“Inkulungwane Entsha Yeminyaka—Likuphatheleni Ikusasa?”
1 Abantu bebelokhu becabanga ngalowo mbuzo emhlabeni wonke. Nakuba isintu siye safeza okuningi emakhulwini eminyaka adlule, abantu bayadumala ngoba izinkinga eziyisisekelo eziye zahlupha isintu izinkulungwane zeminyaka zisekhona. (Jobe 14:1; IHu. 90:10) Isintu singalitholaphi ikhambi?
2 Enyangeni ka-October no-November, sizoba nethuba elikhethekile lokunikeza omakhelwane bethu impendulo yalowo mbuzo. Kanjani? Ngokusakaza i-Kingdom News No. 36. Inesihloko esithi “Inkulungwane Entsha Yeminyaka—Likuphatheleni Ikusasa?” Engxenyeni yokuqala ka-October, sizohambisa omagazini be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Khona-ke kusukela ngoMsombuluko, ngo-October 16 kuya kuLwesihlanu ngo-November 17, sizogxila ekusakazeni i-Kingdom News No. 36. Phakathi nalo mkhankaso, sizogxila ekuhambiseni i-Kingdom News No. 36 phakathi nesonto. Ngezimpelasonto, sizoyihambisa kanye nomagazini bamuva.
3 Ingabe Uyohlanganyela Ngokugcwele? Abadala, izinceku ezikhonzayo, namaphayona kuzodingeka bahole kulo mkhankaso, njengoba bephambili kulo msebenzi. Abamemezeli abaningi baye balungisa izimo zabo ukuze babe ngamaphayona asizayo ngeyodwa noma ngazo zombili izinyanga zokusakazwa kwepheshana. Abanye bahlela ukuchitha isikhathi esengeziwe kunokuvamile enkonzweni.
4 Abaqhubi beSifundo Sencwadi Sebandla bangaba usizo ekukhuthazeni wonke amalungu eqembu labo ukuba ahlanganyele ngokugcwele ekusakazweni kwe-Kingdom News No. 36. Kungase kube nabamemezeli abangasahlanganyeli emsebenzini wokushumayela. Abadala kufanele babavakashele ukuze bathole ukuthi yini engenziwa ukuze basizwe. Mhlawumbe kungenziwa amalungiselelo okuba phakathi nalezi zinyanga ummemezeli onokuhlangenwe nakho ahambe nommemezeli osepholile ensimini. Kungenzeka ukuthi intshumayelo elula nje yokwethula i-Kingdom News No. 36 iyilokho okudingekayo ukuze kusizwe laba bamemezeli.
5 Leli kuyoba ithuba elihle futhi kubafundi beBhayibheli asebeyikhathula incwadi Ulwazi futhi asebefaneleka njengabamemezeli abangabhaphathiziwe ukuba baqale ukuhlanganyela enkonzweni. Ngisho nabasebancane bangaba nengxenye enhle kulo msebenzi ojabulisayo.
6 Kudingeka intshumayelo elula nje kuphela. Ungase uthi:
◼ “Ngiye nganikela ngesikhathi sami ukuze ngisize ekusakazeni lo myalezo obaluleke kakhulu kuyo yonke imizi lapha [yisho igama lendawo]. Le khophi eyakho. Ngicela uyifunde.” Kungase kube inzuzo ukuba ungasiphathi isikhwama sokushumayela lapho usakaza i-Kingdom News No. 36.
7 Imihlangano Yenkonzo Yasensimini Ehlelwe Kahle: Abadala kufanele baqiniseke ukuthi amalungiselelo okufakaza avumelana nezimo. Ikakhulukazi umbonisi wenkonzo kufanele aqiniseke ukuthi kunensimu eyanele yendlu ngendlu neyamabhizinisi ukuze bonke bahlanganyele ngokugcwele kulo msebenzi. Uma kungenzeka, kufanele kuhlelelwe imihlangano yenkonzo usuku ngalunye phakathi nesonto, izimpelasonto nezikhathi zakusihlwa. Kungase kwenziwe amalungiselelo okuhlangana ngezikhathi zantambama ukuze kuzuze abasesesikoleni, abasebenza amashifu nabanye.
8 Lokho Okumelwe Kwenziwe Ngokuqondene Nabangekho Emakhaya: Umgomo wethu uwukukhuluma nabaninikhaya abaningi ngangokunokwenzeka. Uma uthola kungekho muntu ekhaya, bhala ikheli futhi ubuye ngesinye isikhathi sosuku. Uma imizamo yakho yokuthola abaninikhaya ingaphumeleli kuze kube isonto lokugcina lomkhankaso, ungabashiyela ikhophi ye-Kingdom News No. 36 endaweni abantu abadlulayo abangeke bayibone kuyo. Abadala bebandla bangase bayaleze ibandla ukuba lishiye ikhophi ye-Kingdom News No. 36 ekuhambeleni kokuqala lapho kungekho muntu khona uma nisebenza insimu engabelwe noma esemaphandleni nakwezinye izindawo lapho kunensimu enkulu khona engeke ihlanganiswe phakathi nomkhankaso.
9 Masibe Matasa! Amabandla kufanele alwele ukuhlanganisa insimu yawo ngaphambi kokuphela komkhankaso ngo-November 17. Uma insimu yenu inkulu, abanye abamemezeli bangase basebenze ngabodwa uma lokhu kunengqondo futhi kuphephile. Leli lungiselelo liyokwenza kube lula ukuthola abafanelekayo abaningi ngangokunokwenzeka. Qinisekani ukuba nigcine umbhalo omuhle wabo bonke abathakazelayo abatholakele.
10 Abadala kufanele bakucabangele kusengaphambili ukuthi ibandla lizodinga omagazini abangaki abengeziwe bese beba-oda. Amaphayona akhethekile, avamile nasizayo azothola amakhophi angu-250 e-Kingdom News No. 36 umuntu emunye ukuba awasakaze, kanti abamemezeli bebandla bazonikezwa amakhophi angu-50 umuntu emunye. Khona-ke ingabe usukulungele futhi uzimisele ukuba matasa kulo msebenzi okhethekile? Yeka ilungelo esinalo lokwazisa bonke omakhelwane bethu lokho uNkulunkulu aye wathembisa ukukwenza maduze nje!