‘Okuningi Kokukwenza Emsebenzini WeNkosi’
1 Ngokuqinisekile sinesimiso esigcwele semisebenzi engokwasezulwini okumelwe sibheke phambili kuso ngo-April nango-May! Ngo-April 14 sizogubha iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Kufanele kukhuthazwe abantu abaningi ngangokunokwenzeka ukuba babe khona kulesosenzakalo esibalulekile: esisebenza nabo, izihlobo ezingakholwa, esifunda nabo esikoleni, abantu abasanda kuthakazela, nesifunda nabo iBhayibheli. Yenza uhlu lwalabo ohlela ukubamema ukuze bangabibikho abasalayo.
2 Ngesonto elilandela lelo siyokhuthaza bonke abebekhona eSikhumbuzweni ukuba balalele inkulumo yeningi ekhethekile ngo-April 23, enesihloko esithi, “Ukuphela Kwenkolo Yamanga Kuseduze.” Kwethenjwa ukuthi abaningi abathakazelayo abezwa lesisigijimi esingagwegwesi bayosibona isidingo sokuhlanganyela nebandla njalo, hhayi nje ngezikhathi ezikhethekile.
3 Kuyokhululwa I-Kingdom News Ekhethekile: Okuyobe kuvelele emhlanganweni ngo-April 23 ukukhululwa kwe-Kingdom News No. 34 efike ngesikhathi enamakhasi amane eyosakazwa kabanzi kuze kube u-May 14. Anivumi yini ukuthi kuyoba ‘nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi’ phakathi nalenkathi yeSikhumbuzo?—1 Kor. 15:58.
4 Ibandla ngalinye lizothunyelelwa i-Kingdom News. Amabhokisi anale-Kingdom News kufanele abekwe endaweni ephephile futhi akufanele avulwe kuze kube sekuphetheni kwesimiso ngo-April 23. Ngalesosikhathi i-Kingdom News iyotholakala ukuze inikezwe abazalwane nomphakathi. Ekuphetheni kwezimiso zemihlangano yebandla, imihlangano yesifunda, noma imihlangano ekhethekile yosuku olulodwa ngo-April 23, ngamunye wabakhona uyothola ikhophi ukuze ajwayelane nekuqukethe futhi akuhlomele ukuyisakaza.
5 Abadala Bayoba Nokuningi Kokukwenza: Zisuka nje kulenyanga izindikimba zabadala kufanele zihlangane ukuze zixoxe ngemininingwane yomkhankaso okhethekile. Amabandla kufanele azame ukuhlanganisa yonke insimu yawo ayabelwe. Ngaphambi kokuba umkhankaso uphele, yenzani umzamo okhethekile wokusebenza lawomasimu angazange ahlanganiswe ezinyangeni eziyisithupha ezidlule. Ngenxa yokubaluleka kwalomsebenzi, siyofuna ukuba nesikhathi senkonzo esiningi ngangokunokwenzeka esisibekela eceleni. Akungabazeki ukuthi abamemezeli abaningi kunangokuvamile bayobhalisa njengamaphayona asizayo. Cishe abaningi esifunda nabo iBhayibheli bayohlanganyela nathi njengabamemezeli abangabhapathiziwe abasanda kwamukelwa. Yeka isikhathi esijabulisayo esiyoba naso lapho sisebenza ndawonye emsebenzini weNkosi!
6 Abaqhubi beSifundo Sencwadi Sebandla kufanele benze amalungiselelo aqondile okufakaza kweqembu ngeMigqibelo nangamaSonto. Wonke umuntu kufanele akhuthazwe ukuba ahlanganyele ngentshiseko. Ngaphezu komsebenzi wangempelasonto, kufanele kuhlelwe ukufakaza kwakusihlwa okungenani kanye ngesonto phakathi nomkhankaso. Abanye bangase bafise ukuba nemihlangano yenkonzo ngemva kwesikole ukuze basize abasafunda esikoleni abangathanda ukuba nengxenye eyengeziwe.
7 Imihlangano yenkonzo yasensimini kufanele ihlelwe ngendlela yokuba abamemezeli namaphayona basheshe baqale enkonzweni usuku ngalunye. Lemihlangano kufanele ibe mifushane. Ngamunye kufanele uqokomise intshumayelo elula ye-Kingdom News. Imihlangano yenkonzo yantambama ingase ihlanganise nokusikisela okukodwa noma okubili kokwenza izimpindelo kulabo abamukele i-Kingdom News. Nokho, abanye abamemezeli bangase bathande ukuhlanganyela kulokhukusakaza ekuseni nantambama. Ngenxa yalokho, umbonisi wenkonzo uyofuna ukuqiniseka ukuthi insimu eyanele iyatholakala. Igama nekheli lawo wonke umuntu obonisa isithakazelo kufanele libhalwe embikweni wendlu ngendlu. Esikhaleni sokuphawuliwe kungase kubhalwe amaphuzu ayinhloko engxoxo emfushane. Lokhu kuyovula indlela yokwenza impindelo ngemva kwesonto noma inyanga.
8 Uma ibandla elithile lisiza elinye ukuba lihlanganise insimu yalo, amagama namakheli abantu abathakazelayo kufanele abuyiselwe ebandleni insimu engeyalo.
9 Bazali, ingabe abantwana benu basebenzela ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe? Kuye kwaphawulwa ukuthi kwamanye amabandla, abantwana abaziphethe kahle baye bahamba nabazali babo enkonzweni iminyaka eminingi, futhi lababantwana benza kahle kakhulu, nakuba bengakabi abamemezeli bezindaba ezinhle. Abazali kufanele bacabangele ukuthi abantwana babo bayalifanelekela ngempela yini lelilungelo. Abadala ababili bangaxoxa ngazo zonke izici nenhloko yomkhaya bese benquma ukuthi umntwana angabalwa yini njengommemezeli ongabhapathiziwe.—om-ZU kk. 99-100.
10 Bakhona yini abamemezeli ensimini yebandla lenu abangasashiseki ekunikeleni umhlatshelo wokudumisa kuJehova? (Heb. 13:15) Abanye abapholile kungenzeka baye banqotshwa ukudumazeka noma izinkathazo zokuphila, nakuba beqhubeka benamathele ezindinganisweni zeBhayibheli zokuziphatha. Ukuvakasha kobungane komunye wabadala kungabashukumisela ukuba babuye bahlanganyele njalo nebandla, futhi ngesikhathi esifanele, bavuselele umsebenzi wabo enkonzweni.
11 Bonke Abafanelekayo Bangahlanganyela Kulomsebenzi Ojabulisayo: Ingabe abanye benu bantwana noma nina eneve eshumini nambili nikuthola kunzima ukuhlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu? Kuthiwani ngani enisanda kuhlanganyela eninokuhlangenwe nakho okuncane kakhulu emsebenzini wokushumayela? Niyokuthola kujabulisa kakhulu ukusebenza ngale-Kingdom News ekhethekile! Okudingekayo nje intshumayelo emfushane.
Ungasho okuthile okunjengalokhu:
◼ “Kulenyanga sisakaza isigijimi esibalulekile emazweni angu-232 emhlabeni. Lesisigijimi sibalulekile ngoba sisinikeza isizathu esiqinile sokukholelwa ukuthi likhona ikhambi lezinkinga esibhekene nazo namuhla. Singathanda ukuba ube nekhophi yakho.”
Noma ungazama lokhu:
◼ “Kulenyanga izisebenzi zokuzithandela ezingaba yizigidi ezinhlanu zisakaza isigijimi esibalulekile ngezilimi eziningi. Silungiselelwe abantu abangathanda ukubona ukuphela kwezinkinga sonke esibhekene nazo namuhla. Lena ikhophi yakho.”
Lentshumayelo elula ingakufanela:
◼ “Sikhuthaza wonke umuntu ukuba afunde lesisigijimi esibalulekile esinesihloko esithi [funda isihloko se-Kingdom News]. Phawula lokho esikushoyo lapha ekhasini 2 ngokuqondene nezinkinga ezandayo . . . [funda umusho okhethiwe ku-Kingdom News]. Siyaqiniseka ukuthi uyokujabulela ukufunda ingxenye esele yalesisigijimi esifike ngesikhathi. Lena ikhophi yakho.”
12 Yiba nesithakazelo somuntu siqu kumuntu ngamunye owamukela i-Kingdom News. Khuluma ngokungasheshi nangokucacile; asikho isidingo sokusheshisa intshumayelo yakho. Sifuna ukuyenzisisa insimu yethu futhi sibone ukuthi bonke ababonisa isithakazelo sokufunda i-Kingdom News banikezwa ikhophi yabo. Uma kungekho muntu ekhaya, bhala embikweni wakho wendlu nendlu ngokucophelela ukuze ubuyele ngesikhathi esifanele uyonikeza umninikhaya i-Kingdom News. Le-Kingdom News ingasetshenziswa ekufakazeni kwasemgwaqweni lapho umuntu ebonisa isithakazelo sokuyifunda. Lamakhophi akufanele akhishwe ngokungakhethi njengokungathi angamaphepha okukhangisa. Kunalokho iya kubantu abadlulayo, futhi uchaze ukubaluleka kwesigijimi osiphethe. Sebenzisa le-Kingdom News lapho ufakaza ngokwethukela, njengalapho usendleleni, noma lapho ufakaza kubantu osebenza nabo phakathi nesikhathi sekhefu. Labo abavalelekile noma abanempilo ebuthaka ngandlela-thile bangawahambisa ezivakashini, kodokotela nakubahlengikazi, kwabathengisayo, nakwabanye abeza ekhaya labo.
13 Uyokwenza izimpindelo ezingaki phakathi nomkhankaso? Ngokungangabazeki eziningi kakhulu, njengoba bonke labo abaye babonisa isithakazelo kule-Kingdom News kufanele baphinde bavakashelwe. Ekuhambeleni kokuqala, kungcono ukukhulumela i-Kingdom News kuphela. Khona-ke, lapho uphindela, yenza ukukhulumela okumbalwa ngokuqondene nokufika ngesikhathi kwesigijimi esiku-Kingdom News. Lalela ngokucophelela njengoba umninikhaya eveza umbono wakhe ngalokho akufundile. Akushoyo kuyokusiza ukuba wazi ukuthi yimuphi umagazini wamuva okumelwe uwuhambise futhi mhlawumbe nendlela okumelwe ulungiselele ngayo izingxoxo ezengeziwe. Uma uthola ukusabela okuhle empindelweni, zama ukuqala isifundo seBhayibheli.—1 Kor. 3:6, 7.
14 “Umshikashika Wenu Awulona Ize”: Ingabe wonke lomsebenzi uyoba ofanelekile? UPawulu waqinisekisa abaseKorinte: “Umshikashika wenu awulona ize eNkosini.” (1 Kor. 15:58) Kuyo yonke leminyaka, imizamo yethu yokusakaza i-Kingdom News iye yabusiswa kakhulu. Omunye umbhangqwana owawuthuthela endlini eyabe ingenalutho wathola ikhophi endala ye-Kingdom News eshalofini. Yayiwukuphela kwento eyayishiyiwe kuyo yonke lendlu. Ngemva kokuyifunda, wathintana nebandla lakuleyondawo futhi wacela isifundo seBhayibheli. Waqala ukuba khona kuyo yonke imihlangano futhi kamuva wazwakalisa isifiso sokubhapathizwa. Mhlawumbe ikhophi oyishiyayo iyoletha imiphumela efanayo!—Bheka futhi i-Phaphama! ka-May 22, 1977 ikhasi 19.
15 Sinomsebenzi omkhulu ongaphambi kwethu. Umgomo wethu uwukuba ibandla ngalinye libe selisihlanganisile isabelo salo sensimu ngo-May 14 noma ekupheleni kwenyanga uma kudingeka ukuba isikhathi sokusakaza i-Kingdom News selulwe. Lamapheshana ahlelwe ngendlela yokuthi iphayona elivamile nelisizayo ngalinye lithole amakhophi angu-250 e-Kingdom News. Ummemezeli webandla ngamunye uyothola amakhophi afinyelela kwangu-50. Abamemezeli namaphayona kufanele bamukele amakhophi abangakwazi ukuwasakaza kuphela futhi kufanele babuyise noma yimaphi asalayo ukuze asetshenziswe abanye. Ukubambisana okuhle ngokuqondene nalokhu kuyoqinisekisa ukusakazwa okubanzi kakhulu ngangokunokwenzeka kwalesisigijimi esibalulekile. Uma ngenxa yokuba nensimu enkulu amanye amabandla eyobe engakayihlanganisi insimu yawo phakathi no-May futhi amakhophi esatholakala, kungase kube yinzuzo ukucela amabandla aseduze ukuba asize. Kwamanye amabandla isidingo singagcwaliswa khona ebandleni uma abamemezeli bandisa umsebenzi wabo ngokubhalisa njengamaphayona asizayo noma ngokuhlanganyela enkonzweni njalo.
16 Ukuze sifeze umsebenzi wethu kuyodingeka ukuzinikela kuJehova ngomphefumulo wonke. (Kol. 3:23) Kuhileleke ukuphila. Abantu abanakukwazi ukukushaya indiva okushiwo izimo zezwe namuhla. Isikhathi siyaphela. Kumelwe babhekane neqiniso lokuthi umuntu akanalo ikhambi lezinkinga zalelizwe. UNkulunkulu onekhambi. Labo abafisa ukuthola isibusiso sikaNkulunkulu kumelwe bathathe isinyathelo esiwujuqu, ngaphandle kokulibala, ngokuvumelana nezimfuneko zakhe.
17 Ekupheleni komkhankaso okhethekile ngo-May 14, ingabe siyophumula? Cha! Siyoqhubeka simatasa ngokuvumelana neseluleko sikaPawulu esiphefumulelwe.