Nikeza Ubufakazi Njengomakhelwane Omuhle
1 UJesu wathi ‘thanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’ (Math. 22:39) Ngokungangabazeki, ‘wenza okuhle’ kokholwa nabo, kodwa ungalusabalalisa yini uthando lwakho kubantu abahlala eduze nawe? (Gal. 6:10) Ngaziphi izindlela?
2 Ngokuba Uziveze: Ingabe omakhelwane bakho bayazi ukuthi unguFakazi? Uma kungenjalo, kungani ungayi kubo lapho usenkonzweni yasensimini? Ingase ikumangaze imiphumela! Noma, uma kuyokwenza uzizwe ukhululeke kakhudlwana, zama ukufakaza kubo ngokwethukela. Lapho uphandle, ungase ubabone egcekeni noma bezihambela emgwaqweni. Yiya kubo ngokumamatheka okubonisa umusa. Zama ukukhuluma ngezinkolelo zakho, usho ukuthi iHholo LoMbuso likuphi, nalokho okwenzeka khona futhi ubazise nganoma ubani omunye umakhelwane oba khona. Bamemele emihlanganweni. Zimisele ukunikeza ubufakazi bezindaba ezinhle ngokungashwampuluzi kubo bonke obaziyo.—IzE. 10:42; 28:23.
3 Ngokuziphatha Kwakho Okuyisibonelo: Ukuziphatha kwakho kobungane kusho okukhulu ngawe futhi kungase kuvule indlela yokunikeza ubufakazi. Futhi ‘kuhlobisa imfundiso kaNkulunkulu.’ (Thithu 2:7, 10) Babonise isithakazelo esiqotho omakhelwane bakho. Yiba nobungane futhi ubonise nokuqonda. Lihloniphe ilungelo labo lokuba bangaphazanyiswa futhi bangabangelwa umsindo. Uma omunye wabo egula, bonisa ukucabangela nesifiso sokusiza. Lapho umkhaya omusha uthuthela endaweni, yiya kuwo uwamukele. Izenzo ezinjalo zomusa zishiya umbono omuhle futhi ziyamjabulisa uJehova.—Heb. 13:16.
4 Ngokubukeka Komuzi Wakho: Ukuba umakhelwane omuhle kuhlanganisa nokunakekela umuzi wakho ukuze ubukeke kahle. Umuzi ohlanzekile nokhangayo, kuhlanganise negceke, uwubufakazi ngokwawo. Kodwa umuzi ongcolile noma onezinto ezilahliwe ezisakazeke egcekeni cishe uyokwenza ukuba isigijimi soMbuso singanakwa. Ngakho, kubalulekile ukugcina umuzi wakho, igceke nezimoto kuhlanzekile futhi kusesimweni esihle.
5 Ukubonisa ukukhathalela ngalabo abangaphandle kwebandla lobuKristu kubonisa uthando ngomakhelwane bakho. Ungaba yini umphumela? Kungenzeka ukuthi abanye ‘bayokhazimulisa uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yenu emihle abangofakazi bayo bokuzibonela.’—1 Pet. 2:12.