Ingabe Ungumuntu Onamahloni?
1 Asimangali uma sibona ingane encane isilunguza ngemva kukanina noma uyise. Ukuba namahloni kungokwemvelo uma useyingane. Ngisho nalapho sebebadala, abaningi banamahloni ngokwemvelo. Uma amahloni ephazamisa ukuhlanganyela kwakho enkonzweni, yini ongayenza?
2 Ukunqoba Amahloni: Kubalulekile ukunaka “umuntu osithekile wenhliziyo.” (1 Pet. 3:4) Julisa uthando lwakho ngoJehova nangomakhelwane wakho. Qiniseka ngokugcwele ukuthi ukufeza ukuthunywa kokushumayela kungenye yezindlela ezingcono kakhulu zokubonisa uthando lokuzidela. Yiba nesimiso esihle sesifundo somuntu siqu nokuya emihlanganweni. Thandaza njalo futhi ulucele ngokuqondile usizo lukaJehova. Ukholo oluqinile nokumethemba kuyokwenza uzethembe futhi ube ‘nesibindi esikhulu nangokwengeziwe sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.’—Fil. 1:14.
3 Yilwa nemizwa yokungafaneleki. Kubonakala sengathi uThimothewu kwadingeka enze lokho. UPawulu wakhuthaza uThimothewu ukuba ‘kungabikho muntu nanini obukela phansi ubusha bakhe,’ emkhumbuza ukuthi “uNkulunkulu akasinikanga umoya wobugwala, kodwa owamandla.” (1 Thim. 4:12; 2 Thim. 1:7) UJehova wamsebenzisa ngokugcwele uThimothewu, nawe uyokusebenzisa uma uqhubekela phambili umethemba ngokuphelele uNkulunkulu.—IHubo 56:11.
4 Ukucabanga ngombhalo weBhayibheli ofana noMathewu 10:37 kwasiza udade othile oluvalo lwakhe lwalumenza esabe umyeni wakhe ophikisayo. Njengoba ekhuthazela, inkonzo yaya iba lula kuyena, futhi ekugcineni umyeni wakhe, unina nabo bonke abafowabo balamukela iqiniso!
5 Kubalulekile Ukulungiselela: Ukuzethemba kwakho kuyokhula ngokuqhubekayo uma uyilungiselela ngokungashwampuluzi inkonzo. Khetha intshumayelo elula encwadini Ukubonisana noma emakhophini esikhathi esidlule e-Nkonzo Yethu Yombuso, yifundisise bese uyiprakthiza. Kunokukhathazeka ngokungadingekile, yiba nombono oqondile. Thola isibindi ngokusebenzelana eduze nabanye. Khumbula ukuthi abaningi oyobathola ezindlini nabo bayesaba njengawe. Wonke umuntu udinga isigijimi soMbuso.
6 Uma unamahloni, ungadangali. Njengoba uzikhandla, uJehova uyokusiza ukuba ube umshumayeli ophumelelayo wezindaba ezinhle. Khona-ke uyojabula enkonzweni yakho.—IzAga 10:22.