Ongase Ukusho Ngomagazini
INqabayokulinda Nov. 15
“Sijwayelene nenkulumo ethi, ‘UJesu wasifela.’ [Caphuna uJohane 3:16.] Wake wazibuza yini ukuthi ukufa komuntu oyedwa kungasisindisa kanjani sonke? [Lindela impendulo.] IBhayibheli liphendula kalula. Lesi sihloko esithi, ‘UJesu Uyasindisa—Kanjani?,’ sikucacisa kahle lokhu.”
Phaphama! Nov. 22
“Ingabe abantu benza konke okusemandleni abo ukuba bavikele imvelo? [Lindela impendulo.] Abaningi bazibuza ukuthi ukusekelana okuntekenteke kwezinto eziphilayo emhlabeni kuyoqhubeka yini kukhona phakade. Ngokujabulisayo, uNkulunkulu usiqaphe ngeso elibukhali lesi simo. [Funda uNehemiya 9:6.] I-Phaphama! ixoxa ngalokho ikusasa elikuphathele ukuphila emhlabeni.”
INqabayokulinda Dec. 1
“Ngalesi sikhathi sonyaka, abantu abaningi bamatasa baphana izipho futhi benza nezinye izenzo zomusa. Lokho kusikhumbuza uMthetho Wegolide. [Funda uMathewu 7:12] Ucabanga ukuthi kungenzeka yini ukuphila ngalowo mthetho unyaka wonke? [Lindela impendulo.] Lo magazini usinikeza okuningi esingacabanga ngakho kulesi sihloko esithi, ‘UMthetho Wegolide—Ingabe Usasebenza?’”
Phaphama! Dec. 8
IBhayibheli lithembisa ukuthi ngolunye usuku ngeke kusaba khona oyothi, ‘Ngiyagula.’ [Funda u-Isaya 33:24.] Ngokuvumelana naleso sithembiso, le-Phaphama! igxile esifweni esihlupha izigidi zabantu, abasha nabadala. Inesihloko esithi ‘Ithemba Kubantu Abahlushwa Isifo Sokuqaqamba Kwamalunga.’ Ngiyaqiniseka ukuthi uyothola lezi zihloko zinokwaziswa okuwusizo.”