabakhathalela abantu. Wamukela ngokungakhethi noma ubani owenza intando yakhe. (IzE. 10:34, 35) Lapho uJesu eshumayela kubantu, naye wayengakhethi. (Luka 20:21) Kudingeka silingise isibonelo sabo, njengoba kwenza uPawulu, owabhala: “Kukhona iNkosi efanayo phezu kwabo bonke, ecebile kubo bonke abayibizayo.”—Roma 10:12.
2 Ukumemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kubo bonke esihlangana nabo kuletha udumo kuNkulunkulu. Kumelwe siqhubeke sihlanganyela nabo bonke lesi sigijimi esimangalisayo, kungakhathaliseki ubuzwe babo, isizinda sezenhlalo, imfundo, ukuma okungokwezimali noma ukuvelela. (Roma 10:11-13) Lokhu kusho ukushumayela kubo bonke abayolalela—amadoda, abesifazane, abancane nasebekhulile. Kufanele singene kuyo yonke imizi ukuze sinikeze umninikhaya ngamunye ithuba lokuzwa iqiniso.
3 Yiba Nesithakazelo Kubo Bonke: Umgomo wethu uwukuxoxa nabo bonke esingase sibathole. Benalokhu engqondweni, abanye abamemezeli baye baphumelela ukufakaza kubantu emahhovisi odokotela, ezibhedlela, emakhaya asebekhulile, emahhovisi ezenhlalakahle nasezikhungweni ezivuselela izimilo zemilutha yezidakamizwa notshwala. Ngaphezu kwalokho, abamemezeli baye bafakaza kubangcwabi, kubaphathi nabeluleki basezikoleni, nasemajajini. Lapho ukhuluma nezikhulu, kuyafaneleka ukuba uzibonge ngezinkonzo eziwusizo ezizenzela umphakathi. Yiba nenhlonipho futhi ukhethe izihloko ezihambisana nesikhathi ezikhuluma ngokukhethekile ngohlobo lomsebenzi eziwenzayo kanye nezinkinga ezihlobene nawo.
4 Kwesinye isenzakalo udade wakwazi ukukhuluma nejaji ehhovisi lalo. Ngemva kwengxoxo enhle, ijaji lathi: “Uyazi ukuthi yini engiyithandayo ngoFakazi BakaJehova? Banezimiso ezinezisekelo eziqinile abangagudluki kuzo.” Kwanikezwa ubufakazi obuhle kulo muntu oyisikhulu esihlonishwayo.
5 Asikwazi ukufunda izinhliziyo zabantu. Nokho, ngokuxoxa nawo wonke umuntu esihlangana naye, sibonisa ukuba nokholo emandleni kaNkulunkulu okuqondisa umsebenzi wethu. Ngaphezu kwalokho, lokhu kubanikeza ithuba lokuzwa nokusabela esigijimini sethemba. (1 Thim. 2:3, 4) Masisebenzise isikhathi sethu ngokuhlakanipha futhi sizame ukulingisa ukungakhethi kukaJehova ngokufinyelela bonke abantu esingase sikwazi ukubafinyelela ngezindaba ezinhle.—Roma 2:11; Efe. 5:1, 2.