Bonisa Isithakazelo Esiqotho—Ngokungakhethi Lapho Ushumayela
1 Embonweni, umphostoli uJohane wabona ingelosi indiza emkhathini imemezela izindaba ezinhle zaphakade kubantu bazo “zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu.” (IsAm. 14:6) Ingabe siyasilandela isibonelo sale ngelosi ngokungakhethi lapho sishumayela? Singaqaphele, singase sibe nesimo sengqondo sokucwasa abantu. Isimo sethu sengqondo ngabantu esihlangana nabo singathonya indlela esethula ngayo izindaba ezinhle kubo. Ngakho-ke, kudingeka sibonise ukukhathalela kothando okuqotho kubantu besizinda esihlukile.
2 Cabangela Isimo Sensimu Yenu: Ingabe kunabafuduki noma ababaleki abahlala ensimini yenu? Kulula kakhulu ukubaziba. Thatha isinyathelo ubabingelele futhi uzethule kubo, uzame ukubazi kangcono. Ziyini izidingo zabo, bakhathazwa yini, yini abayesabayo, abayithandayo nabangayithandi? Lwela ukuvumelanisa intshumayelo yakho yesigijimi soMbuso nalezo zimo. (1 Kor. 9:19-23) Njengomphostoli uPawulu, kufanele sizizwe sinesibopho sokuhlanganyela izindaba ezinhle nabo bonke ensimini yethu, kuhlanganise nalabo abavela emazweni angaphandle, abanesizinda esihlukile, abakhuluma olunye ulimi, noma abacebile.—Roma 1:14, umbhalo waphansi we-NW.
3 Nokho, ungashumayela kanjani kothile okhuluma olunye ulimi? Yisebenzise kahle incwajana ethi Good News for People of All Nations. Ungase uphathe namapheshana noma izincwajana ngezilimi ezikhulunywa yiningi ensimini yenu. (Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-July 2003, k. 4, izig. 2-3.) Ngaphezu kwalokho, abanye abamemezeli baye benza umzamo wokufunda ukubingelela nokubeka intshumayelo emfushane ngezinye izilimi. Ngokuvamile abantu bahlabeka umxhwele lapho bezwa othile ezama ukukhuluma nabo ngolimi lwabo, ngisho nalapho kukuncane akushoyo, futhi lokhu kungase kubenze bakhangwe izindaba ezinhle.
4 Lingisa UJehova: Ngokuzama ukufinyelela abantu bezizinda ezihlukahlukene, silingisa uNkulunkulu wethu ongakhethi, uJehova, “ontando yakhe iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.”—1 Thim. 2:3, 4.