Khazimulisa UJehova Ngemisebenzi Emihle
1 Lapho uzithola uvinjezelwe yisiphepho esinamandla, yeka ukuthi ukhululeka kanjani lapho uthola indawo yokukhosela! Uma ifudumele, iphephile ngaphakathi futhi uma abanikazi baleyo ndawo benomoya wokwamukela izihambi, uyakujabulela ukuhlala khona. Umsebenzi wokushumayela ngoMbuso uqondisa abantu endaweni enjalo yokucashela isimiso sikaSathane. Ingabe ukuziphatha kwethu kwansuku zonke kungabasiza abanye ukuba babone ukuthi ikhanga kangakanani le ndawo ephephile? Yebo, ngoba uJesu wathi abantu ‘babeyobona imisebenzi yethu emihle bese benika uBaba wethu osemazulwini inkazimulo.’—Math. 5:16.
2 Singaziphatha kanjani ukuze imisebenzi yethu idonsele abanye kuJehova nasenhlanganweni yakhe? Ngokuvumela amazwi kaJesu alotshwe kuLuka 6:31 no-10:27 ukuba alolonge ukuphila kwethu usuku ngalunye. Lokhu kuyosishukumisela ukuba sibonise abanye abantu ukucabangela kothando, kusehlukanise naleli zwe elingenamusa nelingenandaba.
3 Udade othile owayehamba ngesikebhe wabona owesifazane osemusha owayehlanziswa ulwandle kangangokuba akakwazanga ukunakekela umntanakhe. Lo dade wambhekela umntanakhe. Lapho lona wesifazane ebuza ukuthi wayengabonga ngani, lo dade wathi: ‘Ngicela ulalele oFakazi BakaJehova uma bephinda bekuvakashela.’ Lona wesifazane wenza kanjalo, futhi manje yena nomyeni wakhe bangoFakazi. Imisebenzi emihle yenza umehluko endleleni abasabela ngayo esigijimini soMbuso.
4 Kuhileleke Konke Ukuphila Kwethu: Ukuziphatha kwethu endaweni esihlala kuyo, lapho sisemsebenzini noma sisesikoleni nangezikhathi zokuzijabulisa kubangela abanye ukuba bazakhele umbono othile ngathi nangenkolo yethu. Khona-ke, kufanele sizibuze: ‘Abantu ababukele bangibheka kanjani mina nomkhaya wami? Ingabe omakhelwane babheka indlu yethu negceke njengokuhlanzekile nokunakekelwa kahle? Ingabe esisebenza nabo nesifunda nabo basazi njengabantu abafika ngesikhathi futhi abakhuthele? Ingabe abanye bathola ukugqoka kwethu kunesizotha futhi kuhloniphekile?’ Imisebenzi yethu emihle ingakwenza kukhange kakhulu kwabanye ukukhulekela uJehova.
5 UPetru waxwayisa ngokuthi amaKristu ayeyobhekana nokuhlekwa usulu. (1Pet. 4:4) Kufanele siqiniseke ukuthi ukuziphatha kwethu akubangeli izinkulumo ezihlambalazayo. (1Pet. 2:12) Uma imisebenzi yethu yansuku zonke ikhazimulisa uNkulunkulu esimkhulekelayo, khona-ke siyoba njengezibani eziphakanyiselwe phezulu, sikhange abanye ukuba bangene endaweni yokukhosela ephephile elungiselelwe nguJehova.—Math. 5:14-16.